سورة الضحى - Sûrah 93: Ad-Dhuhâ - ukukhanya kokusa
1. وَالضُّحَى
Ngifunga ngokukhanya kokusa.
2. وَاللَّيْلِ إِذَا سَجَى
Futhi ngifunga ngobusuku uma bubamnyama.
3. مَا وَدَّعَكَ رَبُّكَ وَمَا قَلَى
Ayikulahlile iNkosi yakho futhi ayikuzondi.
4. وَلَلْآخِرَةُ خَيْرٌ لَكَ مِنَ الْأُولَى
Futhi ngempela impilo ezayo ingcono kuwena kuneyamanje.
5. وَلَسَوْفَ يُعْطِيكَ رَبُّكَ فَتَرْضَى
Futhi ngempela iNkosi yakho izokunika ukuze uthokoze.
6. أَلَمْ يَجِدْكَ يَتِيمًا فَآوَى
Ayikutholanga yini uyintandane yabe seyiyakukhoselisa.
7. وَوَجَدَكَ ضَالًّا فَهَدَى
Futhi yakuthola ulahlekile yabe seyiyakuhola.
8. وَوَجَدَكَ عَائِلًا فَأَغْنَى
Futhi yakuthola untula umpofu yabe seyiyakunothisa.
9. فَأَمَّا الْيَتِيمَ فَلَا تَقْهَرْ
Ngakho-ke intandane ungayicindezeli.
10. وَأَمَّا السَّائِلَ فَلَا تَنْهَرْ
Futhi mayelana nofuna usizo ungaqhelelani (naye).
11. وَأَمَّا بِنِعْمَةِ رَبِّكَ فَحَدِّثْ
Futhi ngobubele beNkosi yakho yazisa (abanye)