سورة الملك - Sûrah 67: Al-Mulk - ubukhosi (umbuso)

1. تَبَارَكَ الَّذِي بِيَدِهِ الْمُلْكُ وَهُوَ عَلَى كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ


Ugcwele izibusiso lowo esandleni sakhe okunobukhosi (umbuso) futhi yena unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto.

2. الَّذِي خَلَقَ الْمَوْتَ وَالْحَيَاةَ لِيَبْلُوَكُمْ أَيُّكُمْ أَحْسَنُ عَمَلًا وَهُوَ الْعَزِيزُ الْغَفُورُ


Lowo owadala ukufa nokuphila ukuze anilinge ukuthi ngubani wenu ongcono kakhulu ngezenzo futhi yena (uMvelinqangi) uphakeme ngamandla uyathethelela.

3. الَّذِي خَلَقَ سَبْعَ سَمَاوَاتٍ طِبَاقًا مَا تَرَى فِي خَلْقِ الرَّحْمَنِ مِنْ تَفَاوُتٍ فَارْجِعِ الْبَصَرَ هَلْ تَرَى مِنْ فُطُورٍ


Lowo owadala amazulu ayisikhombisa elinye phezulu kwelinye angeke usibone isici ezidalweni zonomusa, ngakho-ke phinda ubuke, ngakube uyakubona ukuqhekeka.

4. ثُمَّ ارْجِعِ الْبَصَرَ كَرَّتَيْنِ يَنْقَلِبْ إِلَيْكَ الْبَصَرُ خَاسِئًا وَهُوَ حَسِيرٌ


Ngakho-ke phinda ukubuka kwakho kabili, kuzobuya ukubona kwakho kuzithobile futhi kukhathele.

5. وَلَقَدْ زَيَّنَّا السَّمَاءَ الدُّنْيَا بِمَصَابِيحَ وَجَعَلْنَاهَا رُجُومًا لِلشَّيَاطِينِ وَأَعْتَدْنَا لَهُمْ عَذَابَ السَّعِيرِ


Futhi ngempela salenza labukeka lilihle izulu eliseduzane ngezibani (izinkanyezi) futhi sazenza (izinkanyezi) zaba yimijikijelo kosathane(zivimbelaosathaneukuthibangasondeli ezulwini eliseduzane) futhi sabalungiselela (osathane) isijeziso somlilo ovuthayo.

6. وَلِلَّذِينَ كَفَرُوا بِرَبِّهِمْ عَذَابُ جَهَنَّمَ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ


Futhi okwalabo abangakholwa eNkosini yabo yisijeziso sesihogo futhi kubi lapho kuyiwa khona.

7. إِذَا أُلْقُوا فِيهَا سَمِعُوا لَهَا شَهِيقًا وَهِيَ تَفُورُ


Uma bephonswa phakathi kusona bayozwa umsindo waso (ukubhonga kwaso) kulapho sona sibila.

8. تَكَادُ تَمَيَّزُ مِنَ الْغَيْظِ كُلَّمَا أُلْقِيَ فِيهَا فَوْجٌ سَأَلَهُمْ خَزَنَتُهَا أَلَمْ يَأْتِكُمْ نَذِيرٌ


Sicishe siqhume (ngenxa) yentukuthelo yaso enkulu, ngasosonke isikhathi uma kuphonswa phakathi kusona iqembu bayobabuza abaqaphi baso (bathi) “ akuzange yini kufike kunina umxwayisi (isithunywa sikaMvelinqangi)?

9. قَالُوا بَلَى قَدْ جَاءَنَا نَذِيرٌ فَكَذَّبْنَا وَقُلْنَا مَا نَزَّلَ اللَّهُ مِنْ شَيْءٍ إِنْ أَنْتُمْ إِلَّا فِي ضَلَالٍ كَبِيرٍ


Bayothi, “yebo ngempela wafika kuthina umxwayisi manjalo samphika sabe sesithi uMvelinqangi akazange ehlisele lutho phansi (eyisambulo) nina (anisho lutho) ngaphandle kokuthi nisekudukeni okukhulu.

10. وَقَالُوا لَوْ كُنَّا نَسْمَعُ أَوْ نَعْقِلُ مَا كُنَّا فِي أَصْحَابِ السَّعِيرِ


Futhi bayothi, “ukube sasilalela noma sasinomqondo sasingeke sibe sezihlalini zomlilo ovuthayo.

11. فَاعْتَرَفُوا بِذَنْبِهِمْ فَسُحْقًا لِأَصْحَابِ السَّعِيرِ


Manjalo bayozivuma izono zabo, ngakho-ke azibe kude le izihlali zomlilo ovuthayo.

12. إِنَّ الَّذِينَ يَخْشَوْنَ رَبَّهُمْ بِالْغَيْبِ لَهُمْ مَغْفِرَةٌ وَأَجْرٌ كَبِيرٌ


Ngempela labo abesaba iNkosi yabo esithe okwabo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu.

13. وَأَسِرُّوا قَوْلَكُمْ أَوِ اجْهَرُوا بِهِ إِنَّهُ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ


Futhi yifihleni inkulumo yenu noma niyiveze, ngempela yena uyisazi saloko okusezifubeni.

14. أَلَا يَعْلَمُ مَنْ خَلَقَ وَهُوَ اللَّطِيفُ الْخَبِيرُ


Ngakube (u-Allah) akamazi yini lowo owadala? Kanti yena (uMvelinqangi) umnene ungamele (zonke izinto).

15. هُوَ الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ ذَلُولًا فَامْشُوا فِي مَنَاكِبِهَا وَكُلُوا مِنْ رِزْقِهِ وَإِلَيْهِ النُّشُورُ


Yena uyilowo owanenzela umhlaba ukuthi uthobe, ngakho-ke hambani ezindleleni zawo futhi nidle esabelweni sakhe futhi kukuyena (uMvelinqangi) ukuvuswa kwabafileyo.

16. أَأَمِنْتُمْ مَنْ فِي السَّمَاءِ أَنْ يَخْسِفَ بِكُمُ الْأَرْضَ فَإِذَا هِيَ تَمُورُ


Ngakube nizizwa niphephile yini kulowo osezulwini ukuthi angeke enze umhlaba unigwinye kulapho wona uzamazama.

17. أَمْ أَمِنْتُمْ مَنْ فِي السَّمَاءِ أَنْ يُرْسِلَ عَلَيْكُمْ حَاصِبًا فَسَتَعْلَمُونَ كَيْفَ نَذِيرِ


Noma nizizwa niphephile yini kulowo osezulwini ukuthi angeke athumele kunina isivunguvungu somoya onamatshe bese niyazi ukuthi sinjani isexwayiso.

18. وَلَقَدْ كَذَّبَ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ فَكَيْفَ كَانَ نَكِيرِ


Futhi ngempela baphika labo ababengaphambilini kwabo, manjalo (bheka) ukuthi sasisibi kanjami isijeziso sami.

19. أَوَلَمْ يَرَوْا إِلَى الطَّيْرِ فَوْقَهُمْ صَافَّاتٍ وَيَقْبِضْنَ مَا يُمْسِكُهُنَّ إِلَّا الرَّحْمَنُ إِنَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ بَصِيرٌ


Abaziboni yini izinyoni ngaphezulu kwabo zivula amaphiko (kwesinye isikhathi) ziyawavala, akekho ozibambayo ngaphandle konomusa, ngempela yena zonke izinto uyazibona.

20. أَمَّنْ هَذَا الَّذِي هُوَ جُنْدٌ لَكُمْ يَنْصُرُكُمْ مِنْ دُونِ الرَّحْمَنِ إِنِ الْكَافِرُونَ إِلَّا فِي غُرُورٍ


Ngakube ngubani lona oyibutho lempi yenu, onilekelelayo ngaphandle konomusa? Ngempela abangakholwa (abekho kwenye indawo) ngaphandle kokuba senkohlisweni.