سورة الإسراء - Sûrah 17: Al-Isrâ’ - (uHambo lwasebusuku)

1. سُبْحَانَ الَّذِي أَسْرَى بِعَبْدِهِ لَيْلًا مِنَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ إِلَى الْمَسْجِدِ الْأَقْصَى الَّذِي بَارَكْنَا حَوْلَهُ لِنُرِيَهُ مِنْ آيَاتِنَا إِنَّهُ هُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ


Udumo malube kulowo owathatha inceku yakhe (enguMuhammad) ngobusuku (eyisusa eMasjid Al-Haraam (Makkah), eyiyisa eMasjid Al’Aqsa) ekuyiyona esakubusisa okuseduze kwayo ukuze siyikhombise (inceku yakhe) izimpawu zethu ngempela yena (uMvelinqangi) ungozwayo obonayo.

2. وَآتَيْنَا مُوسَى الْكِتَابَ وَجَعَلْنَاهُ هُدًى لِبَنِي إِسْرَائِيلَ أَلَّا تَتَّخِذُوا مِنْ دُونِي وَكِيلًا


Futhi samnikeza uMose incwadi futhi sayenza yaba ngumholi ebantwaneni bakwa-Israyeli ukuthi ningathathi omunye umlondolozi ngaphandle kwami (Mvelinqangi).

3. ذُرِّيَّةَ مَنْ حَمَلْنَا مَعَ نُوحٍ إِنَّهُ كَانَ عَبْدًا شَكُورًا


`Inzalo yalabo esabathwala (esabafaka emkhunjini) kanye noNowa ngempela yena wayeyinceku ebongayo.

4. وَقَضَيْنَا إِلَى بَنِي إِسْرَائِيلَ فِي الْكِتَابِ لَتُفْسِدُنَّ فِي الْأَرْضِ مَرَّتَيْنِ وَلَتَعْلُنَّ عُلُوًّا كَبِيرًا


Futhi samemezela kubantwana bakwa-Israyeli encwadini ukuthi ngempela nizokwenza ukona emhlabeni amahlandla amabili futhi ngempela nizoba nobudlova nokuzigabisa okukhulu.

5. فَإِذَا جَاءَ وَعْدُ أُولَاهُمَا بَعَثْنَا عَلَيْكُمْ عِبَادًا لَنَا أُولِي بَأْسٍ شَدِيدٍ فَجَاسُوا خِلَالَ الدِّيَارِ وَكَانَ وَعْدًا مَفْعُولًا


Ngakho-ke kwathi lapho sekufika isithembiso sokuqala ezithembisweni ezimbili, sathumela kunina izinceku zethu ezinempi esabekayo ngakho-ke zangena ngaphakathi ezindlini kwase kugcwaliseka isethembiso.

6. ثُمَّ رَدَدْنَا لَكُمُ الْكَرَّةَ عَلَيْهِمْ وَأَمْدَدْنَاكُمْ بِأَمْوَالٍ وَبَنِينَ وَجَعَلْنَاكُمْ أَكْثَرَ نَفِيرًا


Sabe sesinibuyisela ukunqoba phezu kwabo futhi sanilekelela ngengcebo nangezingane futhi sanenza naba ngabantu abaningi kakhulu.

7. إِنْ أَحْسَنْتُمْ أَحْسَنْتُمْ لِأَنْفُسِكُمْ وَإِنْ أَسَأْتُمْ فَلَهَا فَإِذَا جَاءَ وَعْدُ الْآخِرَةِ لِيَسُوءُوا وُجُوهَكُمْ وَلِيَدْخُلُوا الْمَسْجِدَ كَمَا دَخَلُوهُ أَوَّلَ مَرَّةٍ وَلِيُتَبِّرُوا مَا عَلَوْا تَتْبِيرًا


Uma nenze okuhle nikwenzele imiphefumulo yenu okuhle futhi uma nenze okubi kuqondene nawo ngakho-ke kwathi lapho sekufika isithembiso sesibili (sathumela izitha zenu) ukuze zihlaze ubuso nokuthi ukuze zingene eMasjid njengoba zangena kuyona okokuqala futhi ukuze babhubhise lokho abakunqobayo ngembubhiso (enkulu).

8. عَسَى رَبُّكُمْ أَنْ يَرْحَمَكُمْ وَإِنْ عُدْتُمْ عُدْنَا وَجَعَلْنَا جَهَنَّمَ لِلْكَافِرِينَ حَصِيرًا


Kunokwenzeka ukuthi iNkosi yenu ibe nomusa kunina kepha uma niphindela emumva (ezonweni) sizophindela emumva (ekujeziseni) futhi sasenza isihogo ukuthi sibe ijele labangakholwa.

9. إِنَّ هَذَا الْقُرْآنَ يَهْدِي لِلَّتِي هِيَ أَقْوَمُ وَيُبَشِّرُ الْمُؤْمِنِينَ الَّذِينَ يَعْمَلُونَ الصَّالِحَاتِ أَنَّ لَهُمْ أَجْرًا كَبِيرًا


Ngempela leQur’an iholela kulokho, okufaneleke ngokwedlulele futhi ingumlethi wezindaba ezimnandi kwabakholwayo labo abenza izenzo ezilungileyo ukuthi okwabo ngumvuzo omkhulu.

10. وَأَنَّ الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِالْآخِرَةِ أَعْتَدْنَا لَهُمْ عَذَابًا أَلِيمًا


Nokuthi labo abangakholelwa empilweni ezayo sabalungiselela isijeziso esibuhlungu.

11. وَيَدْعُ الْإِنْسَانُ بِالشَّرِّ دُعَاءَهُ بِالْخَيْرِ وَكَانَ الْإِنْسَانُ عَجُولًا


Futhi umuntu uthandazela okubi (uma ephatheke kabi) njengoba ethandazela okuhle futhi umuntu ngasosonke isikhathi ujahile.

12. وَجَعَلْنَا اللَّيْلَ وَالنَّهَارَ آيَتَيْنِ فَمَحَوْنَا آيَةَ اللَّيْلِ وَجَعَلْنَا آيَةَ النَّهَارِ مُبْصِرَةً لِتَبْتَغُوا فَضْلًا مِنْ رَبِّكُمْ وَلِتَعْلَمُوا عَدَدَ السِّنِينَ وَالْحِسَابَ وَكُلَّ شَيْءٍ فَصَّلْنَاهُ تَفْصِيلًا


Futhi senza ubusuku nemini kwaba izimpawu ezimbili ngakho-ke siyalususa uphawu lobusuku bese sibeka uphawu kwemini lubonakale ukuze nifune umusa ovela eNkosini yenu nokuthi nisazi isibalo seminyaka nokubala (isikhathi) futhi zonke izinto sizichaze ngobunjalo bazo.

13. وَكُلَّ إِنْسَانٍ أَلْزَمْنَاهُ طَائِرَهُ فِي عُنُقِهِ وَنُخْرِجُ لَهُ يَوْمَ الْقِيَامَةِ كِتَابًا يَلْقَاهُ مَنْشُورًا


Futhi kuwona wonke umuntu salengisa izenzo zakhe emqaleni wakhe futhi siyomvezela zona, ngosuku lokuvuka kwabafileyo siyomkhombisa incwadi ayoyifumanisa ivulekile.

14. اقْرَأْ كِتَابَكَ كَفَى بِنَفْسِكَ الْيَوْمَ عَلَيْكَ حَسِيبًا


(Kuyothiwa kuyena), “funda incwadi yakho umphefumulo wakho wanele kulolusuku ukuba ukwahlulele”.

15. مَنِ اهْتَدَى فَإِنَّمَا يَهْتَدِي لِنَفْسِهِ وَمَنْ ضَلَّ فَإِنَّمَا يَضِلُّ عَلَيْهَا وَلَا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزْرَ أُخْرَى وَمَا كُنَّا مُعَذِّبِينَ حَتَّى نَبْعَثَ رَسُولًا


Nomangabeubanioholekilengakho-kekuphelaumphefumulo wakhe omholile futhi noma ngabe ubani odukile ngakho-ke kuphela udukele wona, futhi angeke umthwali ayothwala umthwali womunye futhi asiyibona abajezisi kuze kube sithumela isithunywa (kubantu njengomxwayisi).

16. وَإِذَا أَرَدْنَا أَنْ نُهْلِكَ قَرْيَةً أَمَرْنَا مُتْرَفِيهَا فَفَسَقُوا فِيهَا فَحَقَّ عَلَيْهَا الْقَوْلُ فَدَمَّرْنَاهَا تَدْمِيرًا


Futhi uma sifuna ukubhubhisa idolobha sithumela umyalezo (isimemezelo) kulabo abaphila kulona impilo enhle ephezulu bese bephula umthetho kulona (idolobha) bese liyagcwaliseka izwi kubona ngakho-ke siyababhubhisa ngembubhiso enkulu.

17. وَكَمْ أَهْلَكْنَا مِنَ الْقُرُونِ مِنْ بَعْدِ نُوحٍ وَكَفَى بِرَبِّكَ بِذُنُوبِ عِبَادِهِ خَبِيرًا بَصِيرًا


Futhi zingaki izizukulwane esazibhubhisa emva kukaNowa na? Futhi iNkosi yakho yanele njengesazi nomboni wezono zezinceku zayo.

18. مَنْ كَانَ يُرِيدُ الْعَاجِلَةَ عَجَّلْنَا لَهُ فِيهَا مَا نَشَاءُ لِمَنْ نُرِيدُ ثُمَّ جَعَلْنَا لَهُ جَهَنَّمَ يَصْلَاهَا مَذْمُومًا مَدْحُورًا


Noma ngabe ubani lowo ofisa impilo eyedlulayo (yalomhlaba) siyamsheshisela kuyona lakho esikuthandayo kulowo esimthandayo sabe sesimbekela isihogo ayosha kusona ethotshisiwe (ehlanziwe) elahliweyo.

19. وَمَنْ أَرَادَ الْآخِرَةَ وَسَعَى لَهَا سَعْيَهَا وَهُوَ مُؤْمِنٌ فَأُولَئِكَ كَانَ سَعْيُهُمْ مَشْكُورًا


Futhi noma ngabe ubani ofisa impilo ezayo bese ekhombisa ukuzimisela ngayo ngendlela efanele kulapho yena engakholwayo ngakho-ke labo ukuzimisela kwabo kuyabongeka.

20. كُلًّا نُمِدُّ هَؤُلَاءِ وَهَؤُلَاءِ مِنْ عَطَاءِ رَبِّكَ وَمَا كَانَ عَطَاءُ رَبِّكَ مَحْظُورًا


Ngamunye kulaba kanjalo nakulaba sibapha okuvela eNkosini yakho futhi ukuphana kweNkosi yakho angeke kunqatshelwe.