سورة الأحزاب - Sûrah 33: Al-Ahzâb - Izinhlangano

1. يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ اتَّقِ اللَّهَ وَلَا تُطِعِ الْكَافِرِينَ وَالْمُنَافِقِينَ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا


Oh Mphrofethi! Yesaba uMvelinqangi futhi ungabahloniphi abangakholwa kanye nabazenzisi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani.

2. وَاتَّبِعْ مَا يُوحَى إِلَيْكَ مِنْ رَبِّكَ إِنَّ اللَّهَ كَانَ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرًا


Futhi landela lokho okwembuliwe kuwena okuvela eNkosini yakho ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyakwazi lokho enikwezayo.

3. وَتَوَكَّلْ عَلَى اللَّهِ وَكَفَى بِاللَّهِ وَكِيلًا


Futhi thembela kuMvelinqangi futhi wanele uMvelinqangi njengomqaphi.

4. مَا جَعَلَ اللَّهُ لِرَجُلٍ مِنْ قَلْبَيْنِ فِي جَوْفِهِ وَمَا جَعَلَ أَزْوَاجَكُمُ اللَّائِي تُظَاهِرُونَ مِنْهُنَّ أُمَّهَاتِكُمْ وَمَا جَعَلَ أَدْعِيَاءَكُمْ أَبْنَاءَكُمْ ذَلِكُمْ قَوْلُكُمْ بِأَفْوَاهِكُمْ وَاللَّهُ يَقُولُ الْحَقَّ وَهُوَ يَهْدِي السَّبِيلَ


UMvelinqangi akekho umuntu amenzela izinhliziyo ezimbili ngaphakathi kuyena futhi akazange enze amakhosikazi enu lawo enenza isehlukaniso nawo ngokuthi nithi (enithi) imihlane yawo injengeyomama benu ukuthi angomama benu futhi akazange enze amadodana enu eniwatholile (lawo angenabo abazali) ukuthi angamadodana enu, lokho yinkulumo yenu eniyisho ngemilomo yenu futhi uMvelinqangi ukhuluma iqiniso futhi yena uholela endleleni (eqondile).

5. ادْعُوهُمْ لِآبَائِهِمْ هُوَ أَقْسَطُ عِنْدَ اللَّهِ فَإِنْ لَمْ تَعْلَمُوا آبَاءَهُمْ فَإِخْوَانُكُمْ فِي الدِّينِ وَمَوَالِيكُمْ وَلَيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ فِيمَا أَخْطَأْتُمْ بِهِ وَلَكِنْ مَا تَعَمَّدَتْ قُلُوبُكُمْ وَكَانَ اللَّهُ غَفُورًا رَحِيمًا


Babizeni ngaboyise lokhu kulungile kakhulu kuMvelinqangi kepha uma ningabazi oyise ngakho-ke bangabafowenu enkolweni nabangane benu futhi alikho icala kunina kulokho enenze kukona iphutha ngaphandle kwalokho izinhliziyo zenu ezikuqondile futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu.

6. النَّبِيُّ أَوْلَى بِالْمُؤْمِنِينَ مِنْ أَنْفُسِهِمْ وَأَزْوَاجُهُ أُمَّهَاتُهُمْ وَأُولُو الْأَرْحَامِ بَعْضُهُمْ أَوْلَى بِبَعْضٍ فِي كِتَابِ اللَّهِ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُهَاجِرِينَ إِلَّا أَنْ تَفْعَلُوا إِلَى أَوْلِيَائِكُمْ مَعْرُوفًا كَانَ ذَلِكَ فِي الْكِتَابِ مَسْطُورًا


Umphrofethi usondele kakhulu kwabakholwayo ngaphezu kwabo uqobo. Futhi amakhosikazi akhe angonina (babakholwayo) futhi izihlobo ngobudlelwano zisondelene ezinye zazo kwezinye ngokwesimemezelo sikaMvelinqangi kunabakholwayo nabafuduki ngaphandle kokuba uma nenze okuhle ebanganeni benu, lokhu kubhaliwe encwadini.

7. وَإِذْ أَخَذْنَا مِنَ النَّبِيِّينَ مِيثَاقَهُمْ وَمِنْكَ وَمِنْ نُوحٍ وَإِبْرَاهِيمَ وَمُوسَى وَعِيسَى ابْنِ مَرْيَمَ وَأَخَذْنَا مِنْهُمْ مِيثَاقًا غَلِيظًا


Futhi khumbula ngenkathi sithatha kubaprofethi isethembiso sabo nakuwena nakuNowa, uAbrahamu, uMose kanye nakuJesu indodana kaMariya futhi sasithatha kubona isethembiso esinqala.

8. لِيَسْأَلَ الصَّادِقِينَ عَنْ صِدْقِهِمْ وَأَعَدَّ لِلْكَافِرِينَ عَذَابًا أَلِيمًا


Ukuze abuze abaneqiniso ngeqiniso labo futhi wabalungiselela abangakholwayo isijeziso esibuhlungu.

9. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اذْكُرُوا نِعْمَةَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ إِذْ جَاءَتْكُمْ جُنُودٌ فَأَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ رِيحًا وَجُنُودًا لَمْ تَرَوْهَا وَكَانَ اللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرًا


Oh Nina! Enikholwayo khumbulani ububele bukaMvelinqangi kunina ngenkathi kufika amabutho empi kunina. Ngakho- ke sathumela kuwona umoya namabutho empi eningazange niwabone futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo.

10. إِذْ جَاءُوكُمْ مِنْ فَوْقِكُمْ وَمِنْ أَسْفَلَ مِنْكُمْ وَإِذْ زَاغَتِ الْأَبْصَارُ وَبَلَغَتِ الْقُلُوبُ الْحَنَاجِرَ وَتَظُنُّونَ بِاللَّهِ الظُّنُونَا


Khumbula ngenkathi befika kunina beqhamuka ngaphezulu kwenu nangaphansi kwenu nangenkathi kunqundeka amehlo nezinhliziyo zilulekela emiphinjeni futhi nacabanga ngoMvelinqangi imicabango emibi.

11. هُنَالِكَ ابْتُلِيَ الْمُؤْمِنُونَ وَزُلْزِلُوا زِلْزَالًا شَدِيدًا


Laphaya balingwa abakholwayo futhi banyakaziswa ukunyakaziswa okunzima.

12. وَإِذْ يَقُولُ الْمُنَافِقُونَ وَالَّذِينَ فِي قُلُوبِهِمْ مَرَضٌ مَا وَعَدَنَا اللَّهُ وَرَسُولُهُ إِلَّا غُرُورًا


Futhi khumbula ngenkathi abazenzisi kanye nalabo ezinhliziyweni zabo okunesifo bethi, ‘’akasethembisanga lutho uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngaphandle kwenkohliso.”

13. وَإِذْ قَالَتْ طَائِفَةٌ مِنْهُمْ يَا أَهْلَ يَثْرِبَ لَا مُقَامَ لَكُمْ فَارْجِعُوا وَيَسْتَأْذِنُ فَرِيقٌ مِنْهُمُ النَّبِيَّ يَقُولُونَ إِنَّ بُيُوتَنَا عَوْرَةٌ وَمَا هِيَ بِعَوْرَةٍ إِنْ يُرِيدُونَ إِلَّا فِرَارًا


Futhi khumbula nangenkathi iqembu labo lithi, “Oh Bantu baseYathrib! Aninayo indawo yokuma ngakho-ke phindelani emumva” futhi iqembu lacela imvume kumphrofethi lathi, “ngempela izindlu zethu zisobala” futhi (izindlu zabo) zazingavele obala kuphela babefisa ukubaleka.

14. وَلَوْ دُخِلَتْ عَلَيْهِمْ مِنْ أَقْطَارِهَا ثُمَّ سُئِلُوا الْفِتْنَةَ لَآتَوْهَا وَمَا تَلَبَّثُوا بِهَا إِلَّا يَسِيرًا


Futhi ukube babengene kubona beqhamuka kuzona zonke izinhlangothi (zedolobha) bese becelwa ukuba bahlasele ngempela babezokwenza lokho futhi babengeke bangabaze ngako ngaphandle nje kokungabaza okuncane.

15. وَلَقَدْ كَانُوا عَاهَدُوا اللَّهَ مِنْ قَبْلُ لَا يُوَلُّونَ الْأَدْبَارَ وَكَانَ عَهْدُ اللَّهِ مَسْئُولًا


Futhi ngempela basenza isethembiso kuMvelinqangi ngaphambilini ukuthi angeke bayiphendule imihlane (yabo) ngasosonke isikhathi isethembiso sikaMvelinqangi siyabuzwa.

16. قُلْ لَنْ يَنْفَعَكُمُ الْفِرَارُ إِنْ فَرَرْتُمْ مِنَ الْمَوْتِ أَوِ الْقَتْلِ وَإِذًا لَا تُمَتَّعُونَ إِلَّا قَلِيلًا


Ithi akusoze kwanisiza ukubaleka uma nibalekela ukufa noma ukubulawa futhi angeke nijatshuliswe ngaphandle kwesikhashana.

17. قُلْ مَنْ ذَا الَّذِي يَعْصِمُكُمْ مِنَ اللَّهِ إِنْ أَرَادَ بِكُمْ سُوءًا أَوْ أَرَادَ بِكُمْ رَحْمَةً وَلَا يَجِدُونَ لَهُمْ مِنْ دُونِ اللَّهِ وَلِيًّا وَلَا نَصِيرًا


Ithi ngubani lowo onganivikela kuMvelinqangi uma eqonde ukunenza okubi noma eqonde ukuba nomusa kunina na? futhi angeke babatholele umvikeli nomsizi ngaphandle kukaMvelinqangi.

18. قَدْ يَعْلَمُ اللَّهُ الْمُعَوِّقِينَ مِنْكُمْ وَالْقَائِلِينَ لِإِخْوَانِهِمْ هَلُمَّ إِلَيْنَا وَلَا يَأْتُونَ الْبَأْسَ إِلَّا قَلِيلًا


UMvelinqangi uyabazi phakathi kwenu labo abavimbela abanye kanye nalabo abathi kubafowabo, “wozani kuthina” futhi abayi empini ngaphandle kokuya kancane.

19. أَشِحَّةً عَلَيْكُمْ فَإِذَا جَاءَ الْخَوْفُ رَأَيْتَهُمْ يَنْظُرُونَ إِلَيْكَ تَدُورُ أَعْيُنُهُمْ كَالَّذِي يُغْشَى عَلَيْهِ مِنَ الْمَوْتِ فَإِذَا ذَهَبَ الْخَوْفُ سَلَقُوكُمْ بِأَلْسِنَةٍ حِدَادٍ أَشِحَّةً عَلَى الْخَيْرِ أُولَئِكَ لَمْ يُؤْمِنُوا فَأَحْبَطَ اللَّهُ أَعْمَالَهُمْ وَكَانَ ذَلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرًا


Balusizi kunina kepha uma kufika ukwesaba ubabona bekubukile amehlo abo ephenduka njengalowo owesaba ukufa, kepha uma ukwesaba sekuphelile banintinyela ngezilimi ezihlabayo belangazelela izinto ezinhle labo abakholwa ngakho-ke uMvelinqanga wenza imisebenzi yabo yaba yize leze, futhi ngasosonke isikhathi lokho kulula kuMvelinqangi.

20. يَحْسَبُونَ الْأَحْزَابَ لَمْ يَذْهَبُوا وَإِنْ يَأْتِ الْأَحْزَابُ يَوَدُّوا لَوْ أَنَّهُمْ بَادُونَ فِي الْأَعْرَابِ يَسْأَلُونَ عَنْ أَنْبَائِكُمْ وَلَوْ كَانُوا فِيكُمْ مَا قَاتَلُوا إِلَّا قَلِيلًا


Bacabanga ukuthi izinhlangano zempi azihambanga, futhi uma izinhlangano zempi zingase zibuye bangafisa ukuthi bona babesogwadule kanye nezihlali zasogwadule (ama-Arabhu) bebuza mayelana nezindaba zenu futhi ukube babephakathi kwenu babengeke balwe ngaphandle kokulwa okuncane.