سورة الأحقاف - Sûrah 46: Al-Ah`kâf - Amagquma ezihlabathi

1. حم


Ha Meem

2. تَنْزِيلُ الْكِتَابِ مِنَ اللَّهِ الْعَزِيزِ الْحَكِيمِ


Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani.

3. مَا خَلَقْنَا السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا إِلَّا بِالْحَقِّ وَأَجَلٍ مُسَمًّى وَالَّذِينَ كَفَرُوا عَمَّا أُنْذِرُوا مُعْرِضُونَ


Asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngaphandle kweqiniso nesikhathi esinqunyiwe futhi labo abangakholwanga lokho abaxwayiswe ngako bayakufulathela.

4. قُلْ أَرَأَيْتُمْ مَا تَدْعُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ أَرُونِي مَاذَا خَلَقُوا مِنَ الْأَرْضِ أَمْ لَهُمْ شِرْكٌ فِي السَّمَاوَاتِ ائْتُونِي بِكِتَابٍ مِنْ قَبْلِ هَذَا أَوْ أَثَارَةٍ مِنْ عِلْمٍ إِنْ كُنْتُمْ صَادِقِينَ


Ithi, “ngakube nikubonile yini lokho enikukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi, ngikhombiseni ukuthi badalani emhlabeni noma ngakube banayo yini ingxenye emazulwini? Ngiletheleni incwadi yangaphambilini kwalena noma insalela yolwazi uma kungukuthi nina ningabaqinisileyo”.

5. وَمَنْ أَضَلُّ مِمَّنْ يَدْعُو مِنْ دُونِ اللَّهِ مَنْ لَا يَسْتَجِيبُ لَهُ إِلَى يَوْمِ الْقِيَامَةِ وَهُمْ عَنْ دُعَائِهِمْ غَافِلُونَ


Futhi ngubani oduke kakhulu kunalowo omemeza esikhundleni sikaMvelinqangi labo abangamphenduli kuze kube wusuku lokuvuka kwabafileyo futhi bona bengakunakile ukubizwa kwabo.

6. وَإِذَا حُشِرَ النَّاسُ كَانُوا لَهُمْ أَعْدَاءً وَكَانُوا بِعِبَادَتِهِمْ كَافِرِينَ


Futhi ngenkathi abantu beqoqelwa ndawonye bayokuba yizitha kubona futhi bayokuphika ukubakhonza kwabo.

7. وَإِذَا تُتْلَى عَلَيْهِمْ آيَاتُنَا بَيِّنَاتٍ قَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا لِلْحَقِّ لَمَّا جَاءَهُمْ هَذَا سِحْرٌ مُبِينٌ


Futhi ngenkathi befundelwa amavesi ethu acacile, labo abangazange bakholwe bathi, “ngeqiniso ngenkathi lifika kubona, lona ngumlingo ocacile”.

8. أَمْ يَقُولُونَ افْتَرَاهُ قُلْ إِنِ افْتَرَيْتُهُ فَلَا تَمْلِكُونَ لِي مِنَ اللَّهِ شَيْئًا هُوَ أَعْلَمُ بِمَا تُفِيضُونَ فِيهِ كَفَى بِهِ شَهِيدًا بَيْنِي وَبَيْنَكُمْ وَهُوَ الْغَفُورُ الرَّحِيمُ


Noma bathi, “uyenzile (iQur’an)” ithi, “uma ngiyenzile ngakho- ke angeke ningizuzele lutho kuMvelinqangi ungowaziyo kangcono ngalokho enikushoyo ngayo, wanele njengofakazi phakathi kwami nani futhi yena ungothethelelayo onomusa”.

9. قُلْ مَا كُنْتُ بِدْعًا مِنَ الرُّسُلِ وَمَا أَدْرِي مَا يُفْعَلُ بِي وَلَا بِكُمْ إِنْ أَتَّبِعُ إِلَّا مَا يُوحَى إِلَيَّ وَمَا أَنَا إِلَّا نَذِيرٌ مُبِينٌ


Ithi, “angisiyena owokuqala ezithunyweni futhi angazi ukuthi kuyokwenziwani ngami nangani, angilandeli lutho ngaphandle kwalokho okwembulwe kumina futhi mina angiyilutho ngaphandle komxwayisi ogqamile”.

10. قُلْ أَرَأَيْتُمْ إِنْ كَانَ مِنْ عِنْدِ اللَّهِ وَكَفَرْتُمْ بِهِ وَشَهِدَ شَاهِدٌ مِنْ بَنِي إِسْرَائِيلَ عَلَى مِثْلِهِ فَآمَنَ وَاسْتَكْبَرْتُمْ إِنَّ اللَّهَ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ


Ithi, “ngakube nibonile ukuthi uma ivela kuMvelinqangi nabe seniyayiphika (iQur’an) futhi wafakaza ufakazi ophuma phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli (ngencwadi) efana nayo bese eyakholwa kulapho niqhosha, ngempela uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni”.

11. وَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا لِلَّذِينَ آمَنُوا لَوْ كَانَ خَيْرًا مَا سَبَقُونَا إِلَيْهِ وَإِذْ لَمْ يَهْتَدُوا بِهِ فَسَيَقُولُونَ هَذَا إِفْكٌ قَدِيمٌ


Futhi labo abangakholwanga bathi kulabo abakholwayo ukube wawungcono umyalezo babengeke basidlule bawuthole kuqala kunathi futhi ngenkathi bengaholelekile ngawo bathi, “lawa ngamanga asemandulo”.

12. وَمِنْ قَبْلِهِ كِتَابُ مُوسَى إِمَامًا وَرَحْمَةً وَهَذَا كِتَابٌ مُصَدِّقٌ لِسَانًا عَرَبِيًّا لِيُنْذِرَ الَّذِينَ ظَلَمُوا وَبُشْرَى لِلْمُحْسِنِينَ


Futhi ngaphambilini kwayo kwakunencwadi kaMose, ukuhola nomusa futhi lena yincwadi eqinisekisa ngolimi lwesi-Arabhu ukuze ixwayise labo abenza okungenabo ubulungiswa.

13. إِنَّ الَّذِينَ قَالُوا رَبُّنَا اللَّهُ ثُمَّ اسْتَقَامُوا فَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ


Ngempela labo abathi iNkosi yethu nguMvelinqangi bese bebambelela (kuloko) angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi bona angeke baphatheke kabi.

14. أُولَئِكَ أَصْحَابُ الْجَنَّةِ خَالِدِينَ فِيهَا جَزَاءً بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Labo-ke bangabangane basezulwini bayohlala lapho phakathi ingunaphakade njengomvuzo ngenxa yalokho ababekwenza.

15. وَوَصَّيْنَا الْإِنْسَانَ بِوَالِدَيْهِ إِحْسَانًا حَمَلَتْهُ أُمُّهُ كُرْهًا وَوَضَعَتْهُ كُرْهًا وَحَمْلُهُ وَفِصَالُهُ ثَلَاثُونَ شَهْرًا حَتَّى إِذَا بَلَغَ أَشُدَّهُ وَبَلَغَ أَرْبَعِينَ سَنَةً قَالَ رَبِّ أَوْزِعْنِي أَنْ أَشْكُرَ نِعْمَتَكَ الَّتِي أَنْعَمْتَ عَلَيَّ وَعَلَى وَالِدَيَّ وَأَنْ أَعْمَلَ صَالِحًا تَرْضَاهُ وَأَصْلِحْ لِي فِي ذُرِّيَّتِي إِنِّي تُبْتُ إِلَيْكَ وَإِنِّي مِنَ الْمُسْلِمِينَ


Futhi samyala umuntu ngokwenza okuhle kubazali bakhe, unina wamkhulelwa kanzima futhi wamzala kanzima, futhi ukumkhulelwa kanye nokumlumula kwakhe (ukumsusa ebeleni) kuyizinyanga ezingamashumi amathathu kuze kube uyakhula afinyelele eminyakeni engamashumi amane athi, “ Nkosi yami ngenze ukuthi ngiwubonge umusa wakho lowo owubeke phezulu kwami kanye nakubazali bami nokuthi ngenze izenzo ezinhle ezilungileyo ozithokozelayo futhi ungenzele ukulunga enzalweni yami, ngempela mina ngiphendukele kuwena ngokuzisola futhi ngempela mina ngingomunye wamaMuslim.

16. أُولَئِكَ الَّذِينَ نَتَقَبَّلُ عَنْهُمْ أَحْسَنَ مَا عَمِلُوا وَنَتَجَاوَزُ عَنْ سَيِّئَاتِهِمْ فِي أَصْحَابِ الْجَنَّةِ وَعْدَ الصِّدْقِ الَّذِي كَانُوا يُوعَدُونَ


Labo-ke bayilabo esikwemukelayo kubona okuhle kakhulu lokho abakwenzayo futhi sizidlulise izenzo zabo ezimbi phakathi kwezihlali zezulu, isethembiso esiyiqiniso leso ababesethenjisiwe.

17. وَالَّذِي قَالَ لِوَالِدَيْهِ أُفٍّ لَكُمَا أَتَعِدَانِنِي أَنْ أُخْرَجَ وَقَدْ خَلَتِ الْقُرُونُ مِنْ قَبْلِي وَهُمَا يَسْتَغِيثَانِ اللَّهَ وَيْلَكَ آمِنْ إِنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ فَيَقُولُ مَا هَذَا إِلَّا أَسَاطِيرُ الْأَوَّلِينَ


Futhi lowo othi kubazali bakhe, “uff kunina nobabili”, ngakube niyangethembisa ukuthi ngiyokhishwa (ngiyovuswa emhlabeni) kulapho sezadlula izizukulwane ngaphambilini kwami, futhi bona bobabili bacela usizo kuMvelinqangi, usizi kuwena! Kholwa ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso kepha uthi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kwezinganekwane zasendulo”.

18. أُولَئِكَ الَّذِينَ حَقَّ عَلَيْهِمُ الْقَوْلُ فِي أُمَمٍ قَدْ خَلَتْ مِنْ قَبْلِهِمْ مِنَ الْجِنِّ وَالْإِنْسِ إِنَّهُمْ كَانُوا خَاسِرِينَ


Labo-ke bayilabo elaqiniseka kubona igama, ezizukulwaneni esezadlula ngaphambilini kwabo zamajinn nabantu, ngempela bona babengabalahlekelwe.

19. وَلِكُلٍّ دَرَجَاتٌ مِمَّا عَمِلُوا وَلِيُوَفِّيَهُمْ أَعْمَالَهُمْ وَهُمْ لَا يُظْلَمُونَ


Futhi kubona bonke kunamazinga (ahlukehlukene) ngokuhambelana nalokho ababekwenza, futhi ukuze abakhokhele ngezenzo zabo futhi bona angeke benziwe okungenabo ubulungiswa.

20. وَيَوْمَ يُعْرَضُ الَّذِينَ كَفَرُوا عَلَى النَّارِ أَذْهَبْتُمْ طَيِّبَاتِكُمْ فِي حَيَاتِكُمُ الدُّنْيَا وَاسْتَمْتَعْتُمْ بِهَا فَالْيَوْمَ تُجْزَوْنَ عَذَابَ الْهُونِ بِمَا كُنْتُمْ تَسْتَكْبِرُونَ فِي الْأَرْضِ بِغَيْرِ الْحَقِّ وَبِمَا كُنْتُمْ تَفْسُقُونَ


Futhi ngosuku lapho labo abangazange bakholwe belethwa emlilweni, “nina nazithola izinto zenu ezinhle empilweni yenu yalomhlaba nazithokozisa ngazo ngakho-ke ngalolusuku ninikwa umvuzo wesijeziso esijabhisayo ngenxa yokuthi nina naniziphakamisa emhlabeni ngokungesilona iqiniso nangenxa yokuthi nina nanephula umthetho.