سورة الطلاق - Sûrah 65: At-Talâ‘k - Isehlukaniso somshado

1. يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ إِذَا طَلَّقْتُمُ النِّسَاءَ فَطَلِّقُوهُنَّ لِعِدَّتِهِنَّ وَأَحْصُوا الْعِدَّةَ وَاتَّقُوا اللَّهَ رَبَّكُمْ لَا تُخْرِجُوهُنَّ مِنْ بُيُوتِهِنَّ وَلَا يَخْرُجْنَ إِلَّا أَنْ يَأْتِينَ بِفَاحِشَةٍ مُبَيِّنَةٍ وَتِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ وَمَنْ يَتَعَدَّ حُدُودَ اللَّهِ فَقَدْ ظَلَمَ نَفْسَهُ لَا تَدْرِي لَعَلَّ اللَّهَ يُحْدِثُ بَعْدَ ذَلِكَ أَمْرًا


Oh mphrofethi! Uma nenza isehlukaniso somshado nabesifazane ngakho-ke yenzani isehlukaniso somshado nabo ngokwesikhathi sabo (nilinde isikhathi sabo) futhi nibale isikhathi (sabo) futhi nesabe uMvelinqangi iNkosi yenu, ningabakhiphi abesifazane ezindlini zabo futhi (bona uqobo) bangaphumi (bangahambi) ngaphandle kokuba uma benza umkhuba wokonakala ocacile futhi leyo yimikhawulo kaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani owedlula imikhawulo kaMvelinqangi ngempela wenza okungalungile emphefumulweni wakhe, awazi uMvelinqangi angaletha emumva kwalokho (okunye) udaba.

2. فَإِذَا بَلَغْنَ أَجَلَهُنَّ فَأَمْسِكُوهُنَّ بِمَعْرُوفٍ أَوْ فَارِقُوهُنَّ بِمَعْرُوفٍ وَأَشْهِدُوا ذَوَيْ عَدْلٍ مِنْكُمْ وَأَقِيمُوا الشَّهَادَةَ لِلَّهِ ذَلِكُمْ يُوعَظُ بِهِ مَنْ كَانَ يُؤْمِنُ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَمَنْ يَتَّقِ اللَّهَ يَجْعَلْ لَهُ مَخْرَجًا


Ngakho-ke uma sebesigcwalisekisile isikhathi sabo sokulinda, manjalo babambeni ngendlela enhle (esemthethweni) noma nibadedele abesifazane ngendlela enhle, futhi nibabizele ofakazi ababili abanobulungiswa phakathi kwenu futhi nenzele uMvelinqangi ubufakazi, lokho uyala ngako noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi umenzela indlela ephumayo.

3. وَيَرْزُقْهُ مِنْ حَيْثُ لَا يَحْتَسِبُ وَمَنْ يَتَوَكَّلْ عَلَى اللَّهِ فَهُوَ حَسْبُهُ إِنَّ اللَّهَ بَالِغُ أَمْرِهِ قَدْ جَعَلَ اللَّهُ لِكُلِّ شَيْءٍ قَدْرًا


Futhi umnika isabelo ngalapho engacabanganga khona futhi noma ngabe ngubani owethembela kuMvelinqangi ngakho- ke yena umenele, ngempela uMvelinqangi uyayifeza inhloso yakhe, ngempela uMvelinqangi wazibekela zonke izinto isilinganiso.

4. وَاللَّائِي يَئِسْنَ مِنَ الْمَحِيضِ مِنْ نِسَائِكُمْ إِنِ ارْتَبْتُمْ فَعِدَّتُهُنَّ ثَلَاثَةُ أَشْهُرٍ وَاللَّائِي لَمْ يَحِضْنَ وَأُولَاتُ الْأَحْمَالِ أَجَلُهُنَّ أَنْ يَضَعْنَ حَمْلَهُنَّ وَمَنْ يَتَّقِ اللَّهَ يَجْعَلْ لَهُ مِنْ أَمْرِهِ يُسْرًا


Futhi labo abangalindele ukuya esikhathini phakathi kwabesifazane benu, uma ninokungabaza ngakho-ke isikhathi sabesifazane sokulinda yizinyanga ezintathu kanye nalabo abangayanga esikhathini kanye nalabo abesifazane abakhulelwe isikhathi sabo sokulinda ukuthi kuze kube babeka phansi umthwalo wabo (kuze kube bayabeletha) futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi umenzela odabeni lwakhe ubulula.

5. ذَلِكَ أَمْرُ اللَّهِ أَنْزَلَهُ إِلَيْكُمْ وَمَنْ يَتَّقِ اللَّهَ يُكَفِّرْ عَنْهُ سَيِّئَاتِهِ وَيُعْظِمْ لَهُ أَجْرًا


Leyo yimpoqo kaMvelinqangi ayehlisela phansi kunina futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi uyamsusela izenzo zakhe ezimbi bese emenzela ubemkhulu umvuzo wakhe.

6. أَسْكِنُوهُنَّ مِنْ حَيْثُ سَكَنْتُمْ مِنْ وُجْدِكُمْ وَلَا تُضَارُّوهُنَّ لِتُضَيِّقُوا عَلَيْهِنَّ وَإِنْ كُنَّ أُولَاتِ حَمْلٍ فَأَنْفِقُوا عَلَيْهِنَّ حَتَّى يَضَعْنَ حَمْلَهُنَّ فَإِنْ أَرْضَعْنَ لَكُمْ فَآتُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ وَأْتَمِرُوا بَيْنَكُمْ بِمَعْرُوفٍ وَإِنْ تَعَاسَرْتُمْ فَسَتُرْضِعُ لَهُ أُخْرَى


Bahlaliseni abesifazane lapho nihlala khona ngokungangamandla enu futhi ningabalimazi (ningabahluphi) abesifazane okusengathi niyabacindezela (nifuna bahambe singakashayi isikhathi sabo sokulinda) futhi uma bekhulelwe ngakho-ke chithani (umnotho) kubona kuze kube babeka phansi umthwalo wabo (kuze kube bayabeletha) manjalo uma abesifazane benincelisela ngakho-ke banikezeni imivuzo yabo (iholo labo) bese nenza okuhle phakathi kwenu kepha uma nenzelana ubunzima ngakho-ke uzomncelisela omunye wesifazane.

7. لِيُنْفِقْ ذُو سَعَةٍ مِنْ سَعَتِهِ وَمَنْ قُدِرَ عَلَيْهِ رِزْقُهُ فَلْيُنْفِقْ مِمَّا آتَاهُ اللَّهُ لَا يُكَلِّفُ اللَّهُ نَفْسًا إِلَّا مَا آتَاهَا سَيَجْعَلُ اللَّهُ بَعْدَ عُسْرٍ يُسْرًا


(Lowo) onomnotho (onengcebo) makasebenzise engcebweni yakhe futhi noma ngabe ngubani onciphiselwe isabelo sakhe manjalo makasebenzise kulokho akunikwa nguMvelinqangi, uMvelinqangi akawethwesi umphefumulo (okungaphezulu kwawo) ngaphandle kwalokho akunika wona, uMvelinqangi uyobeka emumva kobunzima ubulula.

8. وَكَأَيِّنْ مِنْ قَرْيَةٍ عَتَتْ عَنْ أَمْرِ رَبِّهَا وَرُسُلِهِ فَحَاسَبْنَاهَا حِسَابًا شَدِيدًا وَعَذَّبْنَاهَا عَذَابًا نُكْرًا


Futhi maningi amadolobha ayevukela impoqo yeNkosi yawo nezithunywa zawo ngakho-ke sawabalela (sawehlulela) ukwehlulela okunzima futhi sawajezisa ngesijeziso esesabekayo.

9. فَذَاقَتْ وَبَالَ أَمْرِهَا وَكَانَ عَاقِبَةُ أَمْرِهَا خُسْرًا


Ngakho-ke (amadolobha) ezwa umphumela wodaba lwawo, futhi ngasosonke isikhathi isiphetho sodaba lwawo ukulahlekelwa.

10. أَعَدَّ اللَّهُ لَهُمْ عَذَابًا شَدِيدًا فَاتَّقُوا اللَّهَ يَا أُولِي الْأَلْبَابِ الَّذِينَ آمَنُوا قَدْ أَنْزَلَ اللَّهُ إِلَيْكُمْ ذِكْرًا


UMvelinqangi wabalungiselela isijeziso esinzima ngakho-ke yesabani uMvelinqangi Oh nina Bantu bokuqonda! Labo abakholwayo ngempela uMvelinqangi wasehlisela phansi kunina isikhumbuzo (iQur’an).

11. رَسُولًا يَتْلُو عَلَيْكُمْ آيَاتِ اللَّهِ مُبَيِّنَاتٍ لِيُخْرِجَ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ مِنَ الظُّلُمَاتِ إِلَى النُّورِ وَمَنْ يُؤْمِنْ بِاللَّهِ وَيَعْمَلْ صَالِحًا يُدْخِلْهُ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا قَدْ أَحْسَنَ اللَّهُ لَهُ رِزْقًا


(Wathumela phansi) isithunywa sinifundela amavesi kaMvelinqangi acacile ukuze sikhiphe labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungile ebumnyameni sibayise ekukhanyeni futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi futhi owenza izenzo ezilungileyo uyomfaka ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula uyohlala lapho phakathi kuzona ingunaphakade, uMvelinqangi uyomenzela isabelo esihle kakhulu.

12. اللَّهُ الَّذِي خَلَقَ سَبْعَ سَمَاوَاتٍ وَمِنَ الْأَرْضِ مِثْلَهُنَّ يَتَنَزَّلُ الْأَمْرُ بَيْنَهُنَّ لِتَعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ وَأَنَّ اللَّهَ قَدْ أَحَاطَ بِكُلِّ شَيْءٍ عِلْمًا


UMvelinqangi nguyena owadala amazulu ayisikhombisa nokomhlaba okufana nawo, impoqo (yakhe) yehlela phakathi kwako (kokubili) ukuze nazi ukuthi uMvelinqangi uyakwazi ukwenza zonke izinto, nokuthi uMvelinqangi usingethe zonke izinto ngolwazi (lwakhe).