سورة الليل - Sûrah 92: Al-Layl - uBusuku

1. وَاللَّيْلِ إِذَا يَغْشَى


Ngifunga ngobusuku uma bumboza (ngobumnyama).

2. وَالنَّهَارِ إِذَا تَجَلَّى


Futhi ngifunga ngemini uma ivela.

3. وَمَا خَلَقَ الذَّكَرَ وَالْأُنْثَى


Futhi ngifunga ngalowo owadala isilisa nesifazane.

4. إِنَّ سَعْيَكُمْ لَشَتَّى


Ngempela ukuzabalaza kwenu kwehlukahlukene.

5. فَأَمَّا مَنْ أَعْطَى وَاتَّقَى


Mayelana nalowo onikezayo futhi asabe (uMvelinqangi).

6. وَصَدَّقَ بِالْحُسْنَى


Futhi akholelwe kokuhle kakhulu.

7. فَسَنُيَسِّرُهُ لِلْيُسْرَى


Manjalo siyomenzela lula indlela elula.

8. وَأَمَّا مَنْ بَخِلَ وَاسْتَغْنَى


Futhi mayelana nalowo oncishanayo futhi ozibona ukuthi.

9. وَكَذَّبَ بِالْحُسْنَى


Futhi uphika okuhle kakhulu.

10. فَسَنُيَسِّرُهُ لِلْعُسْرَى


Manjalo siyomenzela lula indlela eya ebunzimeni.

11. وَمَا يُغْنِي عَنْهُ مَالُهُ إِذَا تَرَدَّى


Futhi ayimsizi ingcebo yakhe uma esewa (efa).

12. إِنَّ عَلَيْنَا لَلْهُدَى


Ngempela kuphezulu kwethu ukuholwa.

13. وَإِنَّ لَنَا لَلْآخِرَةَ وَالْأُولَى


Futhi ngempela ngeyethu impilo ezayo neyamanje.

14. فَأَنْذَرْتُكُمْ نَارًا تَلَظَّى


Ngakho-ke nganexwayisa ngomlilo ovuthayo.

15. لَا يَصْلَاهَا إِلَّا الْأَشْقَى


Akekho oyongena kuwona ngaphandle koyisoni kakhulu.

16. الَّذِي كَذَّبَ وَتَوَلَّى


Lowo owaphika futhi wafulathela (endleleni eqondile).

17. وَسَيُجَنَّبُهَا الْأَتْقَى


Futhi uyokuqhelelaniswa nabalungileyo.

18. الَّذِي يُؤْتِي مَالَهُ يَتَزَكَّى


Lowo onikela ngengcebo yakhe ukuze azihlanze.

19. وَمَا لِأَحَدٍ عِنْدَهُ مِنْ نِعْمَةٍ تُجْزَى


Futhi akukho ngisho nakoyedwa kuyena emseni ukuze anikezwe wona.

20. إِلَّا ابْتِغَاءَ وَجْهِ رَبِّهِ الْأَعْلَى


Ngaphandle kokufuna ubuso beNkosi yakhe, ephakeme kakhulu.