سورة فاطر - Sûrah 35: Fâtir - Umsunguli

1. الْحَمْدُ لِلَّهِ فَاطِرِ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ جَاعِلِ الْمَلَائِكَةِ رُسُلًا أُولِي أَجْنِحَةٍ مَثْنَى وَثُلَاثَ وَرُبَاعَ يَزِيدُ فِي الْخَلْقِ مَا يَشَاءُ إِنَّ اللَّهَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Udumo lungolukaMvelinqangi umsunguli wamazulu nomhlaba owenza izingelosi izithunywa ezinamaphiko angambili nangantathu nangane uyakwandisa endalweni lokho akuthandayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto.

2. مَا يَفْتَحِ اللَّهُ لِلنَّاسِ مِنْ رَحْمَةٍ فَلَا مُمْسِكَ لَهَا وَمَا يُمْسِكْ فَلَا مُرْسِلَ لَهُ مِنْ بَعْدِهِ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Noma ngabe yini uMvelinqangi ayinikeza abantu emseni ngakho-ke akekho ongayigodla, futhi noma ngabe yini ayigodlayo akekho ongayikhulula ngemva kwakhe futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani.

3. يَا أَيُّهَا النَّاسُ اذْكُرُوا نِعْمَتَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ هَلْ مِنْ خَالِقٍ غَيْرُ اللَّهِ يَرْزُقُكُمْ مِنَ السَّمَاءِ وَالْأَرْضِ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ فَأَنَّى تُؤْفَكُونَ


Oh Bantu! khumbulani ububele bukaMvelinqangi kunina, ngakube ukhona yini omunye umdali ngaphandle kukaMvelinqangioninikaisabeloesivelaezulwininasemhlabeni na? Akekho onelungelo lokukhonzwa ngaphandle kwakhe, nimfulathelelani na?.

4. وَإِنْ يُكَذِّبُوكَ فَقَدْ كُذِّبَتْ رُسُلٌ مِنْ قَبْلِكَ وَإِلَى اللَّهِ تُرْجَعُ الْأُمُورُ


Futhi uma bekuphika ngempela zaziphikwa izithunywa ngaphambilini kwakho futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba.

5. يَا أَيُّهَا النَّاسُ إِنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ فَلَا تَغُرَّنَّكُمُ الْحَيَاةُ الدُّنْيَا وَلَا يَغُرَّنَّكُمْ بِاللَّهِ الْغَرُورُ


Oh Bantu! ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngakho-ke ayinganikhohlisi impilo yalomhlaba futhi akanganikhohlisi umkhohlisi ngoMvelinqangi.

6. إِنَّ الشَّيْطَانَ لَكُمْ عَدُوٌّ فَاتَّخِذُوهُ عَدُوًّا إِنَّمَا يَدْعُو حِزْبَهُ لِيَكُونُوا مِنْ أَصْحَابِ السَّعِيرِ


Ngempela usathane uyisitha senu, ngakho-ke mthatheni njengesitha kuphela umema iqembu lakhe ukuze libengabanye babangane bomlilo.

7. الَّذِينَ كَفَرُوا لَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَهُمْ مَغْفِرَةٌ وَأَجْرٌ كَبِيرٌ


Labo abangakholwanga okwabo yisijeziso esinzima. Futhi okwalabo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu.

8. أَفَمَنْ زُيِّنَ لَهُ سُوءُ عَمَلِهِ فَرَآهُ حَسَنًا فَإِنَّ اللَّهَ يُضِلُّ مَنْ يَشَاءُ وَيَهْدِي مَنْ يَشَاءُ فَلَا تَذْهَبْ نَفْسُكَ عَلَيْهِمْ حَسَرَاتٍ إِنَّ اللَّهَ عَلِيمٌ بِمَا يَصْنَعُونَ


Ngakube lowo owenzelwe izenzo zakhe ezimbi zabukeka zizinhle uzibona zizinhle ngakho-ke ngempela uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo, futhi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo, ngakho-ke awungaphatheki kabi umphefumulo wakho ngabo, ngempela uMvelinqangi uyisazi ngalokho abakwenzayo.

9. وَاللَّهُ الَّذِي أَرْسَلَ الرِّيَاحَ فَتُثِيرُ سَحَابًا فَسُقْنَاهُ إِلَى بَلَدٍ مَيِّتٍ فَأَحْيَيْنَا بِهِ الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا كَذَلِكَ النُّشُورُ


Futhi nguMvelinqangi othumela imimoya bese iphakamisa amafu bese siwathumela ezweni elifile sivuse ngawo umhlaba emva kokufa kwawo, kunjalo ukuvuswa kokufileyo.

10. مَنْ كَانَ يُرِيدُ الْعِزَّةَ فَلِلَّهِ الْعِزَّةُ جَمِيعًا إِلَيْهِ يَصْعَدُ الْكَلِمُ الطَّيِّبُ وَالْعَمَلُ الصَّالِحُ يَرْفَعُهُ وَالَّذِينَ يَمْكُرُونَ السَّيِّئَاتِ لَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ وَمَكْرُ أُولَئِكَ هُوَ يَبُورُ


Noma ngabe ngubani ofisa ukuhlonipheka ngakho-ke ukuhlonipheka konke kungokukaMvelinqangi, kuyena kukhuphukela izwi elihle kanye nomsebenzi omuhle olungileyo uyalenyusa futhi labo abenza amacebo ngezinto ezimbi okwabo yisijeziso esinzima futhi icebo labo liyashabalala.

11. وَاللَّهُ خَلَقَكُمْ مِنْ تُرَابٍ ثُمَّ مِنْ نُطْفَةٍ ثُمَّ جَعَلَكُمْ أَزْوَاجًا وَمَا تَحْمِلُ مِنْ أُنْثَى وَلَا تَضَعُ إِلَّا بِعِلْمِهِ وَمَا يُعَمَّرُ مِنْ مُعَمَّرٍ وَلَا يُنْقَصُ مِنْ عُمُرِهِ إِلَّا فِي كِتَابٍ إِنَّ ذَلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرٌ


Futhi uMvelinqangi wanidala ngothuli kwasekuba ingeconsi lesidoda wayesenenza nabangambili, futhi akekho owesifazane okhulelwe otetayo ngaphandle kolwazi lwakhe futhi akusikona ukuthi umuntu omdala welulelwa iminyaka noma incishiswe iminyaka yakhe kepha kusencwadini ngempela lokho kulula kuMvelinqangi.

12. وَمَا يَسْتَوِي الْبَحْرَانِ هَذَا عَذْبٌ فُرَاتٌ سَائِغٌ شَرَابُهُ وَهَذَا مِلْحٌ أُجَاجٌ وَمِنْ كُلٍّ تَأْكُلُونَ لَحْمًا طَرِيًّا وَتَسْتَخْرِجُونَ حِلْيَةً تَلْبَسُونَهَا وَتَرَى الْفُلْكَ فِيهِ مَوَاخِرَ لِتَبْتَغُوا مِنْ فَضْلِهِ وَلَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ


Futhi ulwandle olubili alufani lolu luhlwabusile lusashukela luyaphuzeka, loluya lusasawoti luyababa, kulona (lolubili) nidla inyama emnandi (izinhlanzi) futhi nikhipha imihlobiso eniyigqokayo futhi ubona imikhumbi ihamba kulona (ulwandle) ukuze nifune umusa wakhe futhi ukuze mhlawumbe nibonge.

13. يُولِجُ اللَّيْلَ فِي النَّهَارِ وَيُولِجُ النَّهَارَ فِي اللَّيْلِ وَسَخَّرَ الشَّمْسَ وَالْقَمَرَ كُلٌّ يَجْرِي لِأَجَلٍ مُسَمًّى ذَلِكُمُ اللَّهُ رَبُّكُمْ لَهُ الْمُلْكُ وَالَّذِينَ تَدْعُونَ مِنْ دُونِهِ مَا يَمْلِكُونَ مِنْ قِطْمِيرٍ


Wenza ukuthi ubusuku bungenele emini futhi wenza ukuthi imini ingenele ebusukwini futhi wenza ukuthi ilanga nenyanga ngakunye kuhambe isikhathi esinqunyiwe, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu, ubukhosi bungobakhe futhi labo enibamemezayo esikhundleni sakhe abanawo ngisho umucwana wohlamvu lwesundu.

14. إِنْ تَدْعُوهُمْ لَا يَسْمَعُوا دُعَاءَكُمْ وَلَوْ سَمِعُوا مَا اسْتَجَابُوا لَكُمْ وَيَوْمَ الْقِيَامَةِ يَكْفُرُونَ بِشِرْكِكُمْ وَلَا يُنَبِّئُكَ مِثْلُ خَبِيرٍ


Uma nibamemeza abawuzwa umthandazo wenu futhi noma ngabe bayezwa abakwazi ukuniphendula futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo bayophika ukuzibandakanya kanye nani futhi akekho ongakutshela (lokhu) onjengonolwazi.

15. يَا أَيُّهَا النَّاسُ أَنْتُمُ الْفُقَرَاءُ إِلَى اللَّهِ وَاللَّهُ هُوَ الْغَنِيُّ الْحَمِيدُ


Oh Bantu! Nina ningabadinga uMvelinqangi kepha yena uMvelinqangi akadingi lutho ungodunyiswayo.

16. إِنْ يَشَأْ يُذْهِبْكُمْ وَيَأْتِ بِخَلْقٍ جَدِيدٍ


Uma ethanda anganisusa bese enza indalo entsha.

17. وَمَا ذَلِكَ عَلَى اللَّهِ بِعَزِيزٍ


Futhi lokho kuMvelinqangi akunzima.

18. وَلَا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزْرَ أُخْرَى وَإِنْ تَدْعُ مُثْقَلَةٌ إِلَى حِمْلِهَا لَا يُحْمَلْ مِنْهُ شَيْءٌ وَلَوْ كَانَ ذَا قُرْبَى إِنَّمَا تُنْذِرُ الَّذِينَ يَخْشَوْنَ رَبَّهُمْ بِالْغَيْبِ وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَمَنْ تَزَكَّى فَإِنَّمَا يَتَزَكَّى لِنَفْسِهِ وَإِلَى اللَّهِ الْمَصِيرُ


Futhi akekho umthwali wemithwalo oyothwala umthwalo womunye futhi uma omunye ethwele okusindayo ubiza omunye ukuthwala umthwalo wakhe, akekho oyothwala ingxenye kuwona ngisho noma ngabe yisihlobo esisondele, kuphela ungabaxwayisa labo abesaba iNkosi yabo engabonwayo futhi abenza umthandazo futhi noma ngabe ngubani ozihlanzayo kuphela uzihlanzela umphefumulo wakhe futhi sikuMvelinqangi isiphetho.

19. وَمَا يَسْتَوِي الْأَعْمَى وَالْبَصِيرُ


Futhi akefani ongaboni nobonayo.

20. وَلَا الظُّلُمَاتُ وَلَا النُّورُ


Ngisho nobumnyama nokukhanya (akufani).