سورة التين - Sûrah 95: At-Tîn - Ikhiwane

1. وَالتِّينِ وَالزَّيْتُونِ


Ngifunga ngekhiwane nangomhlwathi.

2. وَطُورِ سِينِينَ


Futhi ngifunga ngentaba iSinayi.

3. وَهَذَا الْبَلَدِ الْأَمِينِ


Futhi ngifunga ngalelidolobha eliphephile (Makkah).

4. لَقَدْ خَلَقْنَا الْإِنْسَانَ فِي أَحْسَنِ تَقْوِيمٍ


Ngempela samdala umuntu ngokubunjwa (ngesimo) esihle kakhulu.

5. ثُمَّ رَدَدْنَاهُ أَسْفَلَ سَافِلِينَ


(Emva kwalokho) sabe sesimehlisela kokuphansi kakhulu.

6. إِلَّا الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ فَلَهُمْ أَجْرٌ غَيْرُ مَمْنُونٍ


Ngaphandle kwalabo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo, manjalo okwabo ngumvuzo ongapheliyo.

7. فَمَا يُكَذِّبُكَ بَعْدُ بِالدِّينِ


Ngokho-ke yini lena ekwenza uphike usuku lokwahlulela.

8. أَلَيْسَ اللَّهُ بِأَحْكَمِ الْحَاكِمِينَ


Akusiyena yini uMvelinqangi umehluleli wabehluleli na?