سورة الحجر - Sûrah 59: Al-Hashr - Umhlanga

1. سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini nako konke okusemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani.

2. هُوَ الَّذِي أَخْرَجَ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ أَهْلِ الْكِتَابِ مِنْ دِيَارِهِمْ لِأَوَّلِ الْحَشْرِ مَا ظَنَنْتُمْ أَنْ يَخْرُجُوا وَظَنُّوا أَنَّهُمْ مَانِعَتُهُمْ حُصُونُهُمْ مِنَ اللَّهِ فَأَتَاهُمُ اللَّهُ مِنْ حَيْثُ لَمْ يَحْتَسِبُوا وَقَذَفَ فِي قُلُوبِهِمُ الرُّعْبَ يُخْرِبُونَ بُيُوتَهُمْ بِأَيْدِيهِمْ وَأَيْدِي الْمُؤْمِنِينَ فَاعْتَبِرُوا يَا أُولِي الْأَبْصَارِ


Yena uyilowo owakhipha labo abangakholwanga phakathi kwabantu bencwadi ezindlini zabo (emizini yabo) ekuhlanganeni kokuqala anicabanganga ukuthi bayophuma futhi babecabanga ukuthi izinqaba zezindlu zabo ziyobavikela kuMvelinqangi, manjalo uMvelinqangi weza kubona evela lapho babengalindele khona futhi wafaka uvalo ezinhliziyweni zabo bebhidliza izindlu zabo ngezandla zabo kanye nezandla zabakholwayo ngakho-ke yalekani Oh Bantu abanamehlo!

3. وَلَوْلَا أَنْ كَتَبَ اللَّهُ عَلَيْهِمُ الْجَلَاءَ لَعَذَّبَهُمْ فِي الدُّنْيَا وَلَهُمْ فِي الْآخِرَةِ عَذَابُ النَّارِ


Futhi ukube kwakungesingenxa yokuthi wabanqumela uMvelinqangi ukudingiswa wayezobajezisa emhlabeni futhi okwabo empilweni ezayo yisijeziso somlilo.

4. ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ شَاقُّوا اللَّهَ وَرَسُولَهُ وَمَنْ يُشَاقِّ اللَّهَ فَإِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ


Lokho kungenxa yokuthi bona babephikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho-ke noma ngabe ngubani ophikisa uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni.

5. مَا قَطَعْتُمْ مِنْ لِينَةٍ أَوْ تَرَكْتُمُوهَا قَائِمَةً عَلَى أُصُولِهَا فَبِإِذْنِ اللَّهِ وَلِيُخْزِيَ الْفَاسِقِينَ


Noma ngabe yiziphi izihlahla zesundu enazigawula noma enazishiya zimile ngezimpande zazo kwakungemvume kaMvelinqangi futhi ukuze adumaze abephula umthetho.

6. وَمَا أَفَاءَ اللَّهُ عَلَى رَسُولِهِ مِنْهُمْ فَمَا أَوْجَفْتُمْ عَلَيْهِ مِنْ خَيْلٍ وَلَا رِكَابٍ وَلَكِنَّ اللَّهَ يُسَلِّطُ رُسُلَهُ عَلَى مَنْ يَشَاءُ وَاللَّهُ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Futhi lokho uMvelinqangi akunika isithunywa sakhe njengempango kuvela kubona, ngalokhu anizange nisheshe ngokugibelwayo amahhashi) namakameli, kepha uMvelinqangi unikeza igunya izithunywa zakhe ngaphezulu kwanoma ngabe ngubani amthandayo, futhi uMvelinqangi wenza zonke izinto.

7. مَا أَفَاءَ اللَّهُ عَلَى رَسُولِهِ مِنْ أَهْلِ الْقُرَى فَلِلَّهِ وَلِلرَّسُولِ وَلِذِي الْقُرْبَى وَالْيَتَامَى وَالْمَسَاكِينِ وَابْنِ السَّبِيلِ كَيْ لَا يَكُونَ دُولَةً بَيْنَ الْأَغْنِيَاءِ مِنْكُمْ وَمَا آتَاكُمُ الرَّسُولُ فَخُذُوهُ وَمَا نَهَاكُمْ عَنْهُ فَانْتَهُوا وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ


Lokho uMvelinqangi akunikeza isithunywa sakhe njengempango kuvela kubantu basemadolobheni ngakho- ke kungokukaMvelinqangi kanye nesithunywa sakhe nezihlobo nezintandane nabampofu kanye nesihambi ukuze kungasetshenziswa phakathi kwabanothile kunina futhi noma ngabe yini enayinikwa yisithunya ngakho-ke yithatheni futhi noma ngabe yini (isithunywa) esanenqabela yona iyekeni (qhelelanani nayo) futhi nesabe uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni.

8. لِلْفُقَرَاءِ الْمُهَاجِرِينَ الَّذِينَ أُخْرِجُوا مِنْ دِيَارِهِمْ وَأَمْوَالِهِمْ يَبْتَغُونَ فَضْلًا مِنَ اللَّهِ وَرِضْوَانًا وَيَنْصُرُونَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ أُولَئِكَ هُمُ الصَّادِقُونَ


(Kunengxenye yezimpango) ekungeyabafuduki abampofu labo abakhishwa ezindlini zabo (emakhaya abo) nasengcebweni yabo befuna umusa ovela kuMvelinqangi nenjabulo futhi belekelela uMvelinqangi nesithunywa sakhe (ngokukholwa) labo-ke bona bangabaneqiniso.

9. وَالَّذِينَ تَبَوَّءُوا الدَّارَ وَالْإِيمَانَ مِنْ قَبْلِهِمْ يُحِبُّونَ مَنْ هَاجَرَ إِلَيْهِمْ وَلَا يَجِدُونَ فِي صُدُورِهِمْ حَاجَةً مِمَّا أُوتُوا وَيُؤْثِرُونَ عَلَى أَنْفُسِهِمْ وَلَوْ كَانَ بِهِمْ خَصَاصَةٌ وَمَنْ يُوقَ شُحَّ نَفْسِهِ فَأُولَئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ


Futhi labo ababenendawo yokuhlala kanye nokholo ngaphambilini okwabo bathanda labo abafudukela kubona futhi bangatholi ezifubeni zabo isidingo kulokho ababekunikeziwe futhi bazikhethela bona uqobo yize ngisho noma ngabe kwakunesidingo salokho futhi noma ngabe ngubani osindisiwe ekufiseni kwakhe, labo bona bangabaphumeleleyo.

10. وَالَّذِينَ جَاءُوا مِنْ بَعْدِهِمْ يَقُولُونَ رَبَّنَا اغْفِرْ لَنَا وَلِإِخْوَانِنَا الَّذِينَ سَبَقُونَا بِالْإِيمَانِ وَلَا تَجْعَلْ فِي قُلُوبِنَا غِلًّا لِلَّذِينَ آمَنُوا رَبَّنَا إِنَّكَ رَءُوفٌ رَحِيمٌ


Futhi labo abafika ngemva kwabo bathi, “Nkosi yethu! Sithethelele kanye nabafowethu labo ababengaphambilini kwethu enkolweni futhi ungabeki ezinhliziyweni zethu inzondo mayelana nalabo abakholwayo, Nkosi yethu ngempela wena umnene unesihawu.

11. أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ نَافَقُوا يَقُولُونَ لِإِخْوَانِهِمُ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ أَهْلِ الْكِتَابِ لَئِنْ أُخْرِجْتُمْ لَنَخْرُجَنَّ مَعَكُمْ وَلَا نُطِيعُ فِيكُمْ أَحَدًا أَبَدًا وَإِنْ قُوتِلْتُمْ لَنَنْصُرَنَّكُمْ وَاللَّهُ يَشْهَدُ إِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ


Awubaboni yini abenza ubuzenzisi bathi kubafowabo labo abangakholwanga phakathi kwabantu bencwadi, “uma nikhishwa ngempela sizophuma kanye nani futhi angeke sihloniphe kunina ngisho noma munye futhi uma nilwiswa ngempela siyonilekelela, futhi uMvelinqangi ungufakazi ukuthi ngempela bona bangabaqamba amanga”.

12. لَئِنْ أُخْرِجُوا لَا يَخْرُجُونَ مَعَهُمْ وَلَئِنْ قُوتِلُوا لَا يَنْصُرُونَهُمْ وَلَئِنْ نَصَرُوهُمْ لَيُوَلُّنَّ الْأَدْبَارَ ثُمَّ لَا يُنْصَرُونَ


Uma bekhishwa (begxoshwa) abaphumi kanye nabo futhi uma belwiswa angeke babalekelele futhi uma bebalekelela ngempela bayofulathelisa imihlane (yabo) bese bengalekelelwa.

13. لَأَنْتُمْ أَشَدُّ رَهْبَةً فِي صُدُورِهِمْ مِنَ اللَّهِ ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَا يَفْقَهُونَ


Ngempela nina ningabasabeka kakhulu ezifubeni zabo kunoMvelinqangi lokho kungenxa yokuthi (ngempela) bona bangabantu abangaqondi.

14. لَا يُقَاتِلُونَكُمْ جَمِيعًا إِلَّا فِي قُرًى مُحَصَّنَةٍ أَوْ مِنْ وَرَاءِ جُدُرٍ بَأْسُهُمْ بَيْنَهُمْ شَدِيدٌ تَحْسَبُهُمْ جَمِيعًا وَقُلُوبُهُمْ شَتَّى ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَا يَعْقِلُونَ


Angekebalwenaninonkengaphandlekokubabesemadolobheni akhiwe abayizinqaba noma ngemumva kwezindonga, ukulwa kwabo (nokungezwani) phakathi kwabo kunzima, ucabanga ukuthi bona bahlangene kulapho izinhliziyo zabo zehlukene, lokho kungenxa yokuthi bona bangabantu abangenawo umqondo.

15. كَمَثَلِ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ قَرِيبًا ذَاقُوا وَبَالَ أَمْرِهِمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ


Njengalabo ababengaphambilini kwabo kancane bawuzwa umphumela wodaba lwabo futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu.

16. كَمَثَلِ الشَّيْطَانِ إِذْ قَالَ لِلْإِنْسَانِ اكْفُرْ فَلَمَّا كَفَرَ قَالَ إِنِّي بَرِيءٌ مِنْكَ إِنِّي أَخَافُ اللَّهَ رَبَّ الْعَالَمِينَ


Njengosathane uma ethi kumuntu, “ungakholwa” ngenkathi lapho engakholwa athi, “ngempela angihlangene nawe, ngempela mina ngiyamesaba uMvelinqangi iNkosi yemihlaba”.

17. فَكَانَ عَاقِبَتَهُمَا أَنَّهُمَا فِي النَّارِ خَالِدَيْنِ فِيهَا وَذَلِكَ جَزَاءُ الظَّالِمِينَ


Ngakho-ke isiphetho sabo bobabili ukuthi bona bobabili bayokuba semlilweni bayokuba kuwona ingunaphakade futhi lokho ngumvuzo wabenzi bakubi.

18. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اتَّقُوا اللَّهَ وَلْتَنْظُرْ نَفْسٌ مَا قَدَّمَتْ لِغَدٍ وَاتَّقُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ


Oh Nina enikholwayo! Yesabani uMvelinqangi futhi ukuze umphefumulo ubheke lokho okulethe ngaphambili kwangakusasa futhi yesabani uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo.

19. وَلَا تَكُونُوا كَالَّذِينَ نَسُوا اللَّهَ فَأَنْسَاهُمْ أَنْفُسَهُمْ أُولَئِكَ هُمُ الْفَاسِقُونَ


Futhi ningabi njengalabo abakhohlwa nguMvelinqangi manjalo wenza ukuthi bakhohlwe yimiphefumulo yabo labo- ke yibona abephula umthetho (abayizoni).

20. لَا يَسْتَوِي أَصْحَابُ النَّارِ وَأَصْحَابُ الْجَنَّةِ أَصْحَابُ الْجَنَّةِ هُمُ الْفَائِزُونَ


Abalingani (abafani) abahlali bomlilo kanye nabahlali besivande abahlali besivande bona bangabaphumeleleyo.