سورة القلم - Sûrah 68: Al-‘Kalam - Ipeni
21. فَتَنَادَوْا مُصْبِحِينَ
Base bebizana ekuseni.
22. أَنِ اغْدُوا عَلَى حَرْثِكُمْ إِنْ كُنْتُمْ صَارِمِينَ
(Bethi), “iyani ensimini (esivandeni) senu ekuseni uma nifuna ukukha (izithelo).
23. فَانْطَلَقُوا وَهُمْ يَتَخَافَتُونَ
Ngakho-ke bahamba kulapho bona beswebeza (bekhulumela phansi).
24. أَنْ لَا يَدْخُلَنَّهَا الْيَوْمَ عَلَيْكُمْ مِسْكِينٌ
Ukuthi angabibikho kunina umuntu ompofu ongena kusona namhlanje.
25. وَغَدَوْا عَلَى حَرْدٍ قَادِرِينَ
Futhi bahamba ekuseni ngomfutho (benamandla) becabanga ukuthi bazokwazi ukwenza.
26. فَلَمَّا رَأَوْهَا قَالُوا إِنَّا لَضَالُّونَ
Ngakho-ke kwathi lapho sebesibona bathi, “ngempela sidukile”.
27. بَلْ نَحْنُ مَحْرُومُونَ
Kepha thina singabaphuciweyo.
28. قَالَ أَوْسَطُهُمْ أَلَمْ أَقُلْ لَكُمْ لَوْلَا تُسَبِّحُونَ
Wathi ongcono kunababo, “angizange yini ngisho kunina (ukuthi) kungani ningamdumisanga (uMvelinqangi).
29. قَالُوا سُبْحَانَ رَبِّنَا إِنَّا كُنَّا ظَالِمِينَ
Bathi, “udumo malube eNkosini yethu! Ngempela sasingabenzi bokubi”.
30. فَأَقْبَلَ بَعْضُهُمْ عَلَى بَعْضٍ يَتَلَاوَمُونَ
Ngakho-ke abanye babo baphendukela kwabanye besolana.
31. قَالُوا يَا وَيْلَنَا إِنَّا كُنَّا طَاغِينَ
Bathi, “Oh usizi kuthina! Ngempela sasephula umthetho (sasiyizoni)”.
32. عَسَى رَبُّنَا أَنْ يُبْدِلَنَا خَيْرًا مِنْهَا إِنَّا إِلَى رَبِّنَا رَاغِبُونَ
Mhlawumbe iNkosi yethu izosishintshela ngokungcono kunako, ngempela iseNkosini yethu lapho sifisa khona.
33. كَذَلِكَ الْعَذَابُ وَلَعَذَابُ الْآخِرَةِ أَكْبَرُ لَوْ كَانُوا يَعْلَمُونَ
Sinjalo isijeziso, futhi ngempela isijeziso sempilo ezayo sikhulu kakhulu ukube benazi.
34. إِنَّ لِلْمُتَّقِينَ عِنْدَ رَبِّهِمْ جَنَّاتِ النَّعِيمِ
Ngempela okwabalungileyo eNkosini yabo yizivande zenjabulo.
35. أَفَنَجْعَلُ الْمُسْلِمِينَ كَالْمُجْرِمِينَ
Ngakube senza amamuslimu njengezigebengu na?
36. مَا لَكُمْ كَيْفَ تَحْكُمُونَ
Kwenzenjani ngani, nehlulela kanjani?
37. أَمْ لَكُمْ كِتَابٌ فِيهِ تَدْرُسُونَ
Noma ninencwadi enifunda kuyona?
38. إِنَّ لَكُمْ فِيهِ لَمَا تَخَيَّرُونَ
Ngempela okwenu kuyona yiloko enikukhethayo.
39. أَمْ لَكُمْ أَيْمَانٌ عَلَيْنَا بَالِغَةٌ إِلَى يَوْمِ الْقِيَامَةِ إِنَّ لَكُمْ لَمَا تَحْكُمُونَ
Noma okwenu yizifungo ezivela kuthina ezifinyelela osukwini lokuvuka kwabafileyo, ngempela okwenu yilokhu enikwehlulelayo.
40. سَلْهُمْ أَيُّهُمْ بِذَلِكَ زَعِيمٌ
Babuze ukuthi ngubani owabo ozokumela loko.