سورة الشمس - Sûrah 91: A-sh-Shams - Ilanga

1. وَالشَّمْسِ وَضُحَاهَا


Ngifunga ngelanga nokucwazimula kwalo.

2. وَالْقَمَرِ إِذَا تَلَاهَا


Futhi ngifunga ngenyanga uma ililandela (ilanga).

3. وَالنَّهَارِ إِذَا جَلَّاهَا


Futhi ngifunga ngemini uma ivela.

4. وَاللَّيْلِ إِذَا يَغْشَاهَا


Futhi ngifunga ngobusuku uma buyimboza.

5. وَالسَّمَاءِ وَمَا بَنَاهَا


Futhi ngifunga ngesibhakabhaka kanye nalowo owasakha.

6. وَالْأَرْضِ وَمَا طَحَاهَا


Futhi ngifunga ngomhlaba kanye nalowo owawendlala.

7. وَنَفْسٍ وَمَا سَوَّاهَا


Futhi ngifunga ngomphefumulo kanye nalowo owawulinganisa.

8. فَأَلْهَمَهَا فُجُورَهَا وَتَقْوَاهَا


Wasewukhombisa okubi kwawo kanye nokuhle kwawo.

9. قَدْ أَفْلَحَ مَنْ زَكَّاهَا


Ngempela uphumelele lowo owuhlanzile (umphefumulo wakhe).

10. وَقَدْ خَابَ مَنْ دَسَّاهَا


Futhi ngempela wehlulekile lowo owenze okubi kuwona.

11. كَذَّبَتْ ثَمُودُ بِطَغْوَاهَا


(Abantu) baThamud baphika (umphrofethi wabo) ngokungahloniphi.

12. إِذِ انْبَعَثَ أَشْقَاهَا


Ngenkathi lowo oyisoni kubona eya phambili.

13. فَقَالَ لَهُمْ رَسُولُ اللَّهِ نَاقَةَ اللَّهِ وَسُقْيَاهَا


Manjalo sabe sesithi isithunywa sikaMvelinqangi kubona, “Ningalithinti, yikameli lensikazi likaMvelinqangi nesiphuzo salo”.

14. فَكَذَّبُوهُ فَعَقَرُوهَا فَدَمْدَمَ عَلَيْهِمْ رَبُّهُمْ بِذَنْبِهِمْ فَسَوَّاهَا


Ngakho-ke basiphika (isithunywa sikaMvelinqangi) balibulala, manjalo iNkosi yabo yehlisela phezulu kwabo imbubhiso ngenxa yesono sabo yasilinganisa (kubona bonke).

15. وَلَا يَخَافُ عُقْبَاهَا


Futhi ayiwesabi umphumela walokho.