سورة المنافقون - Sûrah 63: Al-Munâfi‘kûn - abazenzisi

1. إِذَا جَاءَكَ الْمُنَافِقُونَ قَالُوا نَشْهَدُ إِنَّكَ لَرَسُولُ اللَّهِ وَاللَّهُ يَعْلَمُ إِنَّكَ لَرَسُولُهُ وَاللَّهُ يَشْهَدُ إِنَّ الْمُنَافِقِينَ لَكَاذِبُونَ


Uma befika kuwena abazenzisi bethi siyafakaza ukuthi ngempela wena uyisithunywa sikaMvelinqangi futhi uMvelinqangi uyazi ukuthi ngempela wena uyisithunywa sakhe futhi uMvelinqangi uyafakaza ukuthi ngempela abazenzisi baqamba amanga.

2. اتَّخَذُوا أَيْمَانَهُمْ جُنَّةً فَصَدُّوا عَنْ سَبِيلِ اللَّهِ إِنَّهُمْ سَاءَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ


Bathatha izifungo zabo njengesembozo bese bevimbela abantu endleleni kaMvelinqangi ngempela bona okubi yilokho ababekwenza.

3. ذَلِكَ بِأَنَّهُمْ آمَنُوا ثُمَّ كَفَرُوا فَطُبِعَ عَلَى قُلُوبِهِمْ فَهُمْ لَا يَفْقَهُونَ


Lokho kungenxa yokuthi bona bakholwa base bengakholwa (bayiyeka inkolo) kwabe sekusicilelwa izinhliziyo zabo manjalo bona bangabe besaqonda (lutho).

4. وَإِذَا رَأَيْتَهُمْ تُعْجِبُكَ أَجْسَامُهُمْ وَإِنْ يَقُولُوا تَسْمَعْ لِقَوْلِهِمْ كَأَنَّهُمْ خُشُبٌ مُسَنَّدَةٌ يَحْسَبُونَ كُلَّ صَيْحَةٍ عَلَيْهِمْ هُمُ الْعَدُوُّ فَاحْذَرْهُمْ قَاتَلَهُمُ اللَّهُ أَنَّى يُؤْفَكُونَ


Futhi uma ubabona iyakuthokozisa imizimba yabo futhi uma bekhuluma uyayilalela inkulumo yabo, okusengathi bona bayizinkuni ezisekelwe, bacabanga ukuthi konke ukhala (umsindo omubi) uqondene (ubhekene) nabo, bona bayizitha ngakho-ke baqaphele sengathi uMvelinqangi angabaqalekisa (ababhubhise) bheka ukuthi bachezuka kanjani eqinisweni.

5. وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ تَعَالَوْا يَسْتَغْفِرْ لَكُمْ رَسُولُ اللَّهِ لَوَّوْا رُءُوسَهُمْ وَرَأَيْتَهُمْ يَصُدُّونَ وَهُمْ مُسْتَكْبِرُونَ


Futhi uma kuthiwa kubona, “wozani isithunywa sikaMvelinqangi sizonicelela intethelelo” baphendukisa amakhanda abo futhi ubabona bevimbela (abanye) futhi bona bayaziqhenya.

6. سَوَاءٌ عَلَيْهِمْ أَسْتَغْفَرْتَ لَهُمْ أَمْ لَمْ تَسْتَغْفِرْ لَهُمْ لَنْ يَغْفِرَ اللَّهُ لَهُمْ إِنَّ اللَّهَ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْفَاسِقِينَ


Kuyefana kubona noma ubacelela intethelelo noma awubaceleli intethelo, akasoze abathethelele uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abayizoni).

7. هُمُ الَّذِينَ يَقُولُونَ لَا تُنْفِقُوا عَلَى مَنْ عِنْدَ رَسُولِ اللَّهِ حَتَّى يَنْفَضُّوا وَلِلَّهِ خَزَائِنُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَلَكِنَّ الْمُنَافِقِينَ لَا يَفْقَهُونَ


Bona bayilabo abathi, “ningachithi (ningasebenzisi lutho) kulabo abakanye nesithunywa sikaMvelinqangi kuze kube bayahlakazeka futhi angawaMvelinqangi amagugu (umnotho) wamazulu nomhlaba kepha abazenzisi abaqondi”.

8. يَقُولُونَ لَئِنْ رَجَعْنَا إِلَى الْمَدِينَةِ لَيُخْرِجَنَّ الْأَعَزُّ مِنْهَا الْأَذَلَّ وَلِلَّهِ الْعِزَّةُ وَلِرَسُولِهِ وَلِلْمُؤْمِنِينَ وَلَكِنَّ الْمُنَافِقِينَ لَا يَعْلَمُونَ


Bathi, “uma siphindela eMadina ngempela abahlonipheke kakhulu (abanamandla) bazobagxosha kuyona abazithobile futhi kungokukaMvelinqangi ukuhlonipheka nesithunywa sakhe kanye nabakholwayo kepha abazenzisi abazi”.

9. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تُلْهِكُمْ أَمْوَالُكُمْ وَلَا أَوْلَادُكُمْ عَنْ ذِكْرِ اللَّهِ وَمَنْ يَفْعَلْ ذَلِكَ فَأُولَئِكَ هُمُ الْخَاسِرُونَ


Oh Nina enikholwayo! Ayinganichezukisi ingcebo (umnotho) wenu nezingane zenu enkumbulweni kaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani owenza lokho ngakho-ke labo, bona bangabalahlekelweyo.

10. وَأَنْفِقُوا مِنْ مَا رَزَقْنَاكُمْ مِنْ قَبْلِ أَنْ يَأْتِيَ أَحَدَكُمُ الْمَوْتُ فَيَقُولَ رَبِّ لَوْلَا أَخَّرْتَنِي إِلَى أَجَلٍ قَرِيبٍ فَأَصَّدَّقَ وَأَكُنْ مِنَ الصَّالِحِينَ


Futhi sebenzisani kulokho esanabela kona ngaphambili kokuba ukufa kufike koyedwa wenu bese ethi, “Nkosi yami kungani ungangiphumuzi okwesikhashana ukuze nginikele futhi ngibe ngomunye wabalungileyo.

11. وَلَنْ يُؤَخِّرَ اللَّهُ نَفْسًا إِذَا جَاءَ أَجَلُهَا وَاللَّهُ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ


Futhi akasoze uMvelinqangi awunike ithuba umphefumulo uma sekufike isikhathi sawo, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo.