سورة البلد - Sûrah 90: Al-Balad - Idolobha

1. لَا أُقْسِمُ بِهَذَا الْبَلَدِ


Ngifunga ngaleli dolobha (Makkah).

2. وَأَنْتَ حِلٌّ بِهَذَا الْبَلَدِ


Futhi wena (uMphrofethi) uvunyelwe kulelidolobha.

3. وَوَالِدٍ وَمَا وَلَدَ


Futhi ngifunga ngomzali kanye nalokho akuzalayo.

4. لَقَدْ خَلَقْنَا الْإِنْسَانَ فِي كَبَدٍ


Ngempela samdala umuntu ebunzimeni.

5. أَيَحْسَبُ أَنْ لَنْ يَقْدِرَ عَلَيْهِ أَحَدٌ


Ngakube ucabanga ukuthi akasoze abekhona ongaphezulu kwakhe ongamehlula.

6. يَقُولُ أَهْلَكْتُ مَالًا لُبَدًا


Uthi, “ngichithe umnotho omningi”.

7. أَيَحْسَبُ أَنْ لَمْ يَرَهُ أَحَدٌ


Ngakube ucabanga ukuthi akekho noyedwa ombonayo.

8. أَلَمْ نَجْعَلْ لَهُ عَيْنَيْنِ


Asizange yini simenzele amehlo amabili.

9. وَلِسَانًا وَشَفَتَيْنِ


Nolimi nezindebe ezimbili.

10. وَهَدَيْنَاهُ النَّجْدَيْنِ


Futhi samholela ezindleleni ezimbili.

11. فَلَا اقْتَحَمَ الْعَقَبَةَ


Kepha akakozami ukuhamba endleleni enyukayo (enzima).

12. وَمَا أَدْرَاكَ مَا الْعَقَبَةُ


Futhi yini ekwenza wazi ukuthi indlela eyenyukayo (inzima).

13. فَكُّ رَقَبَةٍ


Ukukhulula isigqila.

14. أَوْ إِطْعَامٌ فِي يَوْمٍ ذِي مَسْغَبَةٍ


Noma ukondla ngosuku lwendlala.

15. يَتِيمًا ذَا مَقْرَبَةٍ


Intandane eyisihlobo.

16. أَوْ مِسْكِينًا ذَا مَتْرَبَةٍ


Noma umuntu ompofu osothulini (ngenxa yokuhlupheka).

17. ثُمَّ كَانَ مِنَ الَّذِينَ آمَنُوا وَتَوَاصَوْا بِالصَّبْرِ وَتَوَاصَوْا بِالْمَرْحَمَةِ


Wayeseba ngomunye walabo abakholwayo futhi abayalana ngokubekezela futhi beyalana ngobubele.

18. أُولَئِكَ أَصْحَابُ الْمَيْمَنَةِ


Labo-ke (bangabantu) abangakwesokunene.

19. وَالَّذِينَ كَفَرُوا بِآيَاتِنَا هُمْ أَصْحَابُ الْمَشْأَمَةِ


Futhi labo abangakholwanga emavesini (ezimpawini) zethu bona (bangabantu) abangakwesokunxele.

20. عَلَيْهِمْ نَارٌ مُؤْصَدَةٌ


Phezulu kwabo kunomlilo ovale nhlangothi zonke.