سورة الجاثية - Sûrah 45: Al-Jâthiyah - ukuguqa

1. حم


Ha Meem

2. تَنْزِيلُ الْكِتَابِ مِنَ اللَّهِ الْعَزِيزِ الْحَكِيمِ


Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani.

3. إِنَّ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ لَآيَاتٍ لِلْمُؤْمِنِينَ


Ngempela emazulwini nasemhlabeni kunezimpawu kwabakholwayo.

4. وَفِي خَلْقِكُمْ وَمَا يَبُثُّ مِنْ دَابَّةٍ آيَاتٌ لِقَوْمٍ يُوقِنُونَ


Futhi ekudalweni kwenu nakho konke nakusakazayo (emhlabeni) okuyizidalwa ezinyakazayo kuyizimpawu kubantu abaqinisekile (enkolweni).

5. وَاخْتِلَافِ اللَّيْلِ وَالنَّهَارِ وَمَا أَنْزَلَ اللَّهُ مِنَ السَّمَاءِ مِنْ رِزْقٍ فَأَحْيَا بِهِ الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا وَتَصْرِيفِ الرِّيَاحِ آيَاتٌ لِقَوْمٍ يَعْقِلُونَ


Futhi ukuphambana kobusuku nemini kanye nalokho okwehliselwaphansinguMvelinqangiokuvelaesibhakabhakeni okuyisabelo (imvula) bese ephilisa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo nokushintsha kwemimoya kuyizimpawu kubantu abanomqondo.

6. تِلْكَ آيَاتُ اللَّهِ نَتْلُوهَا عَلَيْكَ بِالْحَقِّ فَبِأَيِّ حَدِيثٍ بَعْدَ اللَّهِ وَآيَاتِهِ يُؤْمِنُونَ


Lawa ngamavesi kaMvelinqangi siwafundela wena ngeqiniso ngakho-ke iyiphi inkulumo abayokholwa yiyo emva kukaMvelinqangi nezimpawu namavesi akhe?

7. وَيْلٌ لِكُلِّ أَفَّاكٍ أَثِيمٍ


Usizi kulowo nalowo mqambimanga oyisoni.

8. يَسْمَعُ آيَاتِ اللَّهِ تُتْلَى عَلَيْهِ ثُمَّ يُصِرُّ مُسْتَكْبِرًا كَأَنْ لَمْ يَسْمَعْهَا فَبَشِّرْهُ بِعَذَابٍ أَلِيمٍ


Owezwayo amavesi kaMvelinqangi efundelwa wona bese eqhubeka nokuziqhenya, kube sengathi akawezwa, ngakho-ke mtshene ngesijeziso esibuhlungu.

9. وَإِذَا عَلِمَ مِنْ آيَاتِنَا شَيْئًا اتَّخَذَهَا هُزُوًا أُولَئِكَ لَهُمْ عَذَابٌ مُهِينٌ


Futhi uma esekufundile okuthize emavesini ethu ukuthatha njengenhlekisa labo-ke okwabo yisijeziso esijabhisayo.

10. مِنْ وَرَائِهِمْ جَهَنَّمُ وَلَا يُغْنِي عَنْهُمْ مَا كَسَبُوا شَيْئًا وَلَا مَا اتَّخَذُوا مِنْ دُونِ اللَّهِ أَوْلِيَاءَ وَلَهُمْ عَذَابٌ عَظِيمٌ


Ngaphambili kwabo kunesihogo futhi angeke kubasize ngalutho lokho ababekusebenzela ngisho nalokho abakuthatha njengabavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi futhi okwabo yisijeziso esikhulu.

11. هَذَا هُدًى وَالَّذِينَ كَفَرُوا بِآيَاتِ رَبِّهِمْ لَهُمْ عَذَابٌ مِنْ رِجْزٍ أَلِيمٌ


Lokhu ukuholwa, futhi labo abangakholelwa emavesini eNkosi yabo okwabo yisijeziso esibuhlungu seRijz.

12. اللَّهُ الَّذِي سَخَّرَ لَكُمُ الْبَحْرَ لِتَجْرِيَ الْفُلْكُ فِيهِ بِأَمْرِهِ وَلِتَبْتَغُوا مِنْ فَضْلِهِ وَلَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ


NguMvelinqangi owanenzela ulwandle lwanithobela ukuze imikhumbi ihambe kulona ngempoqo yakhe futhi ukuze nifune ububele bakhe futhi ukuze nibonge.

13. وَسَخَّرَ لَكُمْ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا مِنْهُ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَاتٍ لِقَوْمٍ يَتَفَكَّرُونَ


Futhi wanenzela yanithobela noma ngabe yini esemazulwini kanye nakho konke okusemhlabeni, kuvela kuyena, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo.

14. قُلْ لِلَّذِينَ آمَنُوا يَغْفِرُوا لِلَّذِينَ لَا يَرْجُونَ أَيَّامَ اللَّهِ لِيَجْزِيَ قَوْمًا بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ


Ithi kulabo abakholwayo abathethelele labo abangazethembi izinsuku zikaMvelinqangi ukuze anike umvuzo abantu ngenxa yalokho ababekusebenzela.

15. مَنْ عَمِلَ صَالِحًا فَلِنَفْسِهِ وَمَنْ أَسَاءَ فَعَلَيْهَا ثُمَّ إِلَى رَبِّكُمْ تُرْجَعُونَ


Noma ngabe ngubani owenza izenzo ezinhle kungokwakhe uqobo futhi noma ngabe ngubani owenza okubi ngakho-ke kuphambene naye bese nibuyiselwa eNkosini yenu.

16. وَلَقَدْ آتَيْنَا بَنِي إِسْرَائِيلَ الْكِتَابَ وَالْحُكْمَ وَالنُّبُوَّةَ وَرَزَقْنَاهُمْ مِنَ الطَّيِّبَاتِ وَفَضَّلْنَاهُمْ عَلَى الْعَالَمِينَ


Futhi ngempela sabanikeza abantwana bakwa-Israyeli incwadi nesehlulelo nobuphrofethi futhi sababela ezintweni ezinhle futhi sabakhetha ngaphezulu kwemihlaba.

17. وَآتَيْنَاهُمْ بَيِّنَاتٍ مِنَ الْأَمْرِ فَمَا اخْتَلَفُوا إِلَّا مِنْ بَعْدِ مَا جَاءَهُمُ الْعِلْمُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ إِنَّ رَبَّكَ يَقْضِي بَيْنَهُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ فِيمَا كَانُوا فِيهِ يَخْتَلِفُونَ


Futhi sabanikeza ubufakazi obucacile odabeni, ngakho-ke abazange baphikisane kwaze kwaba yingemumva kokuba sebefikelwe ulwazi ngenxa yomona phakathi kwabo, ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho ababephikisana kukona.

18. ثُمَّ جَعَلْنَاكَ عَلَى شَرِيعَةٍ مِنَ الْأَمْرِ فَاتَّبِعْهَا وَلَا تَتَّبِعْ أَهْوَاءَ الَّذِينَ لَا يَعْلَمُونَ


Sabe sesikwenza ukuthi ube sendleleni esemthethweni empoqweni, ngakho-ke yilandele, ungalandeli izifiso zalabo abangazi.

19. إِنَّهُمْ لَنْ يُغْنُوا عَنْكَ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا وَإِنَّ الظَّالِمِينَ بَعْضُهُمْ أَوْلِيَاءُ بَعْضٍ وَاللَّهُ وَلِيُّ الْمُتَّقِينَ


Ngempela bona abasoze bakusize ngalutho maqondana noMvelinqangi futhi ngempela izoni ezinye zazo zingabangane zezinye, kepha uMvelinqangi ungumvikeli wabalungileyo.

20. هَذَا بَصَائِرُ لِلنَّاسِ وَهُدًى وَرَحْمَةٌ لِقَوْمٍ يُوقِنُونَ


Lokhu kuwukubona okucacile kubantu nokuholeleka (endleleni elungileyo) kanye nomusa kubantu abaqinisekile (enkolweni).