سورة الجمعة - Sûrah 62: Al-Jumu’ah - uLwesihlanu

1. يُسَبِّحُ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ الْمَلِكِ الْقُدُّوسِ الْعَزِيزِ الْحَكِيمِ


Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni iNkosi, engcwele, ephakeme ngamandla enobuhlakani.

2. هُوَ الَّذِي بَعَثَ فِي الْأُمِّيِّينَ رَسُولًا مِنْهُمْ يَتْلُو عَلَيْهِمْ آيَاتِهِ وَيُزَكِّيهِمْ وَيُعَلِّمُهُمُ الْكِتَابَ وَالْحِكْمَةَ وَإِنْ كَانُوا مِنْ قَبْلُ لَفِي ضَلَالٍ مُبِينٍ


Yena uyilowo owathumela phakathi kwabangafundile isithunywa phakathi kwabo sibafundela amavesi akhe futhi sibahlanze futhi sibafundise incwadi nobuhlakani yize noma ngabe ngaphambilini babesekudukeni (ephutheni) elicacile.

3. وَآخَرِينَ مِنْهُمْ لَمَّا يَلْحَقُوا بِهِمْ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Futhi abanye babo abangakangeni kubona – futhi yena (uMvelinqangi) uphakeme ngamandla unobuhlakani.

4. ذَلِكَ فَضْلُ اللَّهِ يُؤْتِيهِ مَنْ يَشَاءُ وَاللَّهُ ذُو الْفَضْلِ الْعَظِيمِ


Lokho ngumusa kaMvelinqangi uwunikeza lowo amthandayo futhi uMvelinqangi ungumnikazi womusa omkhulu.

5. مَثَلُ الَّذِينَ حُمِّلُوا التَّوْرَاةَ ثُمَّ لَمْ يَحْمِلُوهَا كَمَثَلِ الْحِمَارِ يَحْمِلُ أَسْفَارًا بِئْسَ مَثَلُ الْقَوْمِ الَّذِينَ كَذَّبُوا بِآيَاتِ اللَّهِ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ


Isibonelo salabo ababethweswe (ababenikezwe) iTorah, bese bengayithwali njengembongolo ethwele umthwalo omkhulu, okubi yisibonelo sabantu labo ababephika amavesi nezimpawu zikaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni.

6. قُلْ يَا أَيُّهَا الَّذِينَ هَادُوا إِنْ زَعَمْتُمْ أَنَّكُمْ أَوْلِيَاءُ لِلَّهِ مِنْ دُونِ النَّاسِ فَتَمَنَّوُا الْمَوْتَ إِنْ كُنْتُمْ صَادِقِينَ


Ithi, “Oh nina maJuda! Uma nizibiza ngokuthi nina ningabangane baMvelinqangi ngaphandle kwabantu ngakho- ke fisani ukufa uma kungukuthi nina ningabaneqiniso.

7. وَلَا يَتَمَنَّوْنَهُ أَبَدًا بِمَا قَدَّمَتْ أَيْدِيهِمْ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِالظَّالِمِينَ


Futhi angeke bakufise nakancane ngenxa yalokho okwalethwa yizandla zabo ngaphambilini, futhi uMvelinqangi uyisazi ngezoni.

8. قُلْ إِنَّ الْمَوْتَ الَّذِي تَفِرُّونَ مِنْهُ فَإِنَّهُ مُلَاقِيكُمْ ثُمَّ تُرَدُّونَ إِلَى عَالِمِ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ فَيُنَبِّئُكُمْ بِمَا كُنْتُمْ تَعْمَلُونَ


Ithi, “ngempela ukufa loku enikubalekayo –ngempela kuyohlangana nani bese niphindiselwa esazini sokungabonwa nokubonwayo bese sinitshena ngalokho enanikwenza”.

9. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا نُودِيَ لِلصَّلَاةِ مِنْ يَوْمِ الْجُمُعَةِ فَاسْعَوْا إِلَى ذِكْرِ اللَّهِ وَذَرُوا الْبَيْعَ ذَلِكُمْ خَيْرٌ لَكُمْ إِنْ كُنْتُمْ تَعْلَمُونَ


Oh Nina enikholwayo! Uma nimenyezelwa umthandazo ngosuku lwangolesihlanu phuthumani niye enkumbulweni kaMvelinqangi niyeke uhwebo, lokho kungcono kunina uma nina nazi.

10. فَإِذَا قُضِيَتِ الصَّلَاةُ فَانْتَشِرُوا فِي الْأَرْضِ وَابْتَغُوا مِنْ فَضْلِ اللَّهِ وَاذْكُرُوا اللَّهَ كَثِيرًا لَعَلَّكُمْ تُفْلِحُونَ


Ngakho-ke uma sewenziwe (sewuqediwe) umthandazo sakazekani (hambani) emhlabeni nifune umusa kaMvelinqangi futhi nikhumbule uMvelinqangi kakhulu ukuze niphumelele.

11. وَإِذَا رَأَوْا تِجَارَةً أَوْ لَهْوًا انْفَضُّوا إِلَيْهَا وَتَرَكُوكَ قَائِمًا قُلْ مَا عِنْدَ اللَّهِ خَيْرٌ مِنَ اللَّهْوِ وَمِنَ التِّجَارَةِ وَاللَّهُ خَيْرُ الرَّازِقِينَ


Futhi uma bebona uhwebo noma injabulo baya kukona begijima futhi bakushiya umile ithi, “lokho okukuMvelinqangi kungcono kunomdlalo nohwebo futhi uMvelinqangi ungongcono kakhulu kunabaphayo”.