سورة الإنسان - Sûrah 76: Al-Insân - Ad-Dahr - Isikhathi (al’insan - umuntu)
21. عَالِيَهُمْ ثِيَابُ سُنْدُسٍ خُضْرٌ وَإِسْتَبْرَقٌ وَحُلُّوا أَسَاوِرَ مِنْ فِضَّةٍ وَسَقَاهُمْ رَبُّهُمْ شَرَابًا طَهُورًا
Phezulu kwabo kuyokuba yizingubo zikasilika ezicolisisekile eziluhlaza nendwangu ehlotshiswe ngokugqamile futhi bayohlotshiswa ngamabhengela esiliva futhi iNkosi yabo iyobaphuzisa isiphuzo esihlanzayo.
22. إِنَّ هَذَا كَانَ لَكُمْ جَزَاءً وَكَانَ سَعْيُكُمْ مَشْكُورًا
Ngempela lona ngumvuzo wenu futhi ukuzama (ukuzabalaza) kwenu kuyobongeka (kwamukeleke).
23. إِنَّا نَحْنُ نَزَّلْنَا عَلَيْكَ الْقُرْآنَ تَنْزِيلًا
Ngempela thina sayembula kuwena iQur’an kancane kancane.
24. فَاصْبِرْ لِحُكْمِ رَبِّكَ وَلَا تُطِعْ مِنْهُمْ آثِمًا أَوْ كَفُورًا
Ngakho-ke bekezelela umthetho weNkosi yakho futhi ungamhloniphi phakathi kwabo oyisoni noma ongakholwa.
25. وَاذْكُرِ اسْمَ رَبِّكَ بُكْرَةً وَأَصِيلًا
Futhi khumbula igama leNkosi yakho (thandaza) ekuseni nakusihlwa.
26. وَمِنَ اللَّيْلِ فَاسْجُدْ لَهُ وَسَبِّحْهُ لَيْلًا طَوِيلًا
Kanye nasebusuku uyikhothamele (uyiguqele) futhi uyidumise ubusuku obude.
27. إِنَّ هَؤُلَاءِ يُحِبُّونَ الْعَاجِلَةَ وَيَذَرُونَ وَرَاءَهُمْ يَوْمًا ثَقِيلًا
Ngempela laba bathanda okwamanje (impilo yalomhlaba) bashiya ngemumva kwabo usuku olunzima.
28. نَحْنُ خَلَقْنَاهُمْ وَشَدَدْنَا أَسْرَهُمْ وَإِذَا شِئْنَا بَدَّلْنَا أَمْثَالَهُمْ تَبْدِيلًا
Thina sabadala saqinisa isimo sabo futhi uma sithanda singabashintsha ngabafana nabo ukubashintsha okuphelele.
29. إِنَّ هَذِهِ تَذْكِرَةٌ فَمَنْ شَاءَ اتَّخَذَ إِلَى رَبِّهِ سَبِيلًا
Ngempela lokhu yisikhumbuzo, ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akathathe indlela eya eNkosini yakhe.
30. وَمَا تَشَاءُونَ إِلَّا أَنْ يَشَاءَ اللَّهُ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا
Futhi angeke nithande ngaphandle kokuba uma ethanda uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani.
31. يُدْخِلُ مَنْ يَشَاءُ فِي رَحْمَتِهِ وَالظَّالِمِينَ أَعَدَّ لَهُمْ عَذَابًا أَلِيمًا
Ungenisa lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni wazilungiselela isijeziso esibuhlungu.