سورة العنكبوت - Sûrah 29: Al-Ankabût - Isicabucabu

1. الم


ALIF LAM MEEM.

2. أَحَسِبَ النَّاسُ أَنْ يُتْرَكُوا أَنْ يَقُولُوا آمَنَّا وَهُمْ لَا يُفْتَنُونَ


Ngakube abantu bacabanga ukuthi bayekwe bathi, “siyakholwa futhi bona angeke balingwe yini?”.

3. وَلَقَدْ فَتَنَّا الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ فَلَيَعْلَمَنَّ اللَّهُ الَّذِينَ صَدَقُوا وَلَيَعْلَمَنَّ الْكَاذِبِينَ


Futhi ngempela sabalinga labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke uMvelinqangi uyabazi labo abaneqiniso futhi uyabazi abaqamba amanga.

4. أَمْ حَسِبَ الَّذِينَ يَعْمَلُونَ السَّيِّئَاتِ أَنْ يَسْبِقُونَا سَاءَ مَا يَحْكُمُونَ


Noma labo abenza izenzo ezimbi bacabanga ukuthi bangasidlula na? okubi yilokho abakwehlulelayo.

5. مَنْ كَانَ يَرْجُو لِقَاءَ اللَّهِ فَإِنَّ أَجَلَ اللَّهِ لَآتٍ وَهُوَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ


NomangabengubaniowethembaukuhlangananoMvelinqangi ngakho-ke ngempela isikhathi sikaMvelinqangi siyeza futhi yena ungozwayo owaziyo.

6. وَمَنْ جَاهَدَ فَإِنَّمَا يُجَاهِدُ لِنَفْسِهِ إِنَّ اللَّهَ لَغَنِيٌّ عَنِ الْعَالَمِينَ


Futhi noma ngabe ngubani ozabalazayo kuphela uzabalazela umphefumulo wakhe ngempela uMvelinqangi akadingi lutho emhlabeni.

7. وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَنُكَفِّرَنَّ عَنْهُمْ سَيِّئَاتِهِمْ وَلَنَجْزِيَنَّهُمْ أَحْسَنَ الَّذِي كَانُوا يَعْمَلُونَ


Futhi labo abakholwayo benze imisebenzi elungileyo ngempela siyobasula ububi babo bese sibanika umvuzo omuhle kakhulu kwaloko ababekwenza.

8. وَوَصَّيْنَا الْإِنْسَانَ بِوَالِدَيْهِ حُسْنًا وَإِنْ جَاهَدَاكَ لِتُشْرِكَ بِي مَا لَيْسَ لَكَ بِهِ عِلْمٌ فَلَا تُطِعْهُمَا إِلَيَّ مَرْجِعُكُمْ فَأُنَبِّئُكُمْ بِمَا كُنْتُمْ تَعْمَلُونَ


Futhi siyale umntu ukuthi enze okuhle kubazali bakhe kepha uma bezabalaza ukukwenza ukuthi ungenzele abahlanganyeli ekungikhonzeni lokho ongenalo ulwazi ngako ungabahloniphi bobabili kukumina ukuphindela kwenu bese nginitshela ngalokho enanikwenza.

9. وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَنُدْخِلَنَّهُمْ فِي الصَّالِحِينَ


Futhi labo abakholwayo bese benza izenzo ezilungileyo ngempela siyobangenisa phakathi kwabalungileyo.

10. وَمِنَ النَّاسِ مَنْ يَقُولُ آمَنَّا بِاللَّهِ فَإِذَا أُوذِيَ فِي اللَّهِ جَعَلَ فِتْنَةَ النَّاسِ كَعَذَابِ اللَّهِ وَلَئِنْ جَاءَ نَصْرٌ مِنْ رَبِّكَ لَيَقُولُنَّ إِنَّا كُنَّا مَعَكُمْ أَوَلَيْسَ اللَّهُ بِأَعْلَمَ بِمَا فِي صُدُورِ الْعَالَمِينَ


Futhi phakathi kwabantu kunalabo abathi, “siyakholwa kuMvelinqangi” kepha uma behlushwa ngenxa kaMvelinqangi bathatha ukulingwa kwabantu njengesijeziso sikaMvelinqangi uma sekufika usizo oluvela eNkosini yakho bathi, “ngempela thina sasikanye nani” akusiyena yini uMvelinqangi owazi kangcono ngalokho okusezifubeni zemihlaba (zabantu namajinn) na?.

11. وَلَيَعْلَمَنَّ اللَّهُ الَّذِينَ آمَنُوا وَلَيَعْلَمَنَّ الْمُنَافِقِينَ


Futhi ngempela uMvelinqangi uyabazi labo abakholwayo futhi ngempela uyabazi abazenzisi (emva kokubalinga).

12. وَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا لِلَّذِينَ آمَنُوا اتَّبِعُوا سَبِيلَنَا وَلْنَحْمِلْ خَطَايَاكُمْ وَمَا هُمْ بِحَامِلِينَ مِنْ خَطَايَاهُمْ مِنْ شَيْءٍ إِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ


Futhi labo abangakholwa bathi kulabo abakholwayo “landelani indlela yethu ukuze sithwale izono zenu kulapho bona bengeke bathwale lutho lwezono zabo ngempela bona baqamba amanga.

13. وَلَيَحْمِلُنَّ أَثْقَالَهُمْ وَأَثْقَالًا مَعَ أَثْقَالِهِمْ وَلَيُسْأَلُنَّ يَوْمَ الْقِيَامَةِ عَمَّا كَانُوا يَفْتَرُونَ


Futhi ngempela bayoyithwala imithwalo yabo neminye imithwalo kanye nemithwalo yabo futhi ngempela bayobuzwa ngosuku lokuvuka kwabafileyo mayelana nalokho ababekuqamba.

14. وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا نُوحًا إِلَى قَوْمِهِ فَلَبِثَ فِيهِمْ أَلْفَ سَنَةٍ إِلَّا خَمْسِينَ عَامًا فَأَخَذَهُمُ الطُّوفَانُ وَهُمْ ظَالِمُونَ


Futhi ngampela samthumela uNowa ebantwini bakhe wayesehlala phakathi kwabo iminyaka eyinkulungwane ngaphandle kweminyaka engamashumi amahlanu ngakho-ke uzamcolo wabathatha kulapho bona beyizoni.

15. فَأَنْجَيْنَاهُ وَأَصْحَابَ السَّفِينَةِ وَجَعَلْنَاهَا آيَةً لِلْعَالَمِينَ


Ngakho-ke samsindisa kanye nalabo ababesemkhunjini futhi sakwenza lokho kwaba yisifundo emihlabeni.

16. وَإِبْرَاهِيمَ إِذْ قَالَ لِقَوْمِهِ اعْبُدُوا اللَّهَ وَاتَّقُوهُ ذَلِكُمْ خَيْرٌ لَكُمْ إِنْ كُنْتُمْ تَعْلَمُونَ


No-Abraham khumbula ngenkathi ethi kubantu bakhe, “khonzani uMvelinqangi futhi nimesabe lokho kungcono kunina ukube benazi”.

17. إِنَّمَا تَعْبُدُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ أَوْثَانًا وَتَخْلُقُونَ إِفْكًا إِنَّ الَّذِينَ تَعْبُدُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ لَا يَمْلِكُونَ لَكُمْ رِزْقًا فَابْتَغُوا عِنْدَ اللَّهِ الرِّزْقَ وَاعْبُدُوهُ وَاشْكُرُوا لَهُ إِلَيْهِ تُرْجَعُونَ


Kuphela nikhonza izithombe esikhundleni sikaMvelinqangi futhi niqamba amanga ngempela labo enibakhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi abanawo amandla okunika isabelo, ngakho-ke sifuneni kuMvelinqangi isabelo futhi mkhonzeni, futhi nimbonge niyophindiselwa kuyena.

18. وَإِنْ تُكَذِّبُوا فَقَدْ كَذَّبَ أُمَمٌ مِنْ قَبْلِكُمْ وَمَا عَلَى الرَّسُولِ إِلَّا الْبَلَاغُ الْمُبِينُ


Futhi uma niwuphika (umyalezo) ngempela izizwe zawuphika ngaphambilini kwenu futhi awukho umsebenzi ophezu kwesithunywa ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile.

19. أَوَلَمْ يَرَوْا كَيْفَ يُبْدِئُ اللَّهُ الْخَلْقَ ثُمَّ يُعِيدُهُ إِنَّ ذَلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرٌ


Aniboni yini ukuthi uMvelinqangi uyisungula kanjani indalo bese eyiveza kabusha ngempela lokho kulula kuMvelinqangi.

20. قُلْ سِيرُوا فِي الْأَرْضِ فَانْظُرُوا كَيْفَ بَدَأَ الْخَلْقَ ثُمَّ اللَّهُ يُنْشِئُ النَّشْأَةَ الْآخِرَةَ إِنَّ اللَّهَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Ithi, “hambani ezweni nibone ukuthi wayisungula kanjani indalo bese uMvelinqangi eveza indalo yempilo ezayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto.