سورة نوح - Sûrah 71: Nûh - uNowa

1. إِنَّا أَرْسَلْنَا نُوحًا إِلَى قَوْمِهِ أَنْ أَنْذِرْ قَوْمَكَ مِنْ قَبْلِ أَنْ يَأْتِيَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ


Ngempela samthumela uNowa ebantwini bakhe (sathi) xwayisa abantu bakho ngaphambi kokuba sifike kubona isijeziso esibuhlungu.

2. قَالَ يَا قَوْمِ إِنِّي لَكُمْ نَذِيرٌ مُبِينٌ


Wathi, “Oh Bantu bami! Ngempela mina kunina ngingumxwayisi ocacile”.

3. أَنِ اعْبُدُوا اللَّهَ وَاتَّقُوهُ وَأَطِيعُونِ


Ukuthi nikhonze uMvelinqangi futhi nimesabe futhi ningihloniphe.

4. يَغْفِرْ لَكُمْ مِنْ ذُنُوبِكُمْ وَيُؤَخِّرْكُمْ إِلَى أَجَلٍ مُسَمًّى إِنَّ أَجَلَ اللَّهِ إِذَا جَاءَ لَا يُؤَخَّرُ لَوْ كُنْتُمْ تَعْلَمُونَ


Uyonithethelela izono zenu bese eninika ithuba kuze kube yisikhathi esinqunyiwe, ngempela isikhathi sikaMvelinqangi uma sifika angeke sihlehliswe ukube benazi.

5. قَالَ رَبِّ إِنِّي دَعَوْتُ قَوْمِي لَيْلًا وَنَهَارًا


Wathi, “Nkosi yami ngempela ngibamemile abantu bami ubusuku nemini”.

6. فَلَمْ يَزِدْهُمْ دُعَائِي إِلَّا فِرَارًا


Kepha akuzange kubanezelele (ngalutho) ukubamema kwami ngaphandle kokubaleka.

7. وَإِنِّي كُلَّمَا دَعَوْتُهُمْ لِتَغْفِرَ لَهُمْ جَعَلُوا أَصَابِعَهُمْ فِي آذَانِهِمْ وَاسْتَغْشَوْا ثِيَابَهُمْ وَأَصَرُّوا وَاسْتَكْبَرُوا اسْتِكْبَارًا


Futhi ngempela, ngasosonke isikhathi uma ngibamema ukuze ubathethelele babeka iminwe yabo emadlebeni abo futhi bazimboze ngezingubo zabo futhi babelesela, futhi beqholosha ngokuqholosha okukhulu.

8. ثُمَّ إِنِّي دَعَوْتُهُمْ جِهَارًا


Bese ngempela mina ngibabiza ngaphambili kwabo bonke abantu.

9. ثُمَّ إِنِّي أَعْلَنْتُ لَهُمْ وَأَسْرَرْتُ لَهُمْ إِسْرَارًا


Bese ngempela mina ngamemezela kubona futhi (ngakhuluma) nabo kwabayimfihlo esithe.

10. فَقُلْتُ اسْتَغْفِرُوا رَبَّكُمْ إِنَّهُ كَانَ غَفَّارًا


Ngakho-ke ngathi celani intethelelo yeNkosi yenu, ngempela yona ngasosonke isikhathi iyathethelela.

11. يُرْسِلِ السَّمَاءَ عَلَيْكُمْ مِدْرَارًا


Iyokwehlisela isibhakabhaka (imvula) phezulu kwenu iphophoza.

12. وَيُمْدِدْكُمْ بِأَمْوَالٍ وَبَنِينَ وَيَجْعَلْ لَكُمْ جَنَّاتٍ وَيَجْعَلْ لَكُمْ أَنْهَارًا


Futhi inandisele engcebweni nasezinganeni bese inenzele izivande futhi inenzele imifula.

13. مَا لَكُمْ لَا تَرْجُونَ لِلَّهِ وَقَارًا


Kungani ngani ukuthi ningathembeli ebukhulwini obuvela kuMvelinqangi

14. وَقَدْ خَلَقَكُمْ أَطْوَارًا


Kulapho (uMvelinqangi) anidala izigaba ezehlukene.

15. أَلَمْ تَرَوْا كَيْفَ خَلَقَ اللَّهُ سَبْعَ سَمَاوَاتٍ طِبَاقًا


Aniboni yini ukuthi wawadala kanjani uMvelinqangi amazulu ayisikhombisa elinye phezulu kwelinye.

16. وَجَعَلَ الْقَمَرَ فِيهِنَّ نُورًا وَجَعَلَ الشَّمْسَ سِرَاجًا


Futhi wabeka inyanga kuwona yaba ukukhanya, futhi wabeka ilanga labayisibani.

17. وَاللَّهُ أَنْبَتَكُمْ مِنَ الْأَرْضِ نَبَاتًا


Futhi uMvelinqangi wanikhulisa emhlabeni ngokukhula.

18. ثُمَّ يُعِيدُكُمْ فِيهَا وَيُخْرِجُكُمْ إِخْرَاجًا


Bese enibuyisela kuwona (umhlaba) futhi anikhiphe.

19. وَاللَّهُ جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ بِسَاطًا


Futhi uMvelinqangi wanenzela umhlaba wandlaleka.

20. لِتَسْلُكُوا مِنْهَا سُبُلًا فِجَاجًا


Ukuze nihambe kuwona ezindleleni ezibanzi.