سورة المزمل - Sûrah 73: Al-Muzzammil - Ozimbozile
1. يَا أَيُّهَا الْمُزَّمِّلُ
Wena ozimbozile.
2. قُمِ اللَّيْلَ إِلَّا قَلِيلًا
Vuka ubusuku ngaphandle (kwesikhathi) esincane.
3. نِصْفَهُ أَوِ انْقُصْ مِنْهُ قَلِيلًا
Ingxenye yabo (ubusuku) noma unciphise kubona kancane.
4. أَوْ زِدْ عَلَيْهِ وَرَتِّلِ الْقُرْآنَ تَرْتِيلًا
Noma wenezelele kukona, futhi uyifunde iQur’an ngokufunda okuhle.
5. إِنَّا سَنُلْقِي عَلَيْكَ قَوْلًا ثَقِيلًا
Ngempela sizophonsa phezulu kwakho inkulumo esindayo.
6. إِنَّ نَاشِئَةَ اللَّيْلِ هِيَ أَشَدُّ وَطْئًا وَأَقْوَمُ قِيلًا
Ngempela ukuvuka ebusuku kona kungcono ekuqondeni (iQur’an) futhi kungcono mayelana nenkulumo (ukuyifunda).
7. إِنَّ لَكَ فِي النَّهَارِ سَبْحًا طَوِيلًا
Ngempela okwakho emini umsebenzi omkhulu.
8. وَاذْكُرِ اسْمَ رَبِّكَ وَتَبَتَّلْ إِلَيْهِ تَبْتِيلًا
Futhi khumbula igama leNkosi yakho futhi uzinikele kuyona ngokuzinikela okuphelele.
9. رَبُّ الْمَشْرِقِ وَالْمَغْرِبِ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ فَاتَّخِذْهُ وَكِيلًا
INkosi yempumalanga nentshonalanga ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwayo ngakho-ke yithatheni njengomphathi (wezindaba zenu noma umvikeli).
10. وَاصْبِرْ عَلَى مَا يَقُولُونَ وَاهْجُرْهُمْ هَجْرًا جَمِيلًا
Futhi bekezela kulokho abakushoyo futhi usuke kubona, ukusuka okuhle.
11. وَذَرْنِي وَالْمُكَذِّبِينَ أُولِي النَّعْمَةِ وَمَهِّلْهُمْ قَلِيلًا
Futhi ngiyeke (nabangakholwa) abaphikayo labo abaphila kahle futhi ubanike isikhathi esincane.
12. إِنَّ لَدَيْنَا أَنْكَالًا وَجَحِيمًا
Ngempela kuthina kunezibopho (amaketango) kanye nomlilo ovuthayo.
13. وَطَعَامًا ذَا غُصَّةٍ وَعَذَابًا أَلِيمًا
Kanye nokudla okubindayo nesijeziso esibuhlungu.
14. يَوْمَ تَرْجُفُ الْأَرْضُ وَالْجِبَالُ وَكَانَتِ الْجِبَالُ كَثِيبًا مَهِيلًا
Ngosuku lapho umhlaba nezintaba kuyonyakaza futhi izintaba ziyoba yizindunduma zenhlabathi ebhidlikayo.
15. إِنَّا أَرْسَلْنَا إِلَيْكُمْ رَسُولًا شَاهِدًا عَلَيْكُمْ كَمَا أَرْسَلْنَا إِلَى فِرْعَوْنَ رَسُولًا
Ngempela sathumela kunina isithunywa, ufakazi kunina njengoba sathumela isithunywa kuFaro.
16. فَعَصَى فِرْعَوْنُ الرَّسُولَ فَأَخَذْنَاهُ أَخْذًا وَبِيلًا
Manjalo uFaro akazange asihloniphe isithunywa ngakho-ke samthatha ngokuthatha okubi.
17. فَكَيْفَ تَتَّقُونَ إِنْ كَفَرْتُمْ يَوْمًا يَجْعَلُ الْوِلْدَانَ شِيبًا
Ngakho-ke ningesaba kanjani uma ningakholwa, usuku oluyokwenza ukuthi izingane zibe nezinwele ezimpunga.
18. السَّمَاءُ مُنْفَطِرٌ بِهِ كَانَ وَعْدُهُ مَفْعُولًا
Izulu liyodabuka phakathi, ngasosonke isikhathi isithembiso sakhe (uMvelinqangi) siyafezeka.
19. إِنَّ هَذِهِ تَذْكِرَةٌ فَمَنْ شَاءَ اتَّخَذَ إِلَى رَبِّهِ سَبِيلًا
Ngempela lokhu yisikhumbuzo, ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo ukuthatha indlela eya eNkosini yakhe.
20. إِنَّ رَبَّكَ يَعْلَمُ أَنَّكَ تَقُومُ أَدْنَى مِنْ ثُلُثَيِ اللَّيْلِ وَنِصْفَهُ وَثُلُثَهُ وَطَائِفَةٌ مِنَ الَّذِينَ مَعَكَ وَاللَّهُ يُقَدِّرُ اللَّيْلَ وَالنَّهَارَ عَلِمَ أَنْ لَنْ تُحْصُوهُ فَتَابَ عَلَيْكُمْ فَاقْرَءُوا مَا تَيَسَّرَ مِنَ الْقُرْآنِ عَلِمَ أَنْ سَيَكُونُ مِنْكُمْ مَرْضَى وَآخَرُونَ يَضْرِبُونَ فِي الْأَرْضِ يَبْتَغُونَ مِنْ فَضْلِ اللَّهِ وَآخَرُونَ يُقَاتِلُونَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ فَاقْرَءُوا مَا تَيَسَّرَ مِنْهُ وَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ وَأَقْرِضُوا اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا وَمَا تُقَدِّمُوا لِأَنْفُسِكُمْ مِنْ خَيْرٍ تَجِدُوهُ عِنْدَ اللَّهِ هُوَ خَيْرًا وَأَعْظَمَ أَجْرًا وَاسْتَغْفِرُوا اللَّهَ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ
Ngempela iNkosi yakho yazi ukuthi wena uyavuka (isikhathi) esingangezingxenye ezimbili kwezintathu zobusuku noma ingxenye yako noma okuthathu kwako kanye neqembu lalabo abakanye nawe, futhi uMvelinqangi ukala ubusuku nemini, uyazi ukuthi anisoze nakwazi ukwenza lokho, manjalo (uMvelinqangi) waphendukela kunina ngentethelelo ngakho-ke fundani kwi-Qur’an lokho okulula, uyazi ukuthi kuyobakhona phakathi kwenu abagulayo futhi abanye bahamba emhlabeni bafuna umusa kaMvelinqangi futhi abanye bayalwa endleleni kaMvelinqangi, ngakho-ke fundani kuyona (iQur’an) lokho okulula futhi nenze mthandazo futhi nikhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) bese niboleka uMvelinqangi ukuboleka okuhle futhi noma ngabe yini enhle eniyilethela imiphefumulo yenu ngaphambili niyoyithola kuMvelinqangi, yena ungcono futhi mkhulu kakhulu ngomvuzo futhi celani intethelelo kaMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu.