سورة النور - Sûrah 24: An-Nûr - uKukhanya

1. سُورَةٌ أَنْزَلْنَاهَا وَفَرَضْنَاهَا وَأَنْزَلْنَا فِيهَا آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ لَعَلَّكُمْ تَذَكَّرُونَ


(Lesi) yisahluko esasehlisela phansi sasenza sabayisibopho futhi sembulile kusona amavesi acacile ukuze nikhumbule.

2. الزَّانِيَةُ وَالزَّانِي فَاجْلِدُوا كُلَّ وَاحِدٍ مِنْهُمَا مِائَةَ جَلْدَةٍ وَلَا تَأْخُذْكُمْ بِهِمَا رَأْفَةٌ فِي دِينِ اللَّهِ إِنْ كُنْتُمْ تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَلْيَشْهَدْ عَذَابَهُمَا طَائِفَةٌ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ


Isiphingi sesifazane nesiphingi sesilisa bhaxabulani ngamunye wabo bobabili imivimbo eyikhulu, ningavumeli ukuthi nibe nesihe mayelana nabo bobabili esijezisweni senkolo kaMvelinqangi uma nina nikholelwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, futhi iqembu labakholwayo mabasibone isijeziso sabo bobabili.

3. الزَّانِي لَا يَنْكِحُ إِلَّا زَانِيَةً أَوْ مُشْرِكَةً وَالزَّانِيَةُ لَا يَنْكِحُهَا إِلَّا زَانٍ أَوْ مُشْرِكٌ وَحُرِّمَ ذَلِكَ عَلَى الْمُؤْمِنِينَ


Isiphingi sesilisa asishadi ngaphandle kokuthi sishade nesiphingi sesifazane noma isikhonzi sesithombe sesifazane nesiphingi sesifazane akekho oyoshada nabo bobabili ngaphandle kwesiphingi sesilisa nesikhonzi sesithombe sesilisa futhi kwenqatshelwe lokho kwabakholwayo.

4. وَالَّذِينَ يَرْمُونَ الْمُحْصَنَاتِ ثُمَّ لَمْ يَأْتُوا بِأَرْبَعَةِ شُهَدَاءَ فَاجْلِدُوهُمْ ثَمَانِينَ جَلْدَةً وَلَا تَقْبَلُوا لَهُمْ شَهَادَةً أَبَدًا وَأُولَئِكَ هُمُ الْفَاسِقُونَ


Futhi labo ababeka icala abesifazane abamsulwa bese bengabalethi ofakazi abane ngakho-ke bashayeni imivimbo engamashumi ayisishiyagalombili futhi ningabemukeli ubufakazi babo futhi labo bangabangahloniphi.

5. إِلَّا الَّذِينَ تَابُوا مِنْ بَعْدِ ذَلِكَ وَأَصْلَحُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَحِيمٌ


Ngaphandle kwalabo abazisolayo emva kwalokho futhi benze izenzo ezinhle ezilungileyo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyathethelela unomusa.

6. وَالَّذِينَ يَرْمُونَ أَزْوَاجَهُمْ وَلَمْ يَكُنْ لَهُمْ شُهَدَاءُ إِلَّا أَنْفُسُهُمْ فَشَهَادَةُ أَحَدِهِمْ أَرْبَعُ شَهَادَاتٍ بِاللَّهِ إِنَّهُ لَمِنَ الصَّادِقِينَ


Futhi labo ababeka icala amakhosikazi abo futhi bengenabo ofakazi ngaphandle kwemiphefumulo yabo ngakho-ke makafakaze kane ngoMvelinqangi ngempela yena ungowalabo abakhuluma iqiniso.

7. وَالْخَامِسَةُ أَنَّ لَعْنَتَ اللَّهِ عَلَيْهِ إِنْ كَانَ مِنَ الْكَاذِبِينَ


Futhi okwesihlanu ukuthi isiqalekiso sikaMvelinqangi sibe phezu kwakhe uma engomunye wabaqamba amanga.

8. وَيَدْرَأُ عَنْهَا الْعَذَابَ أَنْ تَشْهَدَ أَرْبَعَ شَهَادَاتٍ بِاللَّهِ إِنَّهُ لَمِنَ الْكَاذِبِينَ


Futhi siyoqhelelaniswa naye owesifazane isijeziso uma efakaza ngoMvelinqangi izikhathi ezine ukuthi ngempela owesilisa ungowabaqamba amanga.

9. وَالْخَامِسَةَ أَنَّ غَضَبَ اللَّهِ عَلَيْهَا إِنْ كَانَ مِنَ الصَّادِقِينَ


Futhi okwesihlanu ukuthi intukuthelo kaMvelinqangi ibe phezu kwakhe owesifazane uma (owesilisa) engowabakhuluma iqiniso.

10. وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ وَأَنَّ اللَّهَ تَوَّابٌ حَكِيمٌ


Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe futhi uMvelinqangi wemukela ukuzisola unobuhlakani.

11. إِنَّ الَّذِينَ جَاءُوا بِالْإِفْكِ عُصْبَةٌ مِنْكُمْ لَا تَحْسَبُوهُ شَرًّا لَكُمْ بَلْ هُوَ خَيْرٌ لَكُمْ لِكُلِّ امْرِئٍ مِنْهُمْ مَا اكْتَسَبَ مِنَ الْإِثْمِ وَالَّذِي تَوَلَّى كِبْرَهُ مِنْهُمْ لَهُ عَذَابٌ عَظِيمٌ


Ngempela labo abeze namanga bayiqembu eliphuma phakathi kwenu ningakuthathi ngokuthi kuyinto embi kunina, kepha kona kungcono kunina kubona bonke abantu phakathi kwabo yilokho akusebenzele okuyisono. Futhi lowo phakathi kwabo onengxenye enkulu kukona okwakhe isijeziso esikhulu.

12. لَوْلَا إِذْ سَمِعْتُمُوهُ ظَنَّ الْمُؤْمِنُونَ وَالْمُؤْمِنَاتُ بِأَنْفُسِهِمْ خَيْرًا وَقَالُوا هَذَا إِفْكٌ مُبِينٌ


Kungani uma senikuzwile lokho abakholwayo besilisa nabesifazane bangabacabangeli okuhle abantu babo futhi bathi, “lokhu kungamanga acacile yini na?”

13. لَوْلَا جَاءُوا عَلَيْهِ بِأَرْبَعَةِ شُهَدَاءَ فَإِذْ لَمْ يَأْتُوا بِالشُّهَدَاءِ فَأُولَئِكَ عِنْدَ اللَّهِ هُمُ الْكَاذِبُونَ


Kungani bengalethanga kuyena ofakazi abane na? Ngakho-ke uma bengabalethi ofakazi kusho ukuthi bona kuMvelinqang bangabaqambi bamanga.

14. وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ لَمَسَّكُمْ فِي مَا أَفَضْتُمْ فِيهِ عَذَابٌ عَظِيمٌ


Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe kulomhlaba nasempilweni ezayo ngempela isijeziso esikhulu sasizonithinta ngenxa yalokho enikushilo.

15. إِذْ تَلَقَّوْنَهُ بِأَلْسِنَتِكُمْ وَتَقُولُونَ بِأَفْوَاهِكُمْ مَا لَيْسَ لَكُمْ بِهِ عِلْمٌ وَتَحْسَبُونَهُ هَيِّنًا وَهُوَ عِنْدَ اللَّهِ عَظِيمٌ


Khumbula ngenkathi nikwemukela ngezilimi zenu futhi nikhuluma ngemilomo yenu lokho eningenalwazi ngakho nikuthatha njengento elula kulapho kuMvelinqangi kuyinto enkulu.

16. وَلَوْلَا إِذْ سَمِعْتُمُوهُ قُلْتُمْ مَا يَكُونُ لَنَا أَنْ نَتَكَلَّمَ بِهَذَا سُبْحَانَكَ هَذَا بُهْتَانٌ عَظِيمٌ


Futhi kwenziwa yini ngenkathi nikuzwa nithi “Akusifanele ukuthi singakhuluma ngalokhu, udumo lungolwakho (Mvelinqangi) lokhu kuyisihlebo esikhulu”.

17. يَعِظُكُمُ اللَّهُ أَنْ تَعُودُوا لِمِثْلِهِ أَبَدًا إِنْ كُنْتُمْ مُؤْمِنِينَ


UMvelinqangi uyaniyala ngokuthi ningaphindeli kokufana nako uma kungukuthi nina ningamakholwa.

18. وَيُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ


Futhi uMvelinqangi uyanicacisela amavesi, futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani.

19. إِنَّ الَّذِينَ يُحِبُّونَ أَنْ تَشِيعَ الْفَاحِشَةُ فِي الَّذِينَ آمَنُوا لَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ وَاللَّهُ يَعْلَمُ وَأَنْتُمْ لَا تَعْلَمُونَ


Ngempela labo abathanda ukudlulisela okubi kulabo abakholwayo okwabo yisijeziso esibuhlungu kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi uMvelinqangi uyazi nina anazi.

20. وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ وَأَنَّ اللَّهَ رَءُوفٌ رَحِيمٌ


Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe, futhi uMvelinqangi umnene unesihawu.