Isibophezelo somushado

Izihloko

06/10/2022

Isibophezelo somushado
1 Umshado uyisivumelwano, isithembiso kanye nokuzibophezela, uyisibopho seqiniso nesiqinile okufanele abashadile basithakasele futhi basilondoloze.

2 Inqubo yomshado kwi-Islam isukela othandweni, inhlonipho, ukubambisana nasekugcinweni kwamalungelo aphakathi komshado.

3 UNkulunkulu uSomandla uthi: {Wanidalela omaqondana(emshadweni)abasungulwe kunina , abayinkoselo, futhi Wabeka phakathi kwenu uthando nesihe.}

4 Uthando nesihe phakathi kwabashadile kusho ukuthi kunentobelo nothando kanye nozwelo nenjabulo.

5 Bobabili abashadile bangama-Muslim, ubuhlobo phakathi kwabo busekwe ukholo besekulandela isimilo.

6 Impilo yomndeni kwi-Islam ibonakala ngokuzotha kwesimo senhlalo kanye nokuzinza kweziqondisi zama muslim.

7 Ububele nomusa yingxenye yezenzo ezamukelekile ezilishumi, futhi okuhle kuphenjwe ngesibele, isankahlu sizala ukwehluleka."ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyayikhahlela"

8 Imali, ubuhle, nesizukulwane akwanele ukugcina uthando phakathi kwabashadile, kodwa inkolo nokuziphatha kuza kuqala.