سورة القيامة - Sûrah 75: Al-‘Kiyâmah - ukuvuka (kwabafileyo)

21. وَتَذَرُونَ الْآخِرَةَ


Futhi niyeka impilo ezayo.

22. وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ نَاضِرَةٌ


Ubuso ngalolosuku buyokhazimula.

23. إِلَى رَبِّهَا نَاظِرَةٌ


Bebheke eNkosini yabo.

24. وَوُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ بَاسِرَةٌ


Futhi obunye ubuso ngalolosuku buyohwaqabala.

25. تَظُنُّ أَنْ يُفْعَلَ بِهَا فَاقِرَةٌ


Becabanga ukuthi bangase behlelwe yisehlo.

26. كَلَّا إِذَا بَلَغَتِ التَّرَاقِيَ


Lutho! Ngenkathi kufinyelela engqwababeni.

27. وَقِيلَ مَنْ رَاقٍ


Futhi kuyothiwa, “ubani ozosindisa.

28. وَظَنَّ أَنَّهُ الْفِرَاقُ


Futhi uyocabanga ukuthi ukwehlikana.

29. وَالْتَفَّتِ السَّاقُ بِالسَّاقِ


Futhi umlenze uyohlangana nomunye umlenze.

30. إِلَى رَبِّكَ يَوْمَئِذٍ الْمَسَاقُ


Ngalolosuku kuseNkosini ukuqhutshwa.

31. فَلَا صَدَّقَ وَلَا صَلَّى


Akazange akholwe futhi akazange athandaze.

32. وَلَكِنْ كَذَّبَ وَتَوَلَّى


Kepha waphika futhi wafulathela (emfundisweni).

33. ثُمَّ ذَهَبَ إِلَى أَهْلِهِ يَتَمَطَّى


Wayesehamba eya kubantu bakhe (eziqhenya).

34. أَوْلَى لَكَ فَأَوْلَى


Usizi kuwena usizi.

35. ثُمَّ أَوْلَى لَكَ فَأَوْلَى


Bese (kuba) usizi kuwena, usizi.

36. أَيَحْسَبُ الْإِنْسَانُ أَنْ يُتْرَكَ سُدًى


Ngakube umuntu ucabanga ukuthi uzoyekwa evinjiwe?

37. أَلَمْ يَكُ نُطْفَةً مِنْ مَنِيٍّ يُمْنَى


Wayengesilona yini iconsi lesidoda?

38. ثُمَّ كَانَ عَلَقَةً فَخَلَقَ فَسَوَّى


Wayeseba yihlule legazi ngakho-ke (uMvelinqangi) wadala (ubuyena) walinganisa (ubuyena).

39. فَجَعَلَ مِنْهُ الزَّوْجَيْنِ الذَّكَرَ وَالْأُنْثَى


Wayesenza ngaye okubili isilisa nesifazane.

40. أَلَيْسَ ذَلِكَ بِقَادِرٍ عَلَى أَنْ يُحْيِيَ الْمَوْتَى


Akuyena yini okwazi (unamandla) okuvusa abafile.