سورة الرعد - Sûrah 13: Ar-Ra‘d - Ukuduma kwezulu

1. المر تِلْكَ آيَاتُ الْكِتَابِ وَالَّذِي أُنْزِلَ إِلَيْكَ مِنْ رَبِّكَ الْحَقُّ وَلَكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يُؤْمِنُونَ


Alif Lam Mim Ra, lawa ngamavesi encwadi kanye nalokho okwembulwe kuwena okuvela eNkosini yakho okuyiqiniso kepha iningi labantu alikholwa.

2. اللَّهُ الَّذِي رَفَعَ السَّمَاوَاتِ بِغَيْرِ عَمَدٍ تَرَوْنَهَا ثُمَّ اسْتَوَى عَلَى الْعَرْشِ وَسَخَّرَ الشَّمْسَ وَالْقَمَرَ كُلٌّ يَجْرِي لِأَجَلٍ مُسَمًّى يُدَبِّرُ الْأَمْرَ يُفَصِّلُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ بِلِقَاءِ رَبِّكُمْ تُوقِنُونَ


UMvelinqangi nguyena owaphakamisa amazulu ngaphandle kwezinsika ukuze nibone, wayesezibeka esihlalweni sobukhosi futhi wenza ilanga nenyanga ukuthi ngakunye kuhambe ngesikhathi esinqunyiwe, uhlela udaba (ngalunye) uwachaza ngobunjalo bawo amavesi ukuze niqiniseke ekuhlanganeni neNkosi yenu.

3. وَهُوَ الَّذِي مَدَّ الْأَرْضَ وَجَعَلَ فِيهَا رَوَاسِيَ وَأَنْهَارًا وَمِنْ كُلِّ الثَّمَرَاتِ جَعَلَ فِيهَا زَوْجَيْنِ اثْنَيْنِ يُغْشِي اللَّيْلَ النَّهَارَ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَاتٍ لِقَوْمٍ يَتَفَكَّرُونَ


Futhi nguyena owendlala umhlaba wazinzisa kuwona izintaba kanye nemifula futhi (nguyena owenza ukuthi) kuleso naleso sithelo okubili ngakubili wenza ukuthi ubusuku bumboze imini ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo.

4. وَفِي الْأَرْضِ قِطَعٌ مُتَجَاوِرَاتٌ وَجَنَّاتٌ مِنْ أَعْنَابٍ وَزَرْعٌ وَنَخِيلٌ صِنْوَانٌ وَغَيْرُ صِنْوَانٍ يُسْقَى بِمَاءٍ وَاحِدٍ وَنُفَضِّلُ بَعْضَهَا عَلَى بَعْضٍ فِي الْأُكُلِ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَاتٍ لِقَوْمٍ يَعْقِلُونَ


Futhi emhlabeni kunemihlaba ebanzi esondelene nezivande zamagilebhisi nezitshalo namasundu amila emabili empandeni nangamili empandeni, kuchelelwa ngamanzi awodwa futhi senza ezinye (izithelo) zibe ngcono kunezinye ekudliweni, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abanomqondo.

5. وَإِنْ تَعْجَبْ فَعَجَبٌ قَوْلُهُمْ أَإِذَا كُنَّا تُرَابًا أَإِنَّا لَفِي خَلْقٍ جَدِيدٍ أُولَئِكَ الَّذِينَ كَفَرُوا بِرَبِّهِمْ وَأُولَئِكَ الْأَغْلَالُ فِي أَعْنَاقِهِمْ وَأُولَئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ


Futhi uma umangele ngakho-ke siyamangaza isisho sabo (esithi) ngakube uma siwuthuli ngempela (siyovuswa) yini sibe izidalwa ezintsha na? Labo bayilabo abaphika ukholo eNkosi yabo futhi laba bayoba namaketanga emiqaleni yabo, futhi labo bayoba ngabanqwamani nomlilo bayohlala khona ingunaphakade.

6. وَيَسْتَعْجِلُونَكَ بِالسَّيِّئَةِ قَبْلَ الْحَسَنَةِ وَقَدْ خَلَتْ مِنْ قَبْلِهِمُ الْمَثُلَاتُ وَإِنَّ رَبَّكَ لَذُو مَغْفِرَةٍ لِلنَّاسِ عَلَى ظُلْمِهِمْ وَإِنَّ رَبَّكَ لَشَدِيدُ الْعِقَابِ


Futhi bakujahela ebubini ngaphambi kobuhle futhi sezadlula ngaphambilini kwabo izijeziso ezifana (nalokho abakujahayo) futhi ngempela iNkosi yakho ingumnikazi wentethelelo kubantu ekungalungini kwabo futhi ngempela iNkosi yakho inzima ekujeziseni.

7. وَيَقُولُ الَّذِينَ كَفَرُوا لَوْلَا أُنْزِلَ عَلَيْهِ آيَةٌ مِنْ رَبِّهِ إِنَّمَا أَنْتَ مُنْذِرٌ وَلِكُلِّ قَوْمٍ هَادٍ


Futhilaboabangakholwangabathi,“kunganikungehliselwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Kuphela wena ungumxwayisi futhi kulabo nalabo bantu kunomholi.

8. اللَّهُ يَعْلَمُ مَا تَحْمِلُ كُلُّ أُنْثَى وَمَا تَغِيضُ الْأَرْحَامُ وَمَا تَزْدَادُ وَكُلُّ شَيْءٍ عِنْدَهُ بِمِقْدَارٍ


UMvelinqangi uyakwazi lokho okukhulelwe ibona bonke abesifazane kanye nalokho izizalo ezilahlekelwa yikona (okusuke kungakalungeli ukuthi kungazalwa) kanye nalokho ezikwandisayo (izizalo) futhi zonke izinto kuyena zilinganisiwe.

9. عَالِمُ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ الْكَبِيرُ الْمُتَعَالِ


Uyisazi sokungabonwayo nokubonwayo, mkhulu uphakeme.

10. سَوَاءٌ مِنْكُمْ مَنْ أَسَرَّ الْقَوْلَ وَمَنْ جَهَرَ بِهِ وَمَنْ هُوَ مُسْتَخْفٍ بِاللَّيْلِ وَسَارِبٌ بِالنَّهَارِ


Kuyefana (kuyena) noma ngabe omunye wenu ufihla inkulumo noma nalowo oyivezayo kanye nalowo ozifihlayo ebusuku bese ehamba emini.

11. لَهُ مُعَقِّبَاتٌ مِنْ بَيْنِ يَدَيْهِ وَمِنْ خَلْفِهِ يَحْفَظُونَهُ مِنْ أَمْرِ اللَّهِ إِنَّ اللَّهَ لَا يُغَيِّرُ مَا بِقَوْمٍ حَتَّى يُغَيِّرُوا مَا بِأَنْفُسِهِمْ وَإِذَا أَرَادَ اللَّهُ بِقَوْمٍ سُوءًا فَلَا مَرَدَّ لَهُ وَمَا لَهُمْ مِنْ دُونِهِ مِنْ وَالٍ


Ezakhe izingelosi eziqaphelayo ngaphambili (komuntu ngamunye) nangemva kwakhe ziyamlondoloza ngempoqo kaMvelinqangi akasiguquli isimo sabantu kuze kube ilapho beguqula lokho okusemiphefumulweni yabo futhi uma uMvelinqangi eqonde okubi ebantwini akekho ongakuphindisela emumva futhi abanaye umvikeli ngaphandle kwakhe.

12. هُوَ الَّذِي يُرِيكُمُ الْبَرْقَ خَوْفًا وَطَمَعًا وَيُنْشِئُ السَّحَابَ الثِّقَالَ


Nguyena onikhombisa umbani odala ukwesaba nethemba futhi (nguyena) oletha amafu asindayo.

13. وَيُسَبِّحُ الرَّعْدُ بِحَمْدِهِ وَالْمَلَائِكَةُ مِنْ خِيفَتِهِ وَيُرْسِلُ الصَّوَاعِقَ فَيُصِيبُ بِهَا مَنْ يَشَاءُ وَهُمْ يُجَادِلُونَ فِي اللَّهِ وَهُوَ شَدِيدُ الْمِحَالِ


Nokuduma kuyamphakamisa ngodumo lwakhe kanye nezingelosi (ziyamdumisa) ngenxa yokumesaba futhi athumele ukushaya konyazi ashaye ngawo lowo amthandayo ngenkathi bona bephikisana ngoMvelinqangi kanti yena uphakeme ngamandla futhi unzima ekujeziseni.

14. لَهُ دَعْوَةُ الْحَقِّ وَالَّذِينَ يَدْعُونَ مِنْ دُونِهِ لَا يَسْتَجِيبُونَ لَهُمْ بِشَيْءٍ إِلَّا كَبَاسِطِ كَفَّيْهِ إِلَى الْمَاءِ لِيَبْلُغَ فَاهُ وَمَا هُوَ بِبَالِغِهِ وَمَا دُعَاءُ الْكَافِرِينَ إِلَّا فِي ضَلَالٍ


Ikuyena lapho umthandazo uyiqiniso khona futhi labo abamemeza abanye esikhundleni sakhe ababaphenduli ngalutho ngaphandle njengalowo owelulela izandla zakhe zombili emanzini ukuze afinyelele emlonyeni wakhe kepha wona akafinyeleli kuyena, umthandazo wabangakholwayo awulutho ngaphandle kokuthi ungukuduka.

15. وَلِلَّهِ يَسْجُدُ مَنْ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ طَوْعًا وَكَرْهًا وَظِلَالُهُمْ بِالْغُدُوِّ وَالْآصَالِ


Futhi ikuMvelinqangi lapho noma ngabe ubani osemazulwini nasemhlabeni ekhothama khona bethanda noma bengathandi kanye nezithunzi zabo ekuseni nakusihlwa.

16. قُلْ مَنْ رَبُّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ قُلِ اللَّهُ قُلْ أَفَاتَّخَذْتُمْ مِنْ دُونِهِ أَوْلِيَاءَ لَا يَمْلِكُونَ لِأَنْفُسِهِمْ نَفْعًا وَلَا ضَرًّا قُلْ هَلْ يَسْتَوِي الْأَعْمَى وَالْبَصِيرُ أَمْ هَلْ تَسْتَوِي الظُّلُمَاتُ وَالنُّورُ أَمْ جَعَلُوا لِلَّهِ شُرَكَاءَ خَلَقُوا كَخَلْقِهِ فَتَشَابَهَ الْخَلْقُ عَلَيْهِمْ قُلِ اللَّهُ خَالِقُ كُلِّ شَيْءٍ وَهُوَ الْوَاحِدُ الْقَهَّارُ


Ithi, ngubani iNkosi yamazulu nomhlaba na? Ithi, “uMvelinqangi” ithi, “ngakube nizithathele abanye abavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi abangaziphatheli nzuzo nakulimaza emiphefumulweni yabo na?” ithi, “ngakube uyefana yini oyimpumputhe kanye nobabonayo noma ngakube buyefana yini ubumnyama nokukhanya na? Noma benzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni, abadale okunjengendalo yakhe ukuze indalo (abayidalile neyakhe) ibukeke ifana kubona ithi, “uMvelinqangi ongumdali wezinto zonke futhi ungoyedwa ongavinjwa”.

17. أَنْزَلَ مِنَ السَّمَاءِ مَاءً فَسَالَتْ أَوْدِيَةٌ بِقَدَرِهَا فَاحْتَمَلَ السَّيْلُ زَبَدًا رَابِيًا وَمِمَّا يُوقِدُونَ عَلَيْهِ فِي النَّارِ ابْتِغَاءَ حِلْيَةٍ أَوْ مَتَاعٍ زَبَدٌ مِثْلُهُ كَذَلِكَ يَضْرِبُ اللَّهُ الْحَقَّ وَالْبَاطِلَ فَأَمَّا الزَّبَدُ فَيَذْهَبُ جُفَاءً وَأَمَّا مَا يَنْفَعُ النَّاسَ فَيَمْكُثُ فِي الْأَرْضِ كَذَلِكَ يَضْرِبُ اللَّهُ الْأَمْثَالَ


Wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni igeleza ezihosheni ngendlela eyithanda ngayo, izikhukhula ziwasuse amagwebu akhukhumalayo futhi nakulokho abakuncibilikisayo emlilweni ukuze kwakhiwe okokuhloba nomaizitsha, kuveleigwebuelifananako, kanjalouMvelinqangi uliveza (ngezibonelo) iqiniso kanye namanga ngakho-ke amagwebu ayadlula njengento engeyilutho bese kuthi lokho okuwusizo kubantu kuyasala emhlabeni uMvelinqangi wenza kanjalo-ke izibonelo.

18. لِلَّذِينَ اسْتَجَابُوا لِرَبِّهِمُ الْحُسْنَى وَالَّذِينَ لَمْ يَسْتَجِيبُوا لَهُ لَوْ أَنَّ لَهُمْ مَا فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا وَمِثْلَهُ مَعَهُ لَافْتَدَوْا بِهِ أُولَئِكَ لَهُمْ سُوءُ الْحِسَابِ وَمَأْوَاهُمْ جَهَنَّمُ وَبِئْسَ الْمِهَادُ


Kulabo abayiphendula iNkosi yabo kunobuhle kanye nalabo abangazange bayiphendule ukube babengaba nakho konke okusemhlabeni kanye nokufana nakho kanye nakho babezonikela ngakho njengenhlengo, labo-ke okwabo ukwehlulelwa okubi futhi indawo yabo yokuhlala isihogo futhi yimbi ngempela leyo ndawo yokuphumula.

19. أَفَمَنْ يَعْلَمُ أَنَّمَا أُنْزِلَ إِلَيْكَ مِنْ رَبِّكَ الْحَقُّ كَمَنْ هُوَ أَعْمَى إِنَّمَا يَتَذَكَّرُ أُولُو الْأَلْبَابِ


Ngakube lowo owaziyo ukuthi okwehliselwa phansi kuwena okuvela eNkosini yakho ukuthi kuyiqiniso njengalowo oyimpumputhe na? Kuphela abakhumbulayo abantu abaqondayo.

20. الَّذِينَ يُوفُونَ بِعَهْدِ اللَّهِ وَلَا يَنْقُضُونَ الْمِيثَاقَ


Labo abasifezayo isethembiso sikaMvelinqangi futhi bangasephuli isivumelwano.