سورة النبأ - Sûrah 78: An-Nabâ - izindaba

21. إِنَّ جَهَنَّمَ كَانَتْ مِرْصَادًا


Futhi isihogo ngasosonke isikhathi silindile.

22. لِلطَّاغِينَ مَآبًا


(Isihogo) yindawo yokuhlala yabaphula umthetho.

23. لَابِثِينَ فِيهَا أَحْقَابًا


Bayohlala phakathi kusona ingunaphakade.

24. لَا يَذُوقُونَ فِيهَا بَرْدًا وَلَا شَرَابًا


Angeke bazwe phakathi kusona ukubanda futhi angeke (zithole) ukuphuza.

25. إِلَّا حَمِيمًا وَغَسَّاقًا


Ngaphandle kwamanzi abilayo nobovu.

26. جَزَاءً وِفَاقًا


Umvuzo ofanele.

27. إِنَّهُمْ كَانُوا لَا يَرْجُونَ حِسَابًا


Ngempela bona babengakulindele ukubalelwa (ukwehlulelwa).

28. وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا كِذَّابًا


Futhi babewaphika ngempela amavesi kaMvelinqangi.

29. وَكُلَّ شَيْءٍ أَحْصَيْنَاهُ كِتَابًا


Futhi zonke izinto sazibhala encwadini.

30. فَذُوقُوا فَلَنْ نَزِيدَكُمْ إِلَّا عَذَابًا


Ngakho-ke yizwani, manjalo angeke sininezelele ngalutho ngaphandle kwesijeziso.

31. إِنَّ لِلْمُتَّقِينَ مَفَازًا


Ngempela okwabalungileyo (abamesabayo uMvelinqangi) okwabo yimpumelelo.

32. حَدَائِقَ وَأَعْنَابًا


Izivande kanye namagilebhisi.

33. وَكَوَاعِبَ أَتْرَابًا


Nezintombi ezinhle ezakhiwe kahle ezilinganayo ngeminyaka

34. وَكَأْسًا دِهَاقًا


Nenkomishi echichimayo.

35. لَا يَسْمَعُونَ فِيهَا لَغْوًا وَلَا كِذَّابًا


Lapho phakathi abayizwa inkulumo eyize noma amanga.

36. جَزَاءً مِنْ رَبِّكَ عَطَاءً حِسَابًا


Umvuzo ovela eNkosini yakho, isipho esibaliwe.

37. رَبِّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا الرَّحْمَنِ لَا يَمْلِكُونَ مِنْهُ خِطَابًا


INkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili (iNkosi) enomusa, abangakwazi ukukhuluma nayo.

38. يَوْمَ يَقُومُ الرُّوحُ وَالْمَلَائِكَةُ صَفًّا لَا يَتَكَلَّمُونَ إِلَّا مَنْ أَذِنَ لَهُ الرَّحْمَنُ وَقَالَ صَوَابًا


Ngosuku lapho uGabriyeli nezingelosi kuyokuma ngabolayini, angeke bakhulume ngaphandle kwalowo ovunyelwe (uMvelinqangi) onomusa futhi akhulume okulungile.

39. ذَلِكَ الْيَوْمُ الْحَقُّ فَمَنْ شَاءَ اتَّخَذَ إِلَى رَبِّهِ مَآبًا


Lolo wusuku lwangempela, manjalo noma ngabe ngubani othanda ukuthatha isiphephelo eNkosini yakhe.

40. إِنَّا أَنْذَرْنَاكُمْ عَذَابًا قَرِيبًا يَوْمَ يَنْظُرُ الْمَرْءُ مَا قَدَّمَتْ يَدَاهُ وَيَقُولُ الْكَافِرُ يَا لَيْتَنِي كُنْتُ تُرَابًا


Ngempela sanixwayisa ngesijeziso esiseduze, usuku lapho umuntu eyobona lokho okuthunyelwe ngaphambili yizandla zakhe futhi bayothi abangakholwa “Oh ngifisa sengathi ngangiwuthuli”.