سورة الأعلى - Sûrah 87: Al-A‘laa - ukuphakama kakhulu

1. سَبِّحِ اسْمَ رَبِّكَ الْأَعْلَى


Dumisa igama leNkosi yakho ephakeme kakhulu.

2. الَّذِي خَلَقَ فَسَوَّى


Okuyiyona eyadala yalinganisa (konke ngesimo sako).

3. وَالَّذِي قَدَّرَ فَهَدَى


Futhi okuyiyona ekalayo futhi eholayo.

4. وَالَّذِي أَخْرَجَ الْمَرْعَى


Futhi okuyiyona eyaveza okuluhlaza (utshani nezihlahla).

5. فَجَعَلَهُ غُثَاءً أَحْوَى


Yabe seyikwenza kwaba yizinhlanga ezinsundu.

6. سَنُقْرِئُكَ فَلَا تَنْسَى


Sizokwenza ukuthi ufunde angeke ukhohlwe.

7. إِلَّا مَا شَاءَ اللَّهُ إِنَّهُ يَعْلَمُ الْجَهْرَ وَمَا يَخْفَى


Ngaphandle kwalokho okufiswa nguMvelinqangi, ngempela yena uyakwazi okusobala kanye nalokho okufihlekile.

8. وَنُيَسِّرُكَ لِلْيُسْرَى


Futhi sikwenzela kubelula okulula.

9. فَذَكِّرْ إِنْ نَفَعَتِ الذِّكْرَى


Ngakho-ke khumbuza uma kungukuthi siyakusiza isikhumbuzo.

10. سَيَذَّكَّرُ مَنْ يَخْشَى


Uyokhumbula lowo owesaba (uMvelinqangi).

11. وَيَتَجَنَّبُهَا الْأَشْقَى


Futhi uyokugwema (ukukhunjuzwa) lowo muntu omubi kakhulu.

12. الَّذِي يَصْلَى النَّارَ الْكُبْرَى


Lowo uzokusha emlilweni omkhulu.

13. ثُمَّ لَا يَمُوتُ فِيهَا وَلَا يَحْيَى


Bese engafi lapho phakathi kuwona futhi angaphili.

14. قَدْ أَفْلَحَ مَنْ تَزَكَّى


Ngempela uphumelele lowo ozihlanzayo.

15. وَذَكَرَ اسْمَ رَبِّهِ فَصَلَّى


Futhi akhumbule igama leNkosi yakhe athandaze.

16. بَلْ تُؤْثِرُونَ الْحَيَاةَ الدُّنْيَا


Kepha nikhetha impilo yalomhlaba.

17. وَالْآخِرَةُ خَيْرٌ وَأَبْقَى


Futhi impilo ezayo ingcono futhi ingehlalayo engapheliyo.

18. إِنَّ هَذَا لَفِي الصُّحُفِ الْأُولَى


Ngempela lokhu kusemibhalweni yokuqala.

19. صُحُفِ إِبْرَاهِيمَ وَمُوسَى


Imibhalo ka-Abrahamu noMose.