سورة الهمزة - Sûrah 104: Al-Humâzah - inhlebi

1. وَيْلٌ لِكُلِّ هُمَزَةٍ لُمَزَةٍ


Usizi kuyona yonke inhlebi nenhlekisa.

2. الَّذِي جَمَعَ مَالًا وَعَدَّدَهُ


Lowo ohlanganisa ingcebo futhi ayibale.

3. يَحْسَبُ أَنَّ مَالَهُ أَخْلَدَهُ


Ucabanga ukuthi ingcebo yakhe iyomenza ukuthi ahlale ingunaphakade.

4. كَلَّا لَيُنْبَذَنَّ فِي الْحُطَمَةِ


Lutho! Ngempela uyophonswa emlilweni wesihogo.

5. وَمَا أَدْرَاكَ مَا الْحُطَمَةُ


Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini umlilo wesihogo?

6. نَارُ اللَّهِ الْمُوقَدَةُ


Ngumlilo kaMvelinqangi obaselwe (ovuthayo).

7. الَّتِي تَطَّلِعُ عَلَى الْأَفْئِدَةِ


Okuyiwona owenyukela ezinhliziyweni.

8. إِنَّهَا عَلَيْهِمْ مُؤْصَدَةٌ


Ngempela wona (umlilo wesihogo) uyobamboza.

9. فِي عَمَدٍ مُمَدَّدَةٍ


Ezinsikeni ezinwetshiwe.