سورة التغابن - Sûrah 64: At-Tagrhâbun - ukulahlekelwa kwababili nokuzuza kwabo

1. يُسَبِّحُ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ لَهُ الْمُلْكُ وَلَهُ الْحَمْدُ وَهُوَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni, ubukhosi bungobakhe futhi ngolwakhe udumo futhi yena uyakwazi ukwenza zonke izinto.

2. هُوَ الَّذِي خَلَقَكُمْ فَمِنْكُمْ كَافِرٌ وَمِنْكُمْ مُؤْمِنٌ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ


Yena uyilowo owanidala manjalo phakathi kwenu kunongakholwa futhi phakathi kwenu kunoyikholwa futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona.

3. خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ بِالْحَقِّ وَصَوَّرَكُمْ فَأَحْسَنَ صُوَرَكُمْ وَإِلَيْهِ الْمَصِيرُ


Wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi wanibumba, wakwenza kwakuhle ukubunjwa kwenu futhi kukuyena ukubuyela.

4. يَعْلَمُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَيَعْلَمُ مَا تُسِرُّونَ وَمَا تُعْلِنُونَ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ


Uyakwazi loko okusemazulwini nasemhlabeni futhi uyakwazi loko enikufihlayo kanye naloko enikuvezayo futhi uMvelinqangi uyisazi saloko okusezifubeni.

5. أَلَمْ يَأْتِكُمْ نَبَأُ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ قَبْلُ فَذَاقُوا وَبَالَ أَمْرِهِمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ


Ayifikanga yini kunina indaba yalabo abangakholwanga ngaphambilini base bezwa umphumela wodaba lwabo futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu.

6. ذَلِكَ بِأَنَّهُ كَانَتْ تَأْتِيهِمْ رُسُلُهُمْ بِالْبَيِّنَاتِ فَقَالُوا أَبَشَرٌ يَهْدُونَنَا فَكَفَرُوا وَتَوَلَّوْا وَاسْتَغْنَى اللَّهُ وَاللَّهُ غَنِيٌّ حَمِيدٌ


Loko kungenxa yokuthi zazifika kubona izithunywa zabo namavesi (nezimpawu) ezicacile kepha bathi, “ngakube ngumuntu osiholayo?” Manjalo abakholwayo futhi baphendukele emumva, futhi akaswele uMvelinqangi, futhi uMvelinqangi akadingi lutho (akaswele lotho) ungodunyiswayo.

7. زَعَمَ الَّذِينَ كَفَرُوا أَنْ لَنْ يُبْعَثُوا قُلْ بَلَى وَرَبِّي لَتُبْعَثُنَّ ثُمَّ لَتُنَبَّؤُنَّ بِمَا عَمِلْتُمْ وَذَلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرٌ


Labo abangakholwanga bacabanga ukuthi abasoze bavuswe kwabafileyo ithi, “Yebo ngifunga ngeNkosi yami ngempela niyovuswa kwabafileyo bese ngempela nitshelwa ngaloko enanikwenza, futhi loko kuMvelinqangi kulula.

8. فَآمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَالنُّورِ الَّذِي أَنْزَلْنَا وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ


Ngakho-ke kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe kanye nokukhanya esakwehlisela phansi, futhi uMvelinqangi loko enikwenzayo uyakwazi.

9. يَوْمَ يَجْمَعُكُمْ لِيَوْمِ الْجَمْعِ ذَلِكَ يَوْمُ التَّغَابُنِ وَمَنْ يُؤْمِنْ بِاللَّهِ وَيَعْمَلْ صَالِحًا يُكَفِّرْ عَنْهُ سَيِّئَاتِهِ وَيُدْخِلْهُ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا ذَلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ


Ngosuku ayoniqoqa ngalo (eniqoqela) usuku lokuhlangana lolo ngusuku lokulahlekelwa phakathia kwabo nokuzuza futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi futhi enze okulungileyo (uMvelinqangi) uyozisusa kuyena izenzo zakhe ezimbi bese emfaka ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala lapho phakathi ingunaphakade loko wukuphumelela okukhulu.

10. وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ خَالِدِينَ فِيهَا وَبِئْسَ الْمَصِيرُ


Futhi labo abangakholwanga futhi baphika amavesi (nezimpawu) zethu labo-ke bangabangane bomlilo bayohlala kuwona ingunaphakade futhi kubi lapho kuyiwa khona.

11. مَا أَصَابَ مِنْ مُصِيبَةٍ إِلَّا بِإِذْنِ اللَّهِ وَمَنْ يُؤْمِنْ بِاللَّهِ يَهْدِ قَلْبَهُ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ


Asikho isehlakalo esehlakalayo ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi, (uMvelinqangi) uyayihola inhliziyo yakhe futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto.

12. وَأَطِيعُوا اللَّهَ وَأَطِيعُوا الرَّسُولَ فَإِنْ تَوَلَّيْتُمْ فَإِنَّمَا عَلَى رَسُولِنَا الْبَلَاغُ الْمُبِينُ


Futhi hloniphani uMvelinqangi nihloniphe nesithunywa kepha uma nifulathelile (ningakwenzi lokho) kuphela (umthwalo) ophezulu kwesithunywa sethu (ukudlulisela) umyalezo ocacile.

13. اللَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ وَعَلَى اللَّهِ فَلْيَتَوَكَّلِ الْمُؤْمِنُونَ


UMvelinqangi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe futhi ikuMvelinqangi lapho bethembela khona abakholwayo.

14. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِنَّ مِنْ أَزْوَاجِكُمْ وَأَوْلَادِكُمْ عَدُوًّا لَكُمْ فَاحْذَرُوهُمْ وَإِنْ تَعْفُوا وَتَصْفَحُوا وَتَغْفِرُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ


Oh Nina enikholwayo! Ngempela phakathi kwamakhosikazi enu nasezinganeni zenu kunezitha zenu, ngakho-ke baqapheleni futhi uma nithethelela ninganaki futhi nixolela ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu.

15. إِنَّمَا أَمْوَالُكُمْ وَأَوْلَادُكُمْ فِتْنَةٌ وَاللَّهُ عِنْدَهُ أَجْرٌ عَظِيمٌ


Kuphela ingcebo yenu (umnotho wenu) kanye nezingane zenu ukulingwa, futhi uMvelinqangi kuyena kunomvuzo omkhulu.

16. فَاتَّقُوا اللَّهَ مَا اسْتَطَعْتُمْ وَاسْمَعُوا وَأَطِيعُوا وَأَنْفِقُوا خَيْرًا لِأَنْفُسِكُمْ وَمَنْ يُوقَ شُحَّ نَفْسِهِ فَأُولَئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ


Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi ngendlela eningakwazi ngayo futhi nilalele futhi nihloniphe futhi nisebenzise (ninikele lokho) kungcono emiphefumulweni yenu futhi noma ngabe ngubani osindisiwe esifisweni sakhe (esibi) ngakho-ke labo bona bangabaphumeleleyo.

17. إِنْ تُقْرِضُوا اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا يُضَاعِفْهُ لَكُمْ وَيَغْفِرْ لَكُمْ وَاللَّهُ شَكُورٌ حَلِيمٌ


Uma niboleka uMvelinqangi ukweboleka okuhle uniphindaphindela kona futhi anithethelele futhi uMvelinqangi ungobongayo obekezelayo.

18. عَالِمُ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Isazi sokungabonwa nokubonwayo siphakeme ngamandla sinobuhlakani.