سورة العاديات - Sûrah 100: Al-‘Adiyât - lokho okugijimayo

1. وَالْعَادِيَاتِ ضَبْحًا


Ngifunga ngalokho okugijimayo (amahashi) okukhefuzelayo.

2. فَالْمُورِيَاتِ قَدْحًا


Okukhipha umlilo.

3. فَالْمُغِيرَاتِ صُبْحًا


Amahashi ahlasela ekuseni.

4. فَأَثَرْنَ بِهِ نَقْعًا


Futhi ngifunga ngamahashi avusa uthuli.

5. فَوَسَطْنَ بِهِ جَمْعًا


Kanye nokufika lapho maphakathi beyisixuku.

6. إِنَّ الْإِنْسَانَ لِرَبِّهِ لَكَنُودٌ


Ngempela umuntu eNkosini yakhe akabongi.

7. وَإِنَّهُ عَلَى ذَلِكَ لَشَهِيدٌ


Futhi ngempela yena kulokho ungufakazi.

8. وَإِنَّهُ لِحُبِّ الْخَيْرِ لَشَدِيدٌ


Futhi ngempela yena usothandweni kakhulu lengcebo.

9. أَفَلَا يَعْلَمُ إِذَا بُعْثِرَ مَا فِي الْقُبُورِ


Ngakube akazi yini ukuthi ngenkathi kusakazwa lokho okusemangcwabeni.

10. وَحُصِّلَ مَا فِي الصُّدُورِ


Futhi kwenziwa kwaziwa lokho okusezifubeni.

11. إِنَّ رَبَّهُمْ بِهِمْ يَوْمَئِذٍ لَخَبِيرٌ


Ngempela iNkosi yabo ngalolosuku (lokwahlulela) iyazi kabanzi ngabo.