سورة السجدة - Sûrah 32: Sajdah - ukujabalala

1. الم


ALIF LAAM MEEM.

2. تَنْزِيلُ الْكِتَابِ لَا رَيْبَ فِيهِ مِنْ رَبِّ الْعَالَمِينَ


Isambulo sencwadi ekungenakungabaza kuyo ivela eNkosini yemihlaba.

3. أَمْ يَقُولُونَ افْتَرَاهُ بَلْ هُوَ الْحَقُّ مِنْ رَبِّكَ لِتُنْذِرَ قَوْمًا مَا أَتَاهُمْ مِنْ نَذِيرٍ مِنْ قَبْلِكَ لَعَلَّهُمْ يَهْتَدُونَ


Noma bathi wayiqamba qhabo! Yona iyiqiniso elivela eNkosini yakho ukuze uxwayise abantu ekungazange kufike kubona umxwayisi ngaphambilini kwakho, ukuze baholeleke (endleleni eqondile).

4. اللَّهُ الَّذِي خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ اسْتَوَى عَلَى الْعَرْشِ مَا لَكُمْ مِنْ دُونِهِ مِنْ وَلِيٍّ وَلَا شَفِيعٍ أَفَلَا تَتَذَكَّرُونَ


UMvelinqangi nguyena owadala amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili ngezinsuku eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi, aninaye omunye umvikela nomncengeli ngaphandle kwakhe anikhumbuli yini na?

5. يُدَبِّرُ الْأَمْرَ مِنَ السَّمَاءِ إِلَى الْأَرْضِ ثُمَّ يَعْرُجُ إِلَيْهِ فِي يَوْمٍ كَانَ مِقْدَارُهُ أَلْفَ سَنَةٍ مِمَّا تَعُدُّونَ


Uhlela udaba kusuka ezulwini kuya emhlabeni bese elukhuphukisela kuyena ngosuku, isilinganiso sako esiyiminyaka eyinkulungwane njengoba nibala.

6. ذَلِكَ عَالِمُ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ الْعَزِيزُ الرَّحِيمُ


Leso yisazi sokungabonwayo kanye nokubonwayo esiphakeme ngamandla esinesihawu.

7. الَّذِي أَحْسَنَ كُلَّ شَيْءٍ خَلَقَهُ وَبَدَأَ خَلْقَ الْإِنْسَانِ مِنْ طِينٍ


Okunguyena owenza zazinhle kakhulu izinto azidalayo wayesesungula indalo yomuntu ngothuli.

8. ثُمَّ جَعَلَ نَسْلَهُ مِنْ سُلَالَةٍ مِنْ مَاءٍ مَهِينٍ


Wayesenza inzalo yakhe ngesidoda esiyamanzi anyanyekayo (akhululwa ngumuntu wesilisa nowesifazane uma besesimweni sokuhlangana).

9. ثُمَّ سَوَّاهُ وَنَفَخَ فِيهِ مِنْ رُوحِهِ وَجَعَلَ لَكُمُ السَّمْعَ وَالْأَبْصَارَ وَالْأَفْئِدَةَ قَلِيلًا مَا تَشْكُرُونَ


Wayesemenza ngendlela efanelekile waphefumulela kuyena ngomphefumulo wakhe futhi wanenzela ukuzwa (amadlebe) nokubona (amehlo) nezinhliziyo kuncane lokho enikubongayo.

10. وَقَالُوا أَإِذَا ضَلَلْنَا فِي الْأَرْضِ أَإِنَّا لَفِي خَلْقٍ جَدِيدٍ بَلْ هُمْ بِلِقَاءِ رَبِّهِمْ كَافِرُونَ


Futhi bathi, “Uma sesidukile emhlabeni ngakube siyoba yindalo entsha yini na?” kepha bona bayakuphika ukuhlangana neNkosi yabo.

11. قُلْ يَتَوَفَّاكُمْ مَلَكُ الْمَوْتِ الَّذِي وُكِّلَ بِكُمْ ثُمَّ إِلَى رَبِّكُمْ تُرْجَعُونَ


Ithi, “izokwenza ukuthi nife ingelosi yokufa okuyiyona ebekelwe ukuthi inigade bese nibuyiselwa eNkosini yenu”.

12. وَلَوْ تَرَى إِذِ الْمُجْرِمُونَ نَاكِسُو رُءُوسِهِمْ عِنْدَ رَبِّهِمْ رَبَّنَا أَبْصَرْنَا وَسَمِعْنَا فَارْجِعْنَا نَعْمَلْ صَالِحًا إِنَّا مُوقِنُونَ


Futhi uma ungazibona izoni zigobise amakhanda azo ngaphambili kweNkosi yazo (zithi), “Nkosi yethu sibonile futhi sizwile ngakho-ke siphindisele emumva sizokwenza imisebenzi emihle elungileyo ngempela singamakholwa ngokuqinisekileyo.

13. وَلَوْ شِئْنَا لَآتَيْنَا كُلَّ نَفْسٍ هُدَاهَا وَلَكِنْ حَقَّ الْقَوْلُ مِنِّي لَأَمْلَأَنَّ جَهَنَّمَ مِنَ الْجِنَّةِ وَالنَّاسِ أَجْمَعِينَ


Ukuba sasithanda sasizonikeza yonke imiphefumulo ukuholwa kwayo kepha izwi eliyiqiniso livela kuthina ukuthi siyogcwalisa isihogo ngamaJinn kanye nabantu ndawonye.

14. فَذُوقُوا بِمَا نَسِيتُمْ لِقَاءَ يَوْمِكُمْ هَذَا إِنَّا نَسِينَاكُمْ وَذُوقُوا عَذَابَ الْخُلْدِ بِمَا كُنْتُمْ تَعْمَلُونَ


Ngakho-ke yizwani ngenxa yokuthi nakukhohlwa ukuhlangana ngalolusuku lwenu ngempela (nathi) sinikhohliwe futhi yizwani isijeziso esingapheliyo ngenxa yalokho enanikwenza.

15. إِنَّمَا يُؤْمِنُ بِآيَاتِنَا الَّذِينَ إِذَا ذُكِّرُوا بِهَا خَرُّوا سُجَّدًا وَسَبَّحُوا بِحَمْدِ رَبِّهِمْ وَهُمْ لَا يَسْتَكْبِرُونَ


Kuphela abakholelwa emavesini ethu yilapho okuthi uma bekhunjuziswa ngawo bawe phansi bazithobe futhi badumise ukuphakama kweNkosi yabo kulapho bona bengazigabisi.

16. تَتَجَافَى جُنُوبُهُمْ عَنِ الْمَضَاجِعِ يَدْعُونَ رَبَّهُمْ خَوْفًا وَطَمَعًا وَمِمَّا رَزَقْنَاهُمْ يُنْفِقُونَ


Izinhlangothi zabo zishiya imibhede (yabo) bememeza iNkosi yabo ngokwesaba nangethemba futhi basebenzisa (banikela) kulokhu esibabele kona.

17. فَلَا تَعْلَمُ نَفْسٌ مَا أُخْفِيَ لَهُمْ مِنْ قُرَّةِ أَعْيُنٍ جَزَاءً بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Ngakho-ke awukho umphefumulo owaziyo ukuthi yini eyifihlelwe bona engumvuzo othokozisa ihlo ngenxa yalokho ababekwenza.

18. أَفَمَنْ كَانَ مُؤْمِنًا كَمَنْ كَانَ فَاسِقًا لَا يَسْتَوُونَ


Ngakube lowo oyikholwa uyefana yini nalowo oyisaphulamthetho na? Cha abalingani.

19. أَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ فَلَهُمْ جَنَّاتُ الْمَأْوَى نُزُلًا بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Futhi labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo okwabo yizivande zokuhlala njengenjabulo ngenxa yalokho ababekwenza.

20. وَأَمَّا الَّذِينَ فَسَقُوا فَمَأْوَاهُمُ النَّارُ كُلَّمَا أَرَادُوا أَنْ يَخْرُجُوا مِنْهَا أُعِيدُوا فِيهَا وَقِيلَ لَهُمْ ذُوقُوا عَذَابَ النَّارِ الَّذِي كُنْتُمْ بِهِ تُكَذِّبُونَ


Futhi labo abephula umthetho indawo yabo yokuhlala kuyoba ngumlilo. Ngasosonke isikhathi uma befisa ukuphuma kuwona bayophindiselwa phakathi kuwona futhi kuyothiwa kubona yizwani isijeziso somlilo okuyisona nina enanisiphika