سورة النحل - Sûrah 16: An-Nahl - Izinyosi

1. أَتَى أَمْرُ اللَّهِ فَلَا تَسْتَعْجِلُوهُ سُبْحَانَهُ وَتَعَالَى عَمَّا يُشْرِكُونَ


Impoqo ka-Mvelinqangi iyeza ngakho-ke ungayijahi udumo malube kuye nokuphakanyiswa ngaphezu kwalokho abakwenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni.

2. يُنَزِّلُ الْمَلَائِكَةَ بِالرُّوحِ مِنْ أَمْرِهِ عَلَى مَنْ يَشَاءُ مِنْ عِبَادِهِ أَنْ أَنْذِرُوا أَنَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا أَنَا فَاتَّقُونِ


Uthumela phansi izingelosi nesambulo ngempoqo yakhe kunoma ngabe ubani amthandayo ezincekwini zakhe ukuze zexwaye ukuthi akunanto enokukhonzwa ngaphandle kwami (uMvelinqangi) ngakho-ke ngesabeni.

3. خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ بِالْحَقِّ تَعَالَى عَمَّا يُشْرِكُونَ


Wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso, ungaphezu kwako konke lokho abamenzela ngakho abahlanganyeli ekumkhonzeni.

4. خَلَقَ الْإِنْسَانَ مِنْ نُطْفَةٍ فَإِذَا هُوَ خَصِيمٌ مُبِينٌ


Wadala umuntu ngeconsi lesidoda elihlangene nokuphuma kwesifazane kepha (lowo muntu) nguyena oyisitha esigqamile.

5. وَالْأَنْعَامَ خَلَقَهَا لَكُمْ فِيهَا دِفْءٌ وَمَنَافِعُ وَمِنْهَا تَأْكُلُونَ


Nezinkomo wazidalela nina, kuzona kunemfudumalo (izembatho ezifudumele) kanye nenzuzo futhi niyayidla inyama yazo.

6. وَلَكُمْ فِيهَا جَمَالٌ حِينَ تُرِيحُونَ وَحِينَ تَسْرَحُونَ


Futhi kunobuhle kunina ngenkathi niziqhuba (nibuya nazo) nangenkathi nizikhiphela (emadlelweni azo).

7. وَتَحْمِلُ أَثْقَالَكُمْ إِلَى بَلَدٍ لَمْ تَكُونُوا بَالِغِيهِ إِلَّا بِشِقِّ الْأَنْفُسِ إِنَّ رَبَّكُمْ لَرَءُوفٌ رَحِيمٌ


Futhi zinithwalela imithwalo yenu esindayo ziyise endaweni ebeningeke nifinyelele kuyona ngaphandle kobunzima bemiphefumulo, ngempela iNkosi yenu inobubele inesihawu.

8. وَالْخَيْلَ وَالْبِغَالَ وَالْحَمِيرَ لِتَرْكَبُوهَا وَزِينَةً وَيَخْلُقُ مَا لَا تَعْلَمُونَ


Futhi (wadala) amahhashi neminyuzi nezimbongolo ukuze nikugibele (njengo) mhlobiso futhi udala konke lokho eningakwazi.

9. وَعَلَى اللَّهِ قَصْدُ السَّبِيلِ وَمِنْهَا جَائِرٌ وَلَوْ شَاءَ لَهَدَاكُمْ أَجْمَعِينَ


Futhi ikuMvelinqangi inhloso yendlela (eqondile) futhi phakathi kwezindlela kunezinye eziphambukayo futhi ukube wayethanda wayezoniholela (endleleni eqondile) nonke.

10. هُوَ الَّذِي أَنْزَلَ مِنَ السَّمَاءِ مَاءً لَكُمْ مِنْهُ شَرَابٌ وَمِنْهُ شَجَرٌ فِيهِ تُسِيمُونَ


Nguyena owehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni ukuze niphuze kuyona, futhi ngayo (imvula) kumila izitshalo ezidliwa imfuyo.

11. يُنْبِتُ لَكُمْ بِهِ الزَّرْعَ وَالزَّيْتُونَ وَالنَّخِيلَ وَالْأَعْنَابَ وَمِنْ كُلِّ الثَّمَرَاتِ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَةً لِقَوْمٍ يَتَفَكَّرُونَ


Unimilisela ngayo izitshalo nomhlwathi (olivi) namasundu namagilebhisi kanye nazo zonke izinhlobo zezithelo, ngempela kulokho kunophawu ebantwini abacabangayo.

12. وَسَخَّرَ لَكُمُ اللَّيْلَ وَالنَّهَارَ وَالشَّمْسَ وَالْقَمَرَ وَالنُّجُومُ مُسَخَّرَاتٌ بِأَمْرِهِ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَاتٍ لِقَوْمٍ يَعْقِلُونَ


Futhi wanenzela ubusuku nemini nelanga nenyanga kanye nezinkanyezi, kwenziwa ngempoqo yakhe, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwni abanomqondo.

13. وَمَا ذَرَأَ لَكُمْ فِي الْأَرْضِ مُخْتَلِفًا أَلْوَانُهُ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَةً لِقَوْمٍ يَذَّكَّرُونَ


Futhi konke lokho anidalela kona emhlabeni kunemibala eyehlukehlukene ngempela kulokho kunophawu (kunesifundo) kubantu abacangayo.

14. وَهُوَ الَّذِي سَخَّرَ الْبَحْرَ لِتَأْكُلُوا مِنْهُ لَحْمًا طَرِيًّا وَتَسْتَخْرِجُوا مِنْهُ حِلْيَةً تَلْبَسُونَهَا وَتَرَى الْفُلْكَ مَوَاخِرَ فِيهِ وَلِتَبْتَغُوا مِنْ فَضْلِهِ وَلَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ


Futhi nguyena owadala ulwandle ukuze nikwazi ukudla inyama entsha ephuma kulona (izinhlanzi nokunye) nokuthi nikhiphe kulona izinto zokuhlobisa enizigqokayo futhi nokuthi imikhumbi ihamba kulona nokuthi ukuze nifune umusa wakhe futhi ukuze nibonge.

15. وَأَلْقَى فِي الْأَرْضِ رَوَاسِيَ أَنْ تَمِيدَ بِكُمْ وَأَنْهَارًا وَسُبُلًا لَعَلَّكُمْ تَهْتَدُونَ


Futhi waphonsa emhlabeni izintaba zasimama hleze zizamazame kanye nani, kanye nemifula nezindlela ukuze nizihole nina uqobo lwenu.

16. وَعَلَامَاتٍ وَبِالنَّجْمِ هُمْ يَهْتَدُونَ


Kanye nezimpawu nangezinkanyezi (ebusuku) bona bayaholeleka (ngenxa yokukhanya kwazo).

17. أَفَمَنْ يَخْلُقُ كَمَنْ لَا يَخْلُقُ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ


Ngakube lowo odalayo uyefana yini nalowo ongadali na? Ngakube anikhumbuli yini na?

18. وَإِنْ تَعُدُّوا نِعْمَةَ اللَّهِ لَا تُحْصُوهَا إِنَّ اللَّهَ لَغَفُورٌ رَحِيمٌ


Futhi uma ningase (nifise) ukubala ububele bukaMvelinqangi angeke nikwazi ukububala ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu.

19. وَاللَّهُ يَعْلَمُ مَا تُسِرُّونَ وَمَا تُعْلِنُونَ


Futhi uMvelinqangi uyakwazi konke lokho enikufihlayo nakho konke lokho enikuvezayo.

20. وَالَّذِينَ يَدْعُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ لَا يَخْلُقُونَ شَيْئًا وَهُمْ يُخْلَقُونَ


Futhi labo abamemeza (abakhonza) abanye esikhundleni sikaMvelinqangi abadali lutho bona uqobo lwabo badalwa.