سورة الفرقان - Sûrah 25: Al-Fur’kân - Isimo Sokunquma

1. تَبَارَكَ الَّذِي نَزَّلَ الْفُرْقَانَ عَلَى عَبْدِهِ لِيَكُونَ لِلْعَالَمِينَ نَذِيرًا


Uyingcwele lowo owehlisela phansi isimo sokunquma phezu kwenceku yakhe ukuze ibe ngumxwayisi ezizweni.

2. الَّذِي لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَلَمْ يَتَّخِذْ وَلَدًا وَلَمْ يَكُنْ لَهُ شَرِيكٌ فِي الْمُلْكِ وَخَلَقَ كُلَّ شَيْءٍ فَقَدَّرَهُ تَقْدِيرًا


Okunguyena okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi ongakaze abe nendodana futhi ongenaye umhlanganyeli embusweni futhi wadala zonke izinto wazilinganisa ngendlela ezifaneleke ngayo.

3. وَاتَّخَذُوا مِنْ دُونِهِ آلِهَةً لَا يَخْلُقُونَ شَيْئًا وَهُمْ يُخْلَقُونَ وَلَا يَمْلِكُونَ لِأَنْفُسِهِمْ ضَرًّا وَلَا نَفْعًا وَلَا يَمْلِكُونَ مَوْتًا وَلَا حَيَاةً وَلَا نُشُورًا


Futhi bazithathela abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe abangakwazi ukudala lutho kulapho bona bedaliwe futhi bona uqobo lwabo abanalutho olulimazayo futhi abanalutho oluyinzuzo futhi abakwazi ukudala ukufa nokupha impilo nokuvusa (abafileyo).

4. وَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا إِنْ هَذَا إِلَّا إِفْكٌ افْتَرَاهُ وَأَعَانَهُ عَلَيْهِ قَوْمٌ آخَرُونَ فَقَدْ جَاءُوا ظُلْمًا وَزُورًا


Futhi labo abangakholwanga bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kwamanga awaqambile futhi abanye abantu bamelekelela kuwo ngakho-ke ngempela baveze okungenabulungiswa nokungaimanga”.

5. وَقَالُوا أَسَاطِيرُ الْأَوَّلِينَ اكْتَتَبَهَا فَهِيَ تُمْلَى عَلَيْهِ بُكْرَةً وَأَصِيلًا


Futhi bathi, “yizinganekwane zasendulo azibhale phansi ngakho-ke uyabizelwa zona ekuseni nakusihlwa”.

6. قُلْ أَنْزَلَهُ الَّذِي يَعْلَمُ السِّرَّ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ إِنَّهُ كَانَ غَفُورًا رَحِيمًا


Ithi, “uyehlisele phansi lowo owazi imfihlo emazulwini nasemhlabeni ngempela yena ngasosonke isikhathi uyathethelela unesihawu”.

7. وَقَالُوا مَالِ هَذَا الرَّسُولِ يَأْكُلُ الطَّعَامَ وَيَمْشِي فِي الْأَسْوَاقِ لَوْلَا أُنْزِلَ إِلَيْهِ مَلَكٌ فَيَكُونَ مَعَهُ نَذِيرًا


Futhi bathi, “kungani lesisithunywa sidla ukudla futhi siyahamba siya ezitolo na? Kungani kungehliselwanga phansi kusona ingelosi ukuze ibe ngumxwayisi kanye naso”.

8. أَوْ يُلْقَى إِلَيْهِ كَنْزٌ أَوْ تَكُونُ لَهُ جَنَّةٌ يَأْكُلُ مِنْهَا وَقَالَ الظَّالِمُونَ إِنْ تَتَّبِعُونَ إِلَّا رَجُلًا مَسْحُورًا


Noma anikezwe ingcebo noma abe nesivande adla kusona futhi abayizoni bathi “anilandeli lutho ngaphandle komuntu olunjiwe”.

9. انْظُرْ كَيْفَ ضَرَبُوا لَكَ الْأَمْثَالَ فَضَلُّوا فَلَا يَسْتَطِيعُونَ سَبِيلًا


Bheka ukuthi bakwenzela kanjani izibonelo base beyaduka bangakwazi ukuyifumana indlela.

10. تَبَارَكَ الَّذِي إِنْ شَاءَ جَعَلَ لَكَ خَيْرًا مِنْ ذَلِكَ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ وَيَجْعَلْ لَكَ قُصُورًا


Uyingcwele lowo othi uma ethanda akubekele okungcono kunalokho – izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula futhi uzokubekela izindlu ezinkulu zobukhosi.

11. بَلْ كَذَّبُوا بِالسَّاعَةِ وَأَعْتَدْنَا لِمَنْ كَذَّبَ بِالسَّاعَةِ سَعِيرًا


Kepha bayaliphika ihora futhi noma ngabe nguba oliphikayo ihora simlungiselele umlilo ovuthayo.

12. إِذَا رَأَتْهُمْ مِنْ مَكَانٍ بَعِيدٍ سَمِعُوا لَهَا تَغَيُّظًا وَزَفِيرًا


Uma ubabona (umlilo) besendaweni ekude bayokuzwa ulaka olukhulu nokubhonga kwawo.

13. وَإِذَا أُلْقُوا مِنْهَا مَكَانًا ضَيِّقًا مُقَرَّنِينَ دَعَوْا هُنَالِكَ ثُبُورًا


Futhi uma bephonswa endaweni encane ngobubanzi lapho phakathi beboshwe ngamaketango bayokhalela ukubhujiswa lapho.

14. لَا تَدْعُوا الْيَوْمَ ثُبُورًا وَاحِدًا وَادْعُوا ثُبُورًا كَثِيرًا


Musani namhlanje ukukhalela ukubhujiswa okukodwa kepha khalelani ukubhujiswa okuningi.

15. قُلْ أَذَلِكَ خَيْرٌ أَمْ جَنَّةُ الْخُلْدِ الَّتِي وُعِدَ الْمُتَّقُونَ كَانَتْ لَهُمْ جَزَاءً وَمَصِيرًا


Ithi, “ngakube lokho kungcono noma isivande sangunaphakade okuyisona esathenjiswa abagwema okubi na? Lokho ngumvuzo nesiphetho sabo”.

16. لَهُمْ فِيهَا مَا يَشَاءُونَ خَالِدِينَ كَانَ عَلَى رَبِّكَ وَعْدًا مَسْئُولًا


Okwabo lapho phakathi kuyoba yikona konke lokho abakufisayo, bayohlala khona ingunaphakade, lesi yisethembiso ukugcwaliseka kwaso kuseNkosini yakho.

17. وَيَوْمَ يَحْشُرُهُمْ وَمَا يَعْبُدُونَ مِنْ دُونِ اللَّهِ فَيَقُولُ أَأَنْتُمْ أَضْلَلْتُمْ عِبَادِي هَؤُلَاءِ أَمْ هُمْ ضَلُّوا السَّبِيلَ


Futhi ngosuku lapho eyobaqoqa ngalo kanye nalokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi bese ethi, “ngakube nina naziphambukisa yini lezizinceku zami noma zona zaziphambukela ngokwazo endleleni na?”

18. قَالُوا سُبْحَانَكَ مَا كَانَ يَنْبَغِي لَنَا أَنْ نَتَّخِذَ مِنْ دُونِكَ مِنْ أَوْلِيَاءَ وَلَكِنْ مَتَّعْتَهُمْ وَآبَاءَهُمْ حَتَّى نَسُوا الذِّكْرَ وَكَانُوا قَوْمًا بُورًا


Bayothi, “udumo malube kuwe! Kwakungasifanele ukuthi sithathe abanye abavikeli esikhundleni sakho kepha wena wabenza ukuthi bazithokozise kanye noyise kwaze kwaba yilapho bekhohlwa isexwayiso base bebangabantu abalahlekileyo”.

19. فَقَدْ كَذَّبُوكُمْ بِمَا تَقُولُونَ فَمَا تَسْتَطِيعُونَ صَرْفًا وَلَا نَصْرًا وَمَنْ يَظْلِمْ مِنْكُمْ نُذِقْهُ عَذَابًا كَبِيرًا


Ngakho-ke bazokubiza ngamanga konke lokho enikushoyo bese ningabe nisakwazi ukuqhelelana (nesijeziso) futhi ningalutholi usizo futhi noma ngabe ngubani phakathi kwenu ongenabulungiswa simzwisa isijeziso esikhulu.

20. وَمَا أَرْسَلْنَا قَبْلَكَ مِنَ الْمُرْسَلِينَ إِلَّا إِنَّهُمْ لَيَأْكُلُونَ الطَّعَامَ وَيَمْشُونَ فِي الْأَسْوَاقِ وَجَعَلْنَا بَعْضَكُمْ لِبَعْضٍ فِتْنَةً أَتَصْبِرُونَ وَكَانَ رَبُّكَ بَصِيرًا


Futhi asizange sithumele ngaphambilini kwakho isithunywa ngaphandle kokuthi zona zazikudla ukudla futhi ziya ezitolo futhi sabenza abanye benu ukuba yizilingo kwabanye, ngakube nizobekezela yini na? futhi iNkosi yakho ngasosonke isikhathi ibhekile.