سورة محمد - Sûrah 47: Muhammad - UMuhammad

1. الَّذِينَ كَفَرُوا وَصَدُّوا عَنْ سَبِيلِ اللَّهِ أَضَلَّ أَعْمَالَهُمْ


Labo abangakholwanga futhi abavimba endleleni kaMvelinqangi uyoyenza ize leze imisebenzi yabo.

2. وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ وَآمَنُوا بِمَا نُزِّلَ عَلَى مُحَمَّدٍ وَهُوَ الْحَقُّ مِنْ رَبِّهِمْ كَفَّرَ عَنْهُمْ سَيِّئَاتِهِمْ وَأَصْلَحَ بَالَهُمْ


Futhi labo abakholwayo abenza izenzo ezinhle ezilungileyo futhi abakholelwa kulokho okwembulwa kuMuhammad futh kona kuyiqiniso elivela eNkosini yabo, iyozisusa kubona izenzo zabo ezimbi bese ilungisa isimo sabo.

3. ذَلِكَ بِأَنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا اتَّبَعُوا الْبَاطِلَ وَأَنَّ الَّذِينَ آمَنُوا اتَّبَعُوا الْحَقَّ مِنْ رَبِّهِمْ كَذَلِكَ يَضْرِبُ اللَّهُ لِلنَّاسِ أَمْثَالَهُمْ


Lokho kungenxa yokuthi labo abangakholwanga balandela okungesilona iqiniso kepha labo abakholwayo balandela iqiniso elivela eNkosini yabo, kanjalo uMvelinqangi wenzela abantu imifanekiso yabo.

4. فَإِذَا لَقِيتُمُ الَّذِينَ كَفَرُوا فَضَرْبَ الرِّقَابِ حَتَّى إِذَا أَثْخَنْتُمُوهُمْ فَشُدُّوا الْوَثَاقَ فَإِمَّا مَنًّا بَعْدُ وَإِمَّا فِدَاءً حَتَّى تَضَعَ الْحَرْبُ أَوْزَارَهَا ذَلِكَ وَلَوْ يَشَاءُ اللَّهُ لَانْتَصَرَ مِنْهُمْ وَلَكِنْ لِيَبْلُوَ بَعْضَكُمْ بِبَعْضٍ وَالَّذِينَ قُتِلُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ فَلَنْ يُضِلَّ أَعْمَالَهُمْ


Ngakho-ke uma nihlangana (empini) nalabo abangakholwanga bashayeni ezintanyeni zabo kuze kube yilapho nibehlula ngokugcwele, bese niqinisa ubudlelwane, emva kwalokho yisikhathi sesihe noma inhlengo kuze kube impi ibeka phansi umthwalo wayo, lokho ukube ubethanda uMvelinqangi wayezoziphindisela kubona, kepha ukuze avivinye abanye benu ngabanye, kepha labo ababulawa endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke akasoze alahle imisebenzi yabo.

5. سَيَهْدِيهِمْ وَيُصْلِحُ بَالَهُمْ


Uyobahola futhi alungise isimo sabo.

6. وَيُدْخِلُهُمُ الْجَنَّةَ عَرَّفَهَا لَهُمْ


Futhi abangenise ezulwini alazise bona.

7. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِنْ تَنْصُرُوا اللَّهَ يَنْصُرْكُمْ وَيُثَبِّتْ أَقْدَامَكُمْ


Oh Nina enikholwayo! Uma nimelekelela uMvelinqangi uyonilekelela futhi asimamise izinyawo zenu.

8. وَالَّذِينَ كَفَرُوا فَتَعْسًا لَهُمْ وَأَضَلَّ أَعْمَالَهُمْ


Futhi labo abangakholwanga okwabo yimbubhiso futhi uMvelinqangi uyoyilahla imisebenzi yabo.

9. ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ كَرِهُوا مَا أَنْزَلَ اللَّهُ فَأَحْبَطَ أَعْمَالَهُمْ


Lokhu kungenxa yokuthi bayakuzonda lokho uMvelinqangi akwembulayo ngakho-ke wazenza zaba yize leze izenzo zabo.

10. أَفَلَمْ يَسِيرُوا فِي الْأَرْضِ فَيَنْظُرُوا كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ دَمَّرَ اللَّهُ عَلَيْهِمْ وَلِلْكَافِرِينَ أَمْثَالُهَا


Ngakube abazange yini bahambe emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo, uMvelinqangi wababhubhisa nokufana nako (kulinde) kulabo abangakholwa.

11. ذَلِكَ بِأَنَّ اللَّهَ مَوْلَى الَّذِينَ آمَنُوا وَأَنَّ الْكَافِرِينَ لَا مَوْلَى لَهُمْ


Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi ungumvikeli walabo abakholwayo futhi abangakholwa abanaye umvikeli.

12. إِنَّ اللَّهَ يُدْخِلُ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ وَالَّذِينَ كَفَرُوا يَتَمَتَّعُونَ وَيَأْكُلُونَ كَمَا تَأْكُلُ الْأَنْعَامُ وَالنَّارُ مَثْوًى لَهُمْ


Ngempela uMvelinqangi ungenisa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo amanzi kulapho labo abangazange bakholwe bezithokozisa futhi bedla ngendlela okudla ngayo izinkomo futhi umlilo yindawo yabo yokuhlala.

13. وَكَأَيِّنْ مِنْ قَرْيَةٍ هِيَ أَشَدُّ قُوَّةً مِنْ قَرْيَتِكَ الَّتِي أَخْرَجَتْكَ أَهْلَكْنَاهُمْ فَلَا نَاصِرَ لَهُمْ


Futhi mangaki amadolobha ayenamandla amakhulu ukwedlula idolobha lakho lelo elakuxosha, sababhubhisa abazange babenaye umelekeleli.

14. أَفَمَنْ كَانَ عَلَى بَيِّنَةٍ مِنْ رَبِّهِ كَمَنْ زُيِّنَ لَهُ سُوءُ عَمَلِهِ وَاتَّبَعُوا أَهْوَاءَهُمْ


Ngakube lowo osebufakazini obucacile obuvela eNkosini yakhe uyefana yini nalowo owenziwele sasihle isenzo sakhe esimbi, futhi balandela izifiso zabo.

15. مَثَلُ الْجَنَّةِ الَّتِي وُعِدَ الْمُتَّقُونَ فِيهَا أَنْهَارٌ مِنْ مَاءٍ غَيْرِ آسِنٍ وَأَنْهَارٌ مِنْ لَبَنٍ لَمْ يَتَغَيَّرْ طَعْمُهُ وَأَنْهَارٌ مِنْ خَمْرٍ لَذَّةٍ لِلشَّارِبِينَ وَأَنْهَارٌ مِنْ عَسَلٍ مُصَفًّى وَلَهُمْ فِيهَا مِنْ كُلِّ الثَّمَرَاتِ وَمَغْفِرَةٌ مِنْ رَبِّهِمْ كَمَنْ هُوَ خَالِدٌ فِي النَّارِ وَسُقُوا مَاءً حَمِيمًا فَقَطَّعَ أَمْعَاءَهُمْ


Incazelo yesivande leso esethenjiswa abalungileyo kusona phakathi kunemifula yamanzi angashintshi ubuwona kanye nemifula yobisi okungashintshi ukunambitheka kwayo kanye nemifula yewayini elimnandi kwabaliphuzayo kanye nemifula yoju olwenziwe kahle futhi okwabo lapho phakathi yizona zonke izinhlobonhlobo zezithelo nentethelelo evela eNkosini yabo, njengalabo abasemlilweni ingunaphakade futhi baphuziswe amanzi abilayo bese enquma amathumbu abo.

16. وَمِنْهُمْ مَنْ يَسْتَمِعُ إِلَيْكَ حَتَّى إِذَا خَرَجُوا مِنْ عِنْدِكَ قَالُوا لِلَّذِينَ أُوتُوا الْعِلْمَ مَاذَا قَالَ آنِفًا أُولَئِكَ الَّذِينَ طَبَعَ اللَّهُ عَلَى قُلُوبِهِمْ وَاتَّبَعُوا أَهْوَاءَهُمْ


Futhi phakathi kwabo kunalabo abakulalelayo kuze kuthi lapho uma besuka kuwena bathi kulabo abaphiwa ulwazi, “yini leyo ayishilo” labo bayilabo uMvelinqagi asicilele izinhliziyo zabo futhi abalandela izifiso zabo.

17. وَالَّذِينَ اهْتَدَوْا زَادَهُمْ هُدًى وَآتَاهُمْ تَقْوَاهُمْ


Futhi labo abaholeleke (endleleni eqondile) uyabenyusela ekuholweni futhi ubanika ukulunga kwabo.

18. فَهَلْ يَنْظُرُونَ إِلَّا السَّاعَةَ أَنْ تَأْتِيَهُمْ بَغْتَةً فَقَدْ جَاءَ أَشْرَاطُهَا فَأَنَّى لَهُمْ إِذَا جَاءَتْهُمْ ذِكْرَاهُمْ


Ngakube balindile ngaphandle kwehora ukuthi lifike kubona masinyane na? Kepha sezafika izimpawu zalo, ngakho-ke kuyokubanjani kubona uma sebefikelwa yisikhumbuzo sabo na?

19. فَاعْلَمْ أَنَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا اللَّهُ وَاسْتَغْفِرْ لِذَنْبِكَ وَلِلْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ وَاللَّهُ يَعْلَمُ مُتَقَلَّبَكُمْ وَمَثْوَاكُمْ


Ngakho-ke yazi ukuthi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi futhi cela intethelelo ngesono sakho nesabesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo futhi uMvelinqangi uyakwazi ukuhamba kwenu nendawo yenu yokuphumula.

20. وَيَقُولُ الَّذِينَ آمَنُوا لَوْلَا نُزِّلَتْ سُورَةٌ فَإِذَا أُنْزِلَتْ سُورَةٌ مُحْكَمَةٌ وَذُكِرَ فِيهَا الْقِتَالُ رَأَيْتَ الَّذِينَ فِي قُلُوبِهِمْ مَرَضٌ يَنْظُرُونَ إِلَيْكَ نَظَرَ الْمَغْشِيِّ عَلَيْهِ مِنَ الْمَوْتِ فَأَوْلَى لَهُمْ


Futhi bathi labo abakholwayo, “kungani singembulwanga isahluko” kepha uma sesambulwa isahluko esinqumayo ekukhuluma ngokulwa kusona.