سورة المجادلة - Sûrah 58: Al-Mujâdilah - Owesifazane onempikiswano
1. قَدْ سَمِعَ اللَّهُ قَوْلَ الَّتِي تُجَادِلُكَ فِي زَوْجِهَا وَتَشْتَكِي إِلَى اللَّهِ وَاللَّهُ يَسْمَعُ تَحَاوُرَكُمَا إِنَّ اللَّهَ سَمِيعٌ بَصِيرٌ
Ngempela uMvelinqangi uyizwile inkulumo leyo owesifazane ayephikisana ngayo nawe mayelana nomyeni wakhe, ekhononda kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi uyayizwa ingxoxo yenu nobabili ngempela uMvelinqangi ungozwayo obonayo.
2. الَّذِينَ يُظَاهِرُونَ مِنْكُمْ مِنْ نِسَائِهِمْ مَا هُنَّ أُمَّهَاتِهِمْ إِنْ أُمَّهَاتُهُمْ إِلَّا اللَّائِي وَلَدْنَهُمْ وَإِنَّهُمْ لَيَقُولُونَ مُنْكَرًا مِنَ الْقَوْلِ وَزُورًا وَإِنَّ اللَّهَ لَعَفُوٌّ غَفُورٌ
Labo phakathi kwenu abenza amakhosikazi abo angabi semthethweni (ngokuwabiza ngokuthi imihlane yawo injengeyonina, lokho babekwenzela isehlukaniso) wona (amakhosikazi abo) akawasibona onina, akuyibona onina ngaphandle kwabesifazane ababazala futhi ngempela bona basho inkulumo embi neyamanga ngempela uMvelinqangi ungoxolelayo othethelelayo.
3. وَالَّذِينَ يُظَاهِرُونَ مِنْ نِسَائِهِمْ ثُمَّ يَعُودُونَ لِمَا قَالُوا فَتَحْرِيرُ رَقَبَةٍ مِنْ قَبْلِ أَنْ يَتَمَاسَّا ذَلِكُمْ تُوعَظُونَ بِهِ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ
Futhi labo abathi imihlane yamakhosikazi abo ifana neyabonina bese beyakuhoxisa lokho abakushilo ngakho-ke kufanele kukhululwe isigqila ngaphambili kokuba bathintane, lokho niyayalwa ngako futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakwazi.
4. فَمَنْ لَمْ يَجِدْ فَصِيَامُ شَهْرَيْنِ مُتَتَابِعَيْنِ مِنْ قَبْلِ أَنْ يَتَمَاسَّا فَمَنْ لَمْ يَسْتَطِعْ فَإِطْعَامُ سِتِّينَ مِسْكِينًا ذَلِكَ لِتُؤْمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَتِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ وَلِلْكَافِرِينَ عَذَابٌ أَلِيمٌ
Ngakho-ke lowo ongasitholi (isigqila azosikhulula) akazile izinyanga ezimbili ezilandelanayo ngaphambili kokuba bathintane ngakho-ke lowo ongakwazi (ukukwenza lokho) ngakho-ke akondle abantu abangamashumi ayisithupha abampofu lokho (kwenzelwa ukuthi) nikholelwe kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi leyo yimingcele kaMvelinqangi futhi okwabangakholwa yisijeziso esibuhlungu.
5. إِنَّ الَّذِينَ يُحَادُّونَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ كُبِتُوا كَمَا كُبِتَ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ وَقَدْ أَنْزَلْنَا آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ وَلِلْكَافِرِينَ عَذَابٌ مُهِينٌ
Ngempela labo abaphikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe bathotshiswa njengokuthotshiswa kwalabo ababengaphambilini kwabo futhi ngempela sawembula amavesi acacile futhi okwabangakholwa yisijeziso esijabhisayo (esidumazayo).
6. يَوْمَ يَبْعَثُهُمُ اللَّهُ جَمِيعًا فَيُنَبِّئُهُمْ بِمَا عَمِلُوا أَحْصَاهُ اللَّهُ وَنَسُوهُ وَاللَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ شَهِيدٌ
Khumbula ngosuku lapho uMvelinqangi eyobavusa bonke bese ebatshena ngaloko ababekwenza, uMvelinqangi wakubala (konke ababekwenza) kulapho sebekukhohliwe, futhi uMvelinqangi uyazibona zonke izinto.
7. أَلَمْ تَرَ أَنَّ اللَّهَ يَعْلَمُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ مَا يَكُونُ مِنْ نَجْوَى ثَلَاثَةٍ إِلَّا هُوَ رَابِعُهُمْ وَلَا خَمْسَةٍ إِلَّا هُوَ سَادِسُهُمْ وَلَا أَدْنَى مِنْ ذَلِكَ وَلَا أَكْثَرَ إِلَّا هُوَ مَعَهُمْ أَيْنَ مَا كَانُوا ثُمَّ يُنَبِّئُهُمْ بِمَا عَمِلُوا يَوْمَ الْقِيَامَةِ إِنَّ اللَّهَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ
Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi uyakwazi konke okusemazulwini nako konke okusemhlabeni, futhi uMvelinqangi awukho umhlangano wasesithe wabathathu ngaphandle kokuba yena ungowesine futhi akekho owesihlanu ngaphandle kokuba yena ungowesithupha wabo futhi akukho okungaphansi kwalokho noma okungaphezulu ngaphandle kokuthi yena ukanye nabo noma ngabe yikuphi lapho bekhona bese ebatshela ngalokho ababekwenza ngosuku lokuvuka kwabafileyo ngempela uMvelinqangi uyazazi zonke izinto.
8. أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ نُهُوا عَنِ النَّجْوَى ثُمَّ يَعُودُونَ لِمَا نُهُوا عَنْهُ وَيَتَنَاجَوْنَ بِالْإِثْمِ وَالْعُدْوَانِ وَمَعْصِيَتِ الرَّسُولِ وَإِذَا جَاءُوكَ حَيَّوْكَ بِمَا لَمْ يُحَيِّكَ بِهِ اللَّهُ وَيَقُولُونَ فِي أَنْفُسِهِمْ لَوْلَا يُعَذِّبُنَا اللَّهُ بِمَا نَقُولُ حَسْبُهُمْ جَهَنَّمُ يَصْلَوْنَهَا فَبِئْسَ الْمَصِيرُ
Awubaboni yini labo ababenqatshelwe umhlangano wangasese bese bebuyela kuloko ababenqatshelwe kukona bese behlangana ndawonye ngesono nobutha kanye nokungasihloniphi isithunywa, futhi uma befika kuwena bakubingelela ngaloko angakubingeleli ngako uMvelinqangi futhi bathi emiphefumulweni yabo, “kungani engasijezisi uMvelinqangi ngaloko esikushoyo?” sibanele isihogo bayosha kusona kubi lapho kuyiwa khona.
9. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا تَنَاجَيْتُمْ فَلَا تَتَنَاجَوْا بِالْإِثْمِ وَالْعُدْوَانِ وَمَعْصِيَتِ الرَّسُولِ وَتَنَاجَوْا بِالْبِرِّ وَالتَّقْوَى وَاتَّقُوا اللَّهَ الَّذِي إِلَيْهِ تُحْشَرُونَ
Oh Nina enikholwayo! Uma nihlangana ngasese ngakho- ke ningahlangani ngasese ngesono nobutha kanye nokungasihloniphi isithunywa kepha yibani nemihlangano yangasese ngokuhle nokwesaba futhi yesabani uMvelinqangi okunguyena eniyoqoqelwa ndawonye kuyena.
10. إِنَّمَا النَّجْوَى مِنَ الشَّيْطَانِ لِيَحْزُنَ الَّذِينَ آمَنُوا وَلَيْسَ بِضَارِّهِمْ شَيْئًا إِلَّا بِإِذْنِ اللَّهِ وَعَلَى اللَّهِ فَلْيَتَوَكَّلِ الْمُؤْمِنُونَ
Kuphela izinkulumo zangasese zivela kusathane ukuze enze labo abakholwayo babewusizi futhi angeke balinyazwe yilutho ngaphandle uma kungokwentando kaMvelinqangi futhi ikuMvelinqangi lapho bethembela khona abakholwayo.
11. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا قِيلَ لَكُمْ تَفَسَّحُوا فِي الْمَجَالِسِ فَافْسَحُوا يَفْسَحِ اللَّهُ لَكُمْ وَإِذَا قِيلَ انْشُزُوا فَانْشُزُوا يَرْفَعِ اللَّهُ الَّذِينَ آمَنُوا مِنْكُمْ وَالَّذِينَ أُوتُوا الْعِلْمَ دَرَجَاتٍ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ
Oh Nina enikholwayo! Uma kuthiwa kunina “vulani indawo emihlanganweni” ngakho-ke yivuleni uyonivulela indawo uMvelinqangi futhi uma kuthiwa (kunina) “sukumani” ngakho-ke sukumani, uyabaphakamisa uMvelinqangi labo abakholwayo phakathi kwenu kanye nalabo abanikezwa ulwazi ngamazinga futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakwazi.
12. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا نَاجَيْتُمُ الرَّسُولَ فَقَدِّمُوا بَيْنَ يَدَيْ نَجْوَاكُمْ صَدَقَةً ذَلِكَ خَيْرٌ لَكُمْ وَأَطْهَرُ فَإِنْ لَمْ تَجِدُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ
Oh Nina enikholwayo! Uma nihlangana nesithunywa ngasese ngakho-ke nikelani ngesipho ngaphambili kokuxoxisana kwenu, lokho kungcono kunina futhi kumsulwa kakhulu, kepha uma ningasitholi (isipho) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu.
13. أَأَشْفَقْتُمْ أَنْ تُقَدِّمُوا بَيْنَ يَدَيْ نَجْوَاكُمْ صَدَقَاتٍ فَإِذْ لَمْ تَفْعَلُوا وَتَابَ اللَّهُ عَلَيْكُمْ فَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ وَأَطِيعُوا اللَّهَ وَرَسُولَهُ وَاللَّهُ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ
Ngakube niyesaba yini ukunikela ngezipho ngaphambili kokuxoxisana kwenu na? Manjalo uma ningakwenzi lokho, uMvelinqangi unithethelele, ngakho-ke yenzani umthandazo ninikeze (nikhokhe) izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi nihloniphe uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi uMvelinqangi uyazi ngaloko enikwenzayo.
14. أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ تَوَلَّوْا قَوْمًا غَضِبَ اللَّهُ عَلَيْهِمْ مَا هُمْ مِنْكُمْ وَلَا مِنْهُمْ وَيَحْلِفُونَ عَلَى الْكَذِبِ وَهُمْ يَعْلَمُونَ
Awubaboni yini labo abenza ubungane nabantu ubathukuthelele uMvelinqangi abasibona abenu futhi abasibona ababo futhi bafunga ngamanga kulapho bona bazi.
15. أَعَدَّ اللَّهُ لَهُمْ عَذَابًا شَدِيدًا إِنَّهُمْ سَاءَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ
UMvelinqangi wabalungiselela isijeziso esinzima, ngempela bona okubi lokho ababekwenza.
16. اتَّخَذُوا أَيْمَانَهُمْ جُنَّةً فَصَدُّوا عَنْ سَبِيلِ اللَّهِ فَلَهُمْ عَذَابٌ مُهِينٌ
Bathatha izifungo zabo njengesisitho, manjalo bavimba (abanye) endleleni kaMvelinqangi, ngakho-ke okwabo yisijeziso esidumazayo.
17. لَنْ تُغْنِيَ عَنْهُمْ أَمْوَالُهُمْ وَلَا أَوْلَادُهُمْ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا أُولَئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ
Ayisoze yabasiza ngalutho ingcebo yabo nezingane zabo kuMvelinqangi, labo-ke yizihlali zomlilo ziyokuba kuwona ingunaphakade.
18. يَوْمَ يَبْعَثُهُمُ اللَّهُ جَمِيعًا فَيَحْلِفُونَ لَهُ كَمَا يَحْلِفُونَ لَكُمْ وَيَحْسَبُونَ أَنَّهُمْ عَلَى شَيْءٍ أَلَا إِنَّهُمْ هُمُ الْكَاذِبُونَ
Ngosuku ayobavusa ngalo uMvelinqangi bonke bese beyamfunga njengoba benifunga futhi bacabanga ukuthi bona baphezulu kokuthize, ngempela bona yibona uqobo abaqambi bamanga.
19. اسْتَحْوَذَ عَلَيْهِمُ الشَّيْطَانُ فَأَنْسَاهُمْ ذِكْرَ اللَّهِ أُولَئِكَ حِزْبُ الشَّيْطَانِ أَلَا إِنَّ حِزْبَ الشَّيْطَانِ هُمُ الْخَاسِرُونَ
Wabanqoba usathane manjalo wabenza ukuthi bakhohlwe yisikhumbuzo sikaMvelinqangi, labo bayingxenye kasathane ngokungangabazeki ngempela yiqembu likasathane bona bangabalahlekelwe.
20. إِنَّ الَّذِينَ يُحَادُّونَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ أُولَئِكَ فِي الْأَذَلِّينَ
Ngempela labo abaphikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe labo bayokuba sekudunyazweni.