سورة التحريم - Sûrah 66: At-Tahrîm - ukwenqabela (ukwenqatshelwa)
1. يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ لِمَ تُحَرِّمُ مَا أَحَلَّ اللَّهُ لَكَ تَبْتَغِي مَرْضَاتَ أَزْوَاجِكَ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَحِيمٌ
Oh mphrofethi kungani wenqabela loko uMvelinqangi akwenza kwavumeleka kuwena, ufuna injabulo yamakhosikazi akho, futhi uMvelinqangi uyathethelela unomusa.
2. قَدْ فَرَضَ اللَّهُ لَكُمْ تَحِلَّةَ أَيْمَانِكُمْ وَاللَّهُ مَوْلَاكُمْ وَهُوَ الْعَلِيمُ الْحَكِيمُ
Ngempela wayenza yabayimpoqo kunina uMvelinqangi inhlambuluko (inkululo) ezifungweni zenu futhi uMvelinqangi ungumvikeli wenu futhi uyisazi unobuhlakani.
3. وَإِذْ أَسَرَّ النَّبِيُّ إِلَى بَعْضِ أَزْوَاجِهِ حَدِيثًا فَلَمَّا نَبَّأَتْ بِهِ وَأَظْهَرَهُ اللَّهُ عَلَيْهِ عَرَّفَ بَعْضَهُ وَأَعْرَضَ عَنْ بَعْضٍ فَلَمَّا نَبَّأَهَا بِهِ قَالَتْ مَنْ أَنْبَأَكَ هَذَا قَالَ نَبَّأَنِيَ الْعَلِيمُ الْخَبِيرُ
Futhi khumbula ngenkathi umphrofethi ekhuluma imfihlo kwenye yamakhosikazi akhe manjalo (unkosikazi wakhe) watshela (omunye) ngayo wayeseyamvezela uMvelinqangi wayenza yazeka ingxenye futhi wayiyeka ingxenye, manjalo ngenkathi emtshena owesifazane ngako wathi owesifazane ngubani okutshene lokhu, wathi owesilisa (ongumprofethi), “ngitshelwe ngowaziyo ongamele ngolwazi.
4. إِنْ تَتُوبَا إِلَى اللَّهِ فَقَدْ صَغَتْ قُلُوبُكُمَا وَإِنْ تَظَاهَرَا عَلَيْهِ فَإِنَّ اللَّهَ هُوَ مَوْلَاهُ وَجِبْرِيلُ وَصَالِحُ الْمُؤْمِنِينَ وَالْمَلَائِكَةُ بَعْدَ ذَلِكَ ظَهِيرٌ
Uma nobabili niphendukela kuMvelinqangi ngokuzisola ngempela izinhliziyo zenu nobabili zikuthambekele (loko) futhi uma nesekana ngokuphambene naye ngakho-ke ngempela uMvelinqangi yena ungumvikeli wakhe, kanye noGabriyeli kanye namakholwa alungileyo kanye nezingelosi emva kwalokho bangabalekeleli (bakhe).
5. عَسَى رَبُّهُ إِنْ طَلَّقَكُنَّ أَنْ يُبْدِلَهُ أَزْوَاجًا خَيْرًا مِنْكُنَّ مُسْلِمَاتٍ مُؤْمِنَاتٍ قَانِتَاتٍ تَائِبَاتٍ عَابِدَاتٍ سَائِحَاتٍ ثَيِّبَاتٍ وَأَبْكَارًا
Mhlawumbe iNkosi yakhe, uma enza isehlukaniso somshado nani izomshintshela ngamakhosikazi angcono kunani angamamuslim (azinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) akholwayo, ahloniphayo (aqotho) aphendukela kuMvelinqangi ngokuzisola, ayizikhonzi, azilayo (noma ahamba endleleni kaMvelinqangi) aseke ashade (ngaphambilini) nayizintombi ezigcwele ezingakaze zithintwe.
6. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا قُوا أَنْفُسَكُمْ وَأَهْلِيكُمْ نَارًا وَقُودُهَا النَّاسُ وَالْحِجَارَةُ عَلَيْهَا مَلَائِكَةٌ غِلَاظٌ شِدَادٌ لَا يَعْصُونَ اللَّهَ مَا أَمَرَهُمْ وَيَفْعَلُونَ مَا يُؤْمَرُونَ
Oh Nina enikholwayo! Yivikeleni imiphefumulo yenu kanye nemindeni yenu emlilweni ozithungelo zawo ngabantu kanye namatshe (ogadwe yizingelosi) ezinonya (ezilukhuni) olunzima, akwenzeki ukuthi zingamhloniphi uMvelinqangi kulokho akuphoqa zona futhi zenza lokho ezikuphoqwayo.
7. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ كَفَرُوا لَا تَعْتَذِرُوا الْيَوْمَ إِنَّمَا تُجْزَوْنَ مَا كُنْتُمْ تَعْمَلُونَ
Oh Nina eningakholwa! Ningenzi izaba ngalolusuku, kuphela niyonikwa umvuzo walokho enanikwenza.
8. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا تُوبُوا إِلَى اللَّهِ تَوْبَةً نَصُوحًا عَسَى رَبُّكُمْ أَنْ يُكَفِّرَ عَنْكُمْ سَيِّئَاتِكُمْ وَيُدْخِلَكُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ يَوْمَ لَا يُخْزِي اللَّهُ النَّبِيَّ وَالَّذِينَ آمَنُوا مَعَهُ نُورُهُمْ يَسْعَى بَيْنَ أَيْدِيهِمْ وَبِأَيْمَانِهِمْ يَقُولُونَ رَبَّنَا أَتْمِمْ لَنَا نُورَنَا وَاغْفِرْ لَنَا إِنَّكَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ
Oh Nina enikholwayo! Phendukelani kuMvelinqangi ngokuzisola, ukuzisola kweqiniso iNkosi yenu iyozisusa kunina izenzo zenu ezimbi bese inifaka ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula, ngosuku angeke uMvelinqangi amjabhise ngalo umphrofethi kanye nalabo abakholwayo kanye naye, ukukhanya kwabo kuyoba ngaphambili kwabo nangakwezokunene zabo bayothi, “Nkosi yethu siphelelisele ukukhanya kwethu futhi usithethelele ngempela wena wenza zonke izinto”.
9. يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ جَاهِدِ الْكُفَّارَ وَالْمُنَافِقِينَ وَاغْلُظْ عَلَيْهِمْ وَمَأْوَاهُمْ جَهَنَّمُ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ
Oh mphrofethi! Zabalaza ukubhekana nabangakholwa kanye nabazenzisi futhi ubenzima kubona futhi indawo yabo yokuhlala yisihogo futhi kubi lapho kuyiwa khona.
10. ضَرَبَ اللَّهُ مَثَلًا لِلَّذِينَ كَفَرُوا امْرَأَتَ نُوحٍ وَامْرَأَتَ لُوطٍ كَانَتَا تَحْتَ عَبْدَيْنِ مِنْ عِبَادِنَا صَالِحَيْنِ فَخَانَتَاهُمَا فَلَمْ يُغْنِيَا عَنْهُمَا مِنَ اللَّهِ شَيْئًا وَقِيلَ ادْخُلَا النَّارَ مَعَ الدَّاخِلِينَ
UMvelinqangi wabenzela isibonelo labo abangakholwanga, unkosikazi kaNowa kanye nonkosikazi kaLothi, babengaphansi kwezinceku ezimbili, ezincekwini zethu ezilungileyo ngakho- ke womabili (amakhosikazi) ayengathembekanga ngakho- ke womabili abawuzuzelanga lutho umphefumulo wabo ukubhekana noMvelinqangi futhi kwathiwa, “ngenani emlilweni kanye nabangenayo”.
11. وَضَرَبَ اللَّهُ مَثَلًا لِلَّذِينَ آمَنُوا امْرَأَتَ فِرْعَوْنَ إِذْ قَالَتْ رَبِّ ابْنِ لِي عِنْدَكَ بَيْتًا فِي الْجَنَّةِ وَنَجِّنِي مِنْ فِرْعَوْنَ وَعَمَلِهِ وَنَجِّنِي مِنَ الْقَوْمِ الظَّالِمِينَ
Futhi wenza isibonelo uMvelinqangi salabo abakholwayo– unkosikazi kaFaro ngenkathi ethi, “Nkosi yami ngakhele eduze nawe indlu esivandeni (ezulwini) futhi ungisindise kuFaro nemisebenzi yakhe futhi ungisindise kubantu abayizoni”.
12. وَمَرْيَمَ ابْنَتَ عِمْرَانَ الَّتِي أَحْصَنَتْ فَرْجَهَا فَنَفَخْنَا فِيهِ مِنْ رُوحِنَا وَصَدَّقَتْ بِكَلِمَاتِ رَبِّهَا وَكُتُبِهِ وَكَانَتْ مِنَ الْقَانِتِينَ
NoMaryam (uMariya) indodakazi ka-Imran okuyiyona eyabuqaphela ubumsulwa bayo ngakho-ke saphefumulela kukona umoya wethu futhi (uMariya) wakholelwa emagameni eNkosi yakhe nasezincwadini zayo futhi (uMariya) wayengomunye wabahloniphayo.