سورة الممتحنة - Sûrah 60: Al-Mumtahina - owesifazane okumele avivinywe

1. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَتَّخِذُوا عَدُوِّي وَعَدُوَّكُمْ أَوْلِيَاءَ تُلْقُونَ إِلَيْهِمْ بِالْمَوَدَّةِ وَقَدْ كَفَرُوا بِمَا جَاءَكُمْ مِنَ الْحَقِّ يُخْرِجُونَ الرَّسُولَ وَإِيَّاكُمْ أَنْ تُؤْمِنُوا بِاللَّهِ رَبِّكُمْ إِنْ كُنْتُمْ خَرَجْتُمْ جِهَادًا فِي سَبِيلِي وَابْتِغَاءَ مَرْضَاتِي تُسِرُّونَ إِلَيْهِمْ بِالْمَوَدَّةِ وَأَنَا أَعْلَمُ بِمَا أَخْفَيْتُمْ وَمَا أَعْلَنْتُمْ وَمَنْ يَفْعَلْهُ مِنْكُمْ فَقَدْ ضَلَّ سَوَاءَ السَّبِيلِ


Oh Nina enikholwayo! Ningathathi isitha sami kanye nesitha senu njengabangane nikhombisa uthando kubona kulapho bengakholelwa kuloko okwafika kunina okuyiqiniso, bakhipha (bagxosha) isithunywa kanye nani ngokuba nikholelwa kuMvelinqangi iNkosi yenu, ukube nina naniphuma ukuyozabalaza endleleni yami nokufuna injabulo yami benizobakhombisa uthando esithe futhi mina ngazi kangcono ngaloko enikufihlayo kanye nalokho enikuvezayo futhi noma ngabe ngubani okwenzayo (lokho) phakathi kwenu ngempela uphambukile endleleni eqondile.

2. إِنْ يَثْقَفُوكُمْ يَكُونُوا لَكُمْ أَعْدَاءً وَيَبْسُطُوا إِلَيْكُمْ أَيْدِيَهُمْ وَأَلْسِنَتَهُمْ بِالسُّوءِ وَوَدُّوا لَوْ تَكْفُرُونَ


Uma beninqoba bayokuba yizitha zenu futhi balulele kunina izandla zabo nezilimi zabo ngobubi futhi bafisa ukuthi ningakholwa.

3. لَنْ تَنْفَعَكُمْ أَرْحَامُكُمْ وَلَا أَوْلَادُكُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ يَفْصِلُ بَيْنَكُمْ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ


Angeke zibewusizo kunina izihlobo zenu nezingane zenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo uyokwahlulela phakathi kwenu futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona.

4. قَدْ كَانَتْ لَكُمْ أُسْوَةٌ حَسَنَةٌ فِي إِبْرَاهِيمَ وَالَّذِينَ مَعَهُ إِذْ قَالُوا لِقَوْمِهِمْ إِنَّا بُرَآءُ مِنْكُمْ وَمِمَّا تَعْبُدُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ كَفَرْنَا بِكُمْ وَبَدَا بَيْنَنَا وَبَيْنَكُمُ الْعَدَاوَةُ وَالْبَغْضَاءُ أَبَدًا حَتَّى تُؤْمِنُوا بِاللَّهِ وَحْدَهُ إِلَّا قَوْلَ إِبْرَاهِيمَ لِأَبِيهِ لَأَسْتَغْفِرَنَّ لَكَ وَمَا أَمْلِكُ لَكَ مِنَ اللَّهِ مِنْ شَيْءٍ رَبَّنَا عَلَيْكَ تَوَكَّلْنَا وَإِلَيْكَ أَنَبْنَا وَإِلَيْكَ الْمَصِيرُ


Ngaphambilini naninesibonelo esihle ku-Abraham kanye nalabo abakanye naye ngenkathi bethi kubantu babo “ngempela asihlangene nani kanye nalokho enikukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi, asikholelwa kunina futhi kuvela phakathi kwethu nani ubutha nenzondo kwangunaphakade kuze kube nikholelwa kuMvelinqangi yedwa, ngaphandle kwenkulumo ka-Abrahamu kuyise (ethi) “ngempela ngizokucelela intethelelo futhi anginawo (amandla) okukwenzela okuthize maqondana noMvelinqangi Nkosi yethu sethembele kuwena futhi ikuwena lapho siphendukela khona futhi kukuwena ukubuyela kokugcina”.

5. رَبَّنَا لَا تَجْعَلْنَا فِتْنَةً لِلَّذِينَ كَفَرُوا وَاغْفِرْ لَنَا رَبَّنَا إِنَّكَ أَنْتَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Nkosi yethu! Ungasenzi isilingo kulabo abangakholwanga futhi sithethelele, Nkosi yethu ngempela wena ungophakeme ngamandla unobuhlakani.

6. لَقَدْ كَانَ لَكُمْ فِيهِمْ أُسْوَةٌ حَسَنَةٌ لِمَنْ كَانَ يَرْجُو اللَّهَ وَالْيَوْمَ الْآخِرَ وَمَنْ يَتَوَلَّ فَإِنَّ اللَّهَ هُوَ الْغَنِيُّ الْحَمِيدُ


Ngeqiniso naninesibonelo esihle kubona, kulowo onethemba kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi noma ngabe ngubani ofulathelayo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi yena akadingi lutho ungodunyiswayo.

7. عَسَى اللَّهُ أَنْ يَجْعَلَ بَيْنَكُمْ وَبَيْنَ الَّذِينَ عَادَيْتُمْ مِنْهُمْ مَوَدَّةً وَاللَّهُ قَدِيرٌ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَحِيمٌ


Mhlawumbe uMvelinqangi angenza uthando phakathi kwenu naphakathi kwalabo enaniyizitha nabo, futhi uMvelinqangi unamandla okwenza (zonke izinto) futhi uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu.

8. لَا يَنْهَاكُمُ اللَّهُ عَنِ الَّذِينَ لَمْ يُقَاتِلُوكُمْ فِي الدِّينِ وَلَمْ يُخْرِجُوكُمْ مِنْ دِيَارِكُمْ أَنْ تَبَرُّوهُمْ وَتُقْسِطُوا إِلَيْهِمْ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُقْسِطِينَ


Akanenqabeli uMvelinqangi kulabo abangalwi nani ngenxa yenkolo futhi abanganigxoshi emakhaya enu ukwenza okuhle kubona nokwenza ubulungiswa kubona, ngempela uMvelinqangi uyabathanda abenza ubulungiswa.

9. إِنَّمَا يَنْهَاكُمُ اللَّهُ عَنِ الَّذِينَ قَاتَلُوكُمْ فِي الدِّينِ وَأَخْرَجُوكُمْ مِنْ دِيَارِكُمْ وَظَاهَرُوا عَلَى إِخْرَاجِكُمْ أَنْ تَوَلَّوْهُمْ وَمَنْ يَتَوَلَّهُمْ فَأُولَئِكَ هُمُ الظَّالِمُونَ


Kuphela uMvelinqangi uyanenqabela kulabo ababelwa nani ngenxa yenkolo futhi banigxosha emakhaya enu futhi balekelela ekugxoshweni kwenu-ukuthi nibe ngabangani nabo, futhi noma ngabe ngubani owenza ubungani nabo ngakho-ke labo bayilabo abenza okubi (izoni).

10. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا جَاءَكُمُ الْمُؤْمِنَاتُ مُهَاجِرَاتٍ فَامْتَحِنُوهُنَّ اللَّهُ أَعْلَمُ بِإِيمَانِهِنَّ فَإِنْ عَلِمْتُمُوهُنَّ مُؤْمِنَاتٍ فَلَا تَرْجِعُوهُنَّ إِلَى الْكُفَّارِ لَا هُنَّ حِلٌّ لَهُمْ وَلَا هُمْ يَحِلُّونَ لَهُنَّ وَآتُوهُمْ مَا أَنْفَقُوا وَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ أَنْ تَنْكِحُوهُنَّ إِذَا آتَيْتُمُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ وَلَا تُمْسِكُوا بِعِصَمِ الْكَوَافِرِ وَاسْأَلُوا مَا أَنْفَقْتُمْ وَلْيَسْأَلُوا مَا أَنْفَقُوا ذَلِكُمْ حُكْمُ اللَّهِ يَحْكُمُ بَيْنَكُمْ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ


Oh Nina enikholwa! Uma befika kunina abesifazane abakholwayo bengabafuduki ngakho-ke bahloleni, nguMvelinqangi owazi kabanzi ngokholo lwabo manjalo uma senibazile ukuthi bangamakholwa ningabaphindiseli kwabangakholwa, bona abavumelekile kubona futhi bona (abangakholwa) abavumelekile kubona (abesifazane abakhowayo) futhi nibanike lokho abakusebenzisile, futhi alikho icala kunina uma nishada nabo, uma senibanikile okuqondene nabo (isipho sabo somshado) futhi ningabagcini abesifazane abangakholwa futhi nibuze lokho enakusebenzisa (enakukhokha okuyisipho somshado mehr) futhi bafune lokho abakusebenzisa, lokho yisehlulelo sikaMvelinqangi, uyehlulela phakathi kwenu futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani.

11. وَإِنْ فَاتَكُمْ شَيْءٌ مِنْ أَزْوَاجِكُمْ إِلَى الْكُفَّارِ فَعَاقَبْتُمْ فَآتُوا الَّذِينَ ذَهَبَتْ أَزْوَاجُهُمْ مِثْلَ مَا أَنْفَقُوا وَاتَّقُوا اللَّهَ الَّذِي أَنْتُمْ بِهِ مُؤْمِنُونَ


Futhi uma abanye bamakhosikazi enu behamba kunina beya kwabangakholwa ngakho-ke nikezani labo amakhosikazi abo ahamba okufana (okulingana) nalokho abakusebenzisa, futhi yesabani uMvelinqangi lowo nina eningamakholwa kuye.

12. يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ إِذَا جَاءَكَ الْمُؤْمِنَاتُ يُبَايِعْنَكَ عَلَى أَنْ لَا يُشْرِكْنَ بِاللَّهِ شَيْئًا وَلَا يَسْرِقْنَ وَلَا يَزْنِينَ وَلَا يَقْتُلْنَ أَوْلَادَهُنَّ وَلَا يَأْتِينَ بِبُهْتَانٍ يَفْتَرِينَهُ بَيْنَ أَيْدِيهِنَّ وَأَرْجُلِهِنَّ وَلَا يَعْصِينَكَ فِي مَعْرُوفٍ فَبَايِعْهُنَّ وَاسْتَغْفِرْ لَهُنَّ اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ


Oh Mphrofethi! Uma befika kuwena abesifazane abakholwayo befunga kuwena ukuthi angeke bamenzele ngalutho uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi angeke bantshontshe futhi angeke benze ukuphinga futhi angeke bazibulale izingane zabo futhi angeke benze isibhaceko (inkohliso) abayiqamba phakathi kwezandla zabo nezinyawo zabo futhi angeke bakudelele kokuhle, ngakho-ke yamukela isiqiniseko sabo futhi ubacelele intethelelo kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu.

13. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَتَوَلَّوْا قَوْمًا غَضِبَ اللَّهُ عَلَيْهِمْ قَدْ يَئِسُوا مِنَ الْآخِرَةِ كَمَا يَئِسَ الْكُفَّارُ مِنْ أَصْحَابِ الْقُبُورِ


Oh Nina enikholwayo! Ningabi ngabangane babantu intukuthelo kaMvelinqangi ephezulu kwabo, ngempela baphelelwa yithemba ngempilo ezayo njengoba baphelelwa yithemba ababengakholwa abasemathuneni.