سورة الرعد - Sûrah 13: Ar-Ra‘d - Ukuduma kwezulu

41. أَوَلَمْ يَرَوْا أَنَّا نَأْتِي الْأَرْضَ نَنْقُصُهَا مِنْ أَطْرَافِهَا وَاللَّهُ يَحْكُمُ لَا مُعَقِّبَ لِحُكْمِهِ وَهُوَ سَرِيعُ الْحِسَابِ


Ngakube ababoni yini ukuthi ngempela thina siyeza emhlabeni siwunciphise emaceleni na? UMvelinqangi uyehlulela akekho ohoxisa isehlulelo sakhe futhi yena ungosheshayo ekwahluleleni.

42. وَقَدْ مَكَرَ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ فَلِلَّهِ الْمَكْرُ جَمِيعًا يَعْلَمُ مَا تَكْسِبُ كُلُّ نَفْسٍ وَسَيَعْلَمُ الْكُفَّارُ لِمَنْ عُقْبَى الدَّارِ


Futhi benza icebo labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke angawaMvelinqangi wonke amacebo, uyakwazi konke okusetshenzelwa iyona yonke imiphefumulo futhi abangakholwa bayokwazi ukuthi ingekabani indlu yokugcina.

43. وَيَقُولُ الَّذِينَ كَفَرُوا لَسْتَ مُرْسَلًا قُلْ كَفَى بِاللَّهِ شَهِيدًا بَيْنِي وَبَيْنَكُمْ وَمَنْ عِنْدَهُ عِلْمُ الْكِتَابِ


Futhi labo abangakholwanga bathi, “awusona isithunywa” ithi, “wanele uMvelinqangi njengofakazi phakathi kwami nani nanoma ubani onolwazi lwencwadi.”