سورة العلق - Sûrah 96: Al-‘Ala‘k - Ihlule

1. اقْرَأْ بِاسْمِ رَبِّكَ الَّذِي خَلَقَ


Funda ngegama leNkosi yakho eyadala.

2. خَلَقَ الْإِنْسَانَ مِنْ عَلَقٍ


Eyadala umuntu ngehlule.

3. اقْرَأْ وَرَبُّكَ الْأَكْرَمُ


Funda, futhi iNkosi yakho inobubele kakhulu.

4. الَّذِي عَلَّمَ بِالْقَلَمِ


Okuyiyona eyafundisa ngepeni lokubhala.

5. عَلَّمَ الْإِنْسَانَ مَا لَمْ يَعْلَمْ


Yafundisa umuntu lokho angakwazi.

6. كَلَّا إِنَّ الْإِنْسَانَ لَيَطْغَى


Lutho! Ngempela umuntu wephula umthetho (kaMvelinqangi).

7. أَنْ رَآهُ اسْتَغْنَى


Uma ezibona ukuthi akadingi lutho.

8. إِنَّ إِلَى رَبِّكَ الرُّجْعَى


Ngempela kuseNkosini yakho ukuphindela.

9. أَرَأَيْتَ الَّذِي يَنْهَى


Ngakube umbonile yini lowo (u-Abujali)ovimba.

10. عَبْدًا إِذَا صَلَّى


Inceku (umphrofethi) uma ithandaza.

11. أَرَأَيْتَ إِنْ كَانَ عَلَى الْهُدَى


Ngakube ubonile yini uma esekuholweni.

12. أَوْ أَمَرَ بِالتَّقْوَى


Noma ayale ngokulunga.

13. أَرَأَيْتَ إِنْ كَذَّبَ وَتَوَلَّى


Ngakube ubonile yini uma ephika futhi efulathela (iqiniso).

14. أَلَمْ يَعْلَمْ بِأَنَّ اللَّهَ يَرَى


Akazi yini ukuthi uMvelinqangi uyabona.

15. كَلَّا لَئِنْ لَمْ يَنْتَهِ لَنَسْفَعًا بِالنَّاصِيَةِ


Lutho! Uma engaphezi, ngempela siyomdonsa ngesihlonti.

16. نَاصِيَةٍ كَاذِبَةٍ خَاطِئَةٍ


Isiphongo esiqamba amanga esiyisoni.

17. فَلْيَدْعُ نَادِيَهُ


Ngakho-ke akabize iqembu lakhe.

18. سَنَدْعُ الزَّبَانِيَةَ


Siyobiza abaqaphi besihogo.

19. كَلَّا لَا تُطِعْهُ وَاسْجُدْ وَاقْتَرِبْ


Lutho! Ungamhloniphi kodwa guqa phansi futhi usondele (kuMvelinqangi).