سورة التوبة - Sûrah 9: At-Tawbah - ukuphendukela (kuMvelinqangi ngentethelelo)
121. وَلَا يُنْفِقُونَ نَفَقَةً صَغِيرَةً وَلَا كَبِيرَةً وَلَا يَقْطَعُونَ وَادِيًا إِلَّا كُتِبَ لَهُمْ لِيَجْزِيَهُمُ اللَّهُ أَحْسَنَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ
Futhi abayichithi (ingcebo yabo) noma ngabe yincane noma ngabe yinkulu futhi abasidabuli isigodi ngaphandle kwabalotshelwe kona phansi ukuze uMvelinqangi abanike umvuzo ongcono kakhulu walokho ababekwenza.
122. وَمَا كَانَ الْمُؤْمِنُونَ لِيَنْفِرُوا كَافَّةً فَلَوْلَا نَفَرَ مِنْ كُلِّ فِرْقَةٍ مِنْهُمْ طَائِفَةٌ لِيَتَفَقَّهُوا فِي الدِّينِ وَلِيُنْذِرُوا قَوْمَهُمْ إِذَا رَجَعُوا إِلَيْهِمْ لَعَلَّهُمْ يَحْذَرُونَ
Futhi akusikona okwabakholwayo ukuthi bahambe bonke kanyekanye uma kuwona wonke amabutho abo kuneqembu eliphuma phakathi kwabo ukuze baqonde inkolo futhi ukuze baxwayise abantu babo uma sebebuyele kubona ukuze mhlawumbe babe nokunaka.
123. يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا قَاتِلُوا الَّذِينَ يَلُونَكُمْ مِنَ الْكُفَّارِ وَلْيَجِدُوا فِيكُمْ غِلْظَةً وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ مَعَ الْمُتَّقِينَ
Oh Nina enikholwayo! Yilwani nalabo abaseduzane nani abangakholwa ukuze bezwe ubunzima kunina futhi bazi ukuthi uMvelinqangi ukanye nalabo abalungileyo.
124. وَإِذَا مَا أُنْزِلَتْ سُورَةٌ فَمِنْهُمْ مَنْ يَقُولُ أَيُّكُمْ زَادَتْهُ هَذِهِ إِيمَانًا فَأَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا فَزَادَتْهُمْ إِيمَانًا وَهُمْ يَسْتَبْشِرُونَ
Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko (seQur’an) ngakho-ke phakathi kwabo kunabanye abathi, “ngubani phakathi kwenu okumnyuselile lokhu ngokukholwa” ngakho-ke labo abakholwayo kwenyukela ukukholwa kwabo futhi bona bakujabulela.
125. وَأَمَّا الَّذِينَ فِي قُلُوبِهِمْ مَرَضٌ فَزَادَتْهُمْ رِجْسًا إِلَى رِجْسِهِمْ وَمَاتُوا وَهُمْ كَافِرُونَ
Futhi labo ezinhliziyweni zabo okunesigulo (ukungakholwa, ukungabaza nobuzenzisi) ngakho-ke kwenyukela kubona ukungabaza ekungabazeni kwabo futhi bafa bengakholwa.
126. أَوَلَا يَرَوْنَ أَنَّهُمْ يُفْتَنُونَ فِي كُلِّ عَامٍ مَرَّةً أَوْ مَرَّتَيْنِ ثُمَّ لَا يَتُوبُونَ وَلَا هُمْ يَذَّكَّرُونَ
Ababoni yini ukuthi bona bayalingwa ngayoyonke iminyaka kanye noma kabili bese bengazisoli futhi bangakhumbuli.
127. وَإِذَا مَا أُنْزِلَتْ سُورَةٌ نَظَرَ بَعْضُهُمْ إِلَى بَعْضٍ هَلْ يَرَاكُمْ مِنْ أَحَدٍ ثُمَّ انْصَرَفُوا صَرَفَ اللَّهُ قُلُوبَهُمْ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَا يَفْقَهُونَ
Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko bayabhekana (bathi) ngakube ukhona yini oyedwa onibonayo na? Bese bephendukela le, uMvelinqangi waphendulela le izinhliziyo zabo ngenxa yokuthi bona bangabantu abangaqondi.
128. لَقَدْ جَاءَكُمْ رَسُولٌ مِنْ أَنْفُسِكُمْ عَزِيزٌ عَلَيْهِ مَا عَنِتُّمْ حَرِيصٌ عَلَيْكُمْ بِالْمُؤْمِنِينَ رَءُوفٌ رَحِيمٌ
Ngempela safika kunina isithunywa esiphuma phakathi kwenu (esiphuma esizweni senu) kusiphatha kabi lokho okunihluphayo sinifisela (ubuhle ukuholwa ngendlela eyiqiniso) kwabakholwayo sinobubele nesihawu.
129. فَإِنْ تَوَلَّوْا فَقُلْ حَسْبِيَ اللَّهُ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ عَلَيْهِ تَوَكَّلْتُ وَهُوَ رَبُّ الْعَرْشِ الْعَظِيمِ
Ngakho-ke uma bephendukela emumva ithi, “uMvelinqangi wanele kumina akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe, ngethembele kuyena futhi yena uyiNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu”.