سورة الصف - Sûrah 61: As-Saff - okuhlelwe ngomugqa

1. سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Kudumisa uMvelinangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani.

2. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لِمَ تَقُولُونَ مَا لَا تَفْعَلُونَ


Oh Nina enikholwayo! Kungani nisho lokho eningakwenzi na?

3. كَبُرَ مَقْتًا عِنْدَ اللَّهِ أَنْ تَقُولُوا مَا لَا تَفْعَلُونَ


Kuzondekile kakhulu kuMvelinqangi ukuthi nisho lokho eningakwenzi.

4. إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الَّذِينَ يُقَاتِلُونَ فِي سَبِيلِهِ صَفًّا كَأَنَّهُمْ بُنْيَانٌ مَرْصُوصٌ


Ngempela uMvelinqangi uyabathanda labo abalwayo endleleni yakhe beyimigqa okusengathi bona bayisakhiwo esakhiwe saqina.

5. وَإِذْ قَالَ مُوسَى لِقَوْمِهِ يَا قَوْمِ لِمَ تُؤْذُونَنِي وَقَدْ تَعْلَمُونَ أَنِّي رَسُولُ اللَّهِ إِلَيْكُمْ فَلَمَّا زَاغُوا أَزَاغَ اللَّهُ قُلُوبَهُمْ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْفَاسِقِينَ


Futhi khumbula ngenkathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami! Kungani ningihlupha kulapho senazi ukuthi mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina” ngakho-ke kwathi lapho sebephambuka, waziphambukisa uMvelinqangi izinhliziyo zabo futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abayizoni).

6. وَإِذْ قَالَ عِيسَى ابْنُ مَرْيَمَ يَا بَنِي إِسْرَائِيلَ إِنِّي رَسُولُ اللَّهِ إِلَيْكُمْ مُصَدِّقًا لِمَا بَيْنَ يَدَيَّ مِنَ التَّوْرَاةِ وَمُبَشِّرًا بِرَسُولٍ يَأْتِي مِنْ بَعْدِي اسْمُهُ أَحْمَدُ فَلَمَّا جَاءَهُمْ بِالْبَيِّنَاتِ قَالُوا هَذَا سِحْرٌ مُبِينٌ


Futhi khumbula ngenkathi ethi uJesu indodana kaMariya, “Oh bantwana baka-Israyeli ngempela mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina ngiqinisekisa lokho okwakungaphambilini kwami okuyi-Torah futhi ngingumlethi wezindaba ezinhle ngesithunywa esiza ngemumva kwami igama laso ngu-Ahmad, manjalo kwathi lapho esefika kubona nobufakazi obucacile bathi, “lona ngumlingo ocacile”.

7. وَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّنِ افْتَرَى عَلَى اللَّهِ الْكَذِبَ وَهُوَ يُدْعَى إِلَى الْإِسْلَامِ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ


Futhi ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga kulapho yena ememelwa kwi-Islam futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni.

8. يُرِيدُونَ لِيُطْفِئُوا نُورَ اللَّهِ بِأَفْوَاهِهِمْ وَاللَّهُ مُتِمُّ نُورِهِ وَلَوْ كَرِهَ الْكَافِرُونَ


Bafuna ukucisha ukukhanya kukaMvelinqangi ngemilomo yabo kepha uMvelinqangi ungumphelelisi wokukhanya kwakhe ngisho noma ngabe bengakuthandi lokho abangakholwa.

9. هُوَ الَّذِي أَرْسَلَ رَسُولَهُ بِالْهُدَى وَدِينِ الْحَقِّ لِيُظْهِرَهُ عَلَى الدِّينِ كُلِّهِ وَلَوْ كَرِهَ الْمُشْرِكُونَ


Yena uyilowo owathumela isithunywa sakhe nokuhola nenkolo eyiqiniso ukuze ayenze igqame ngaphezulu kwazo zonke izinkolo yize noma ngabe bengakuthandi lokho abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni.

10. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا هَلْ أَدُلُّكُمْ عَلَى تِجَارَةٍ تُنْجِيكُمْ مِنْ عَذَابٍ أَلِيمٍ


Oh Nina enikholwayo! Ngakube nginikhombise yini uhwebo oluzonisindisa esijezisweni esibuhlungu na?

11. تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَتُجَاهِدُونَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ بِأَمْوَالِكُمْ وَأَنْفُسِكُمْ ذَلِكُمْ خَيْرٌ لَكُمْ إِنْ كُنْتُمْ تَعْلَمُونَ


Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi nizabalaze endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yenu nangemiphefumulo yenu lokho kungcono kunina ukube benazi.

12. يَغْفِرْ لَكُمْ ذُنُوبَكُمْ وَيُدْخِلْكُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ وَمَسَاكِنَ طَيِّبَةً فِي جَنَّاتِ عَدْنٍ ذَلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ


Uyonithethelela izono zenu futhi aningenise ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula kanye nezindawo zokuhlala ezinhle ezivandeni zangunaphakade lokho ukuphumelela okukhulu.

13. وَأُخْرَى تُحِبُّونَهَا نَصْرٌ مِنَ اللَّهِ وَفَتْحٌ قَرِيبٌ وَبَشِّرِ الْمُؤْمِنِينَ


Futhi okunye enikuthandayo usizo oluvela kuMvelinqangi kanye nokunqoba okuseduzane futhi banikeze izindaba ezinhle abakholwayo.

14. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُونُوا أَنْصَارَ اللَّهِ كَمَا قَالَ عِيسَى ابْنُ مَرْيَمَ لِلْحَوَارِيِّينَ مَنْ أَنْصَارِي إِلَى اللَّهِ قَالَ الْحَوَارِيُّونَ نَحْنُ أَنْصَارُ اللَّهِ فَآمَنَتْ طَائِفَةٌ مِنْ بَنِي إِسْرَائِيلَ وَكَفَرَتْ طَائِفَةٌ فَأَيَّدْنَا الَّذِينَ آمَنُوا عَلَى عَدُوِّهِمْ فَأَصْبَحُوا ظَاهِرِينَ


Oh nina enikholwayo! Yibani ngabalekeleli baMvelinqangi njengoba asho uJesu indodana kaMariya kubafundi, “ngobani abasizi bami kuMvelinqangi” abafundi bathi, “thina singabasizi baMvelinqangi” manjalo lakholwa iqembu labantwana bakwa-Israyeli futhi (elinye) iqembu langakholwa ngakho-ke sabalekelela ezitheni zabo babangabanqobi labo abakholwa”.