سورة الطارق - Sûrah 86: At-Târi‘k - Okukhanya ebusuku (inkanyezi)

1. وَالسَّمَاءِ وَالطَّارِقِ


Ngifunga ngesibhakabhaka nangokukhanyayo ebusuku.

2. وَمَا أَدْرَاكَ مَا الطَّارِقُ


Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini okukhanyayo ebusuku.

3. النَّجْمُ الثَّاقِبُ


Yinkanyezi ekhanyayo.

4. إِنْ كُلُّ نَفْسٍ لَمَّا عَلَيْهَا حَافِظٌ


Awukho umphefumulo kepha phezu kwawo kunomlondolozi.

5. فَلْيَنْظُرِ الْإِنْسَانُ مِمَّ خُلِقَ


Ngakho-ke akabheke umuntu ukuthi wadalwa ngani.

6. خُلِقَ مِنْ مَاءٍ دَافِقٍ


Wadalwa ngamanzi (uketshezi) olukhishwa (owesilisa nowesifazane) isidoda.

7. يَخْرُجُ مِنْ بَيْنِ الصُّلْبِ وَالتَّرَائِبِ


Aphuma phakathi emgogodleni nasezimbanjeni.

8. إِنَّهُ عَلَى رَجْعِهِ لَقَادِرٌ


Ngempela yena (uMvelinqangi) uyakwazi ukumphindisela emumva (empilweni).

9. يَوْمَ تُبْلَى السَّرَائِرُ


Ngosuku lapho izimfihlo ziyolingwa (ziyovezwa obala).

10. فَمَا لَهُ مِنْ قُوَّةٍ وَلَا نَاصِرٍ


Ngifunga ngakho-ke angeke abenawo amandla nomsizi.

11. وَالسَّمَاءِ ذَاتِ الرَّجْعِ


Futhi ngifunga ngezulu (ngesibhakabhaka) esiletha imvula ngokuphindelela.

12. وَالْأَرْضِ ذَاتِ الصَّدْعِ


Futhi ngifunga ngomhlaba ngenkathi uqhekeka phakathi.

13. إِنَّهُ لَقَوْلٌ فَصْلٌ


Ngempela kona kuyinkulumo ehlukanisayo (okuhle nokubi).

14. وَمَا هُوَ بِالْهَزْلِ


Futhi kona akuyiwona umdlalo.

15. إِنَّهُمْ يَكِيدُونَ كَيْدًا


Ngempela bona benza icebo.

16. وَأَكِيدُ كَيْدًا


Futhi nami ngenza icebo.

17. فَمَهِّلِ الْكَافِرِينَ أَمْهِلْهُمْ رُوَيْدًا


Ngakho-ke banike ithuba abangakholwa, bayekwe okwesikhashana ngobumnene.