سورة الكهف - Sûrah 18: Al-Kahf - uMgede

1. الْحَمْدُ لِلَّهِ الَّذِي أَنْزَلَ عَلَى عَبْدِهِ الْكِتَابَ وَلَمْ يَجْعَلْ لَهُ عِوَجًا


Udumo ungoluka-Mvelinqangi okunguyena owembula incwadi encekwini yakhe futhi wangakwenzi ubuzombezombe kuyo (iQur’an).

2. قَيِّمًا لِيُنْذِرَ بَأْسًا شَدِيدًا مِنْ لَدُنْهُ وَيُبَشِّرَ الْمُؤْمِنِينَ الَّذِينَ يَعْمَلُونَ الصَّالِحَاتِ أَنَّ لَهُمْ أَجْرًا حَسَنًا


Eqondile, ukuze axwayise ngesijeziso esinzima esivela kuyena futhi alethe izindaba emzinandi kwabakholwayo, labo abenza izenzo ezilungileyo ukuthi okwabo ngumvuzo omuhle.

3. مَاكِثِينَ فِيهِ أَبَدًا


Bayohlala khona ingunaphakade.

4. وَيُنْذِرَ الَّذِينَ قَالُوا اتَّخَذَ اللَّهُ وَلَدًا


Nokuxwayisi labo abathi “uMvelinqangi unendodana”.

5. مَا لَهُمْ بِهِ مِنْ عِلْمٍ وَلَا لِآبَائِهِمْ كَبُرَتْ كَلِمَةً تَخْرُجُ مِنْ أَفْوَاهِهِمْ إِنْ يَقُولُونَ إِلَّا كَذِبًا


Abanolwazi ngalokho ngisho nabobaba babo (abanolwazi) likhulu igama eliphuma emilonyeni yabo, abasho lutho ngaphandle kokuqamba amanga.

6. فَلَعَلَّكَ بَاخِعٌ نَفْسَكَ عَلَى آثَارِهِمْ إِنْ لَمْ يُؤْمِنُوا بِهَذَا الْحَدِيثِ أَسَفًا


Ngakho-ke uzozibulala ngenxa yokuphatheka kabi mayelana nezinyathelo zabo uma bengakholelwa kulenkulumo na?.

7. إِنَّا جَعَلْنَا مَا عَلَى الْأَرْضِ زِينَةً لَهَا لِنَبْلُوَهُمْ أَيُّهُمْ أَحْسَنُ عَمَلًا


Ngempela thina sakwenza lokho okusemhlabeni kwaba ngumhlobiso wawo ukuze sibavivinye ukuthi ngobani babo abanemisebenzi emihle ngokweqile.

8. وَإِنَّا لَجَاعِلُونَ مَا عَلَيْهَا صَعِيدًا جُرُزًا


Ngempela thina siyokwenza ukuthi konke lokho okukuwona (umhlaba) kungatheli lutho, kube ngumhlaba owugwadule.

9. أَمْ حَسِبْتَ أَنَّ أَصْحَابَ الْكَهْفِ وَالرَّقِيمِ كَانُوا مِنْ آيَاتِنَا عَجَبًا


Noma ucabanga ukuthi izihlali zasemgedeni nombhalo kwakungezinye zezimpawu zethu ezimangalisayo.

10. إِذْ أَوَى الْفِتْيَةُ إِلَى الْكَهْفِ فَقَالُوا رَبَّنَا آتِنَا مِنْ لَدُنْكَ رَحْمَةً وَهَيِّئْ لَنَا مِنْ أَمْرِنَا رَشَدًا


Khumbula ngenkathi intsha ifuna ukuya kohlala emgedeni ngakho-ke yase ithi, “Nkosi yethu siphe umusa ovela kuwena futhi usenzele udaba lwethu lube ngoluqondileyo”.

11. فَضَرَبْنَا عَلَى آذَانِهِمْ فِي الْكَهْفِ سِنِينَ عَدَدًا


Ngakho-ke sazivala izindlebe zabo emgedeni iminyaka eminingi.

12. ثُمَّ بَعَثْنَاهُمْ لِنَعْلَمَ أَيُّ الْحِزْبَيْنِ أَحْصَى لِمَا لَبِثُوا أَمَدًا


Sabe sesiyabavusa ukuze sibe inolwazi ukuthi ngeliphi phakathi kwawo womabili amaqembu elalikwazi kongcono ukubala isikhathi ababesihlalile.

13. نَحْنُ نَقُصُّ عَلَيْكَ نَبَأَهُمْ بِالْحَقِّ إِنَّهُمْ فِتْيَةٌ آمَنُوا بِرَبِّهِمْ وَزِدْنَاهُمْ هُدًى


Thina sikuxoxela indaba yabo ngeqiniso, ngempela bona babeyintsha eyayikholelwa eNkosi yayo futhi sabanezelela ekuholweni.

14. وَرَبَطْنَا عَلَى قُلُوبِهِمْ إِذْ قَامُوا فَقَالُوا رَبُّنَا رَبُّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ لَنْ نَدْعُوَ مِنْ دُونِهِ إِلَهًا لَقَدْ قُلْنَا إِذًا شَطَطًا


Futhi saziqinisa zasimama izinhliziyo zayo ngenkathi isukuma (intsha) ithi, “iNkosi yethu Nkosi yamazulu nomhlaba asisoze simemeze omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe (uma senze kanjalo) ngempela siyobe sisho inkulumo yokungahloniphi”.

15. هَؤُلَاءِ قَوْمُنَا اتَّخَذُوا مِنْ دُونِهِ آلِهَةً لَوْلَا يَأْتُونَ عَلَيْهِمْ بِسُلْطَانٍ بَيِّنٍ فَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّنِ افْتَرَى عَلَى اللَّهِ كَذِبًا


Labantu bethu bazithathele abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe, kwenziwa yini ukuthi (oNkulunkulu) bangabaletheli kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga na?

16. وَإِذِ اعْتَزَلْتُمُوهُمْ وَمَا يَعْبُدُونَ إِلَّا اللَّهَ فَأْوُوا إِلَى الْكَهْفِ يَنْشُرْ لَكُمْ رَبُّكُمْ مِنْ رَحْمَتِهِ وَيُهَيِّئْ لَكُمْ مِنْ أَمْرِكُمْ مِرْفَقًا


Futhi khumbula ngenkathi niqhelelana nabo kanye nakulokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi ngakho-ke funani isiphephelo emgedeni, iyonidlalela iNkosi yenu emseni wayobese inenzela lube lula udaba lwenu ngendlela efanele.

17. وَتَرَى الشَّمْسَ إِذَا طَلَعَتْ تَزَاوَرُ عَنْ كَهْفِهِمْ ذَاتَ الْيَمِينِ وَإِذَا غَرَبَتْ تَقْرِضُهُمْ ذَاتَ الشِّمَالِ وَهُمْ فِي فَجْوَةٍ مِنْهُ ذَلِكَ مِنْ آيَاتِ اللَّهِ مَنْ يَهْدِ اللَّهُ فَهُوَ الْمُهْتَدِ وَمَنْ يُضْلِلْ فَلَنْ تَجِدَ لَهُ وَلِيًّا مُرْشِدًا


Futhi wawulibona ilanga ngenkathi liphuma lithambekela ngasemgedeni wabo ngakwesokudla nangenkathi lishona libashiya ngakwesobunxele kulapho yona (intsha) isendaweni enkulu kuwona (umgede), lokhu kungukunye kwezimpawu zikaMvelinqangi noma ngabe ubani oholwa nguMvelinqangi ungoholelwe endleleni eqondile futhi noma ngabe ubani amholela ekudukeni ngakho-ke awusoze wamtholela umvikeli oyomhola.

18. وَتَحْسَبُهُمْ أَيْقَاظًا وَهُمْ رُقُودٌ وَنُقَلِّبُهُمْ ذَاتَ الْيَمِينِ وَذَاتَ الشِّمَالِ وَكَلْبُهُمْ بَاسِطٌ ذِرَاعَيْهِ بِالْوَصِيدِ لَوِ اطَّلَعْتَ عَلَيْهِمْ لَوَلَّيْتَ مِنْهُمْ فِرَارًا وَلَمُلِئْتَ مِنْهُمْ رُعْبًا


Futhi ucabanga ukuthi babevukile (babephapheme) kulapho bona babelele futhi sabaguqulela ngakwesokudla nangakwesobunxele kanye nenja yabo ilule imilenze yayo yangaphambili ngasemnyango (womgede) ukube wawubonile wawuyobafulathela ngejubane futhi ngempela wawuyogcwala ukubesaba.

19. وَكَذَلِكَ بَعَثْنَاهُمْ لِيَتَسَاءَلُوا بَيْنَهُمْ قَالَ قَائِلٌ مِنْهُمْ كَمْ لَبِثْتُمْ قَالُوا لَبِثْنَا يَوْمًا أَوْ بَعْضَ يَوْمٍ قَالُوا رَبُّكُمْ أَعْلَمُ بِمَا لَبِثْتُمْ فَابْعَثُوا أَحَدَكُمْ بِوَرِقِكُمْ هَذِهِ إِلَى الْمَدِينَةِ فَلْيَنْظُرْ أَيُّهَا أَزْكَى طَعَامًا فَلْيَأْتِكُمْ بِرِزْقٍ مِنْهُ وَلْيَتَلَطَّفْ وَلَا يُشْعِرَنَّ بِكُمْ أَحَدًا


Futhi sabavusa kanjalo ukuze babuzane ngamunye, isikhulumi phakathi kwabo (sabuza) sathi “nihlale isikhathi esingakanani”? Bathi “sihlale usuku noma ingxenye yosuku” bathi “iNkosi yenu yazi kabanzi ukuthi nihlale isikhathi esingakanani” ngakho-ke thumelani oyedwa wenu edolobheni (emphakathini) naloluhlamvu lwesiliva bese eyabheka ukuthi yikuphi ukudla okumsulwa ngokwedlulele bese enilethela ingxenye yako futhi aqaphele futhi angalazisi ngisho noyedwa umuntu udaba lwenu.

20. إِنَّهُمْ إِنْ يَظْهَرُوا عَلَيْكُمْ يَرْجُمُوكُمْ أَوْ يُعِيدُوكُمْ فِي مِلَّتِهِمْ وَلَنْ تُفْلِحُوا إِذًا أَبَدًا


Ngempela bona uma bengase bazi ngani bazonikhanda ngamatshe noma baniphindisele emumva enkolweni yabo bese ningabe nisaphumelela.