سورة النمل - Sûrah 27: An-Naml - Intuthwane

1. طس تِلْكَ آيَاتُ الْقُرْآنِ وَكِتَابٍ مُبِينٍ


TA SEEN. Lawa ngamavesi eQur’an, futhi incwadi eyenza kucace.

2. هُدًى وَبُشْرَى لِلْمُؤْمِنِينَ


Eholayo nenikeza abakholwayo izindaba ezimnandi.

3. الَّذِينَ يُقِيمُونَ الصَّلَاةَ وَيُؤْتُونَ الزَّكَاةَ وَهُمْ بِالْآخِرَةِ هُمْ يُوقِنُونَ


Labo abenza umthandazo futhi abakhokha ingxenye yengcebo yabo kwabampofu kulapho bona beqinisekile ngempilo ezayo.

4. إِنَّ الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِالْآخِرَةِ زَيَّنَّا لَهُمْ أَعْمَالَهُمْ فَهُمْ يَعْمَهُونَ


Ngempela labo abangakholelwa empilweni ezayo sibenzele ukuthi imisebenzi yabo ibukeke imihle kubona ukuze bazulazule bephuphutheka.

5. أُولَئِكَ الَّذِينَ لَهُمْ سُوءُ الْعَذَابِ وَهُمْ فِي الْآخِرَةِ هُمُ الْأَخْسَرُونَ


Labo-ke bayilabo okwabo okuyisijeziso esibi futhi bona empilweni ezayo bayoba ngabalahlekelwe kakhulu ukwedlula bonke.

6. وَإِنَّكَ لَتُلَقَّى الْقُرْآنَ مِنْ لَدُنْ حَكِيمٍ عَلِيمٍ


Futhi ngempela wena wenziwe ukuthi wemukela iQur’an konobuhlakani owaziyo.

7. إِذْ قَالَ مُوسَى لِأَهْلِهِ إِنِّي آنَسْتُ نَارًا سَآتِيكُمْ مِنْهَا بِخَبَرٍ أَوْ آتِيكُمْ بِشِهَابٍ قَبَسٍ لَعَلَّكُمْ تَصْطَلُونَ


Khumbula ngenkathi uMose ethi emndenini wakhe, “ngempela mina ngibona umlilo ngizonilethela izindaba ezivela kuwona noma nginilethele amalahle ashisayo ukuze nizifudumeze”.

8. فَلَمَّا جَاءَهَا نُودِيَ أَنْ بُورِكَ مَنْ فِي النَّارِ وَمَنْ حَوْلَهَا وَسُبْحَانَ اللَّهِ رَبِّ الْعَالَمِينَ


Ngenkathi efika kuwona (umlilo) wamenyezwa kwathiwa “ubusisiwe noma ngabe ngubani osemlilweni nanoma ngabe ngubani owuzungelezile” futhi udumo malube kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba.

9. يَا مُوسَى إِنَّهُ أَنَا اللَّهُ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Oh Mose! Ngempela mina nginguMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani.

10. وَأَلْقِ عَصَاكَ فَلَمَّا رَآهَا تَهْتَزُّ كَأَنَّهَا جَانٌّ وَلَّى مُدْبِرًا وَلَمْ يُعَقِّبْ يَا مُوسَى لَا تَخَفْ إِنِّي لَا يَخَافُ لَدَيَّ الْمُرْسَلُونَ


Futhi phonsa phansi induku yakho, ngakho-ke kwathi lapho eyibona inyakaza sengathi inyoka waphenduka wabaleka wangabheki emumva, “Oh Mose! Ungesabi ngempela azingesabi izithunywa ezikanye nami”.

11. إِلَّا مَنْ ظَلَمَ ثُمَّ بَدَّلَ حُسْنًا بَعْدَ سُوءٍ فَإِنِّي غَفُورٌ رَحِيمٌ


Ngaphandle kwalowo owenza okungenabulungiswa bese eshintsha okuhle emva kokubi, ngakho-ke ngempela mina ngingothethelelayo onesihawu.

12. وَأَدْخِلْ يَدَكَ فِي جَيْبِكَ تَخْرُجْ بَيْضَاءَ مِنْ غَيْرِ سُوءٍ فِي تِسْعِ آيَاتٍ إِلَى فِرْعَوْنَ وَقَوْمِهِ إِنَّهُمْ كَانُوا قَوْمًا فَاسِقِينَ


Futhi faka isandla sakho ephaketheni lakho sizophuma simhlophe singenabubi (lezi ngezinye) zezimpawu eziyisishiyagalolunye oyoziyisa kuFaro nabantu bakhe, ngempela bona bangabantu abangalungile abayizoni.

13. فَلَمَّا جَاءَتْهُمْ آيَاتُنَا مُبْصِرَةً قَالُوا هَذَا سِحْرٌ مُبِينٌ


Ngakho-ke kwathi lapho sezifika kubona izimpawu zethu ezibonakalayo bathi, “lona ngumlingo ocacile”.

14. وَجَحَدُوا بِهَا وَاسْتَيْقَنَتْهَا أَنْفُسُهُمْ ظُلْمًا وَعُلُوًّا فَانْظُرْ كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الْمُفْسِدِينَ


Futhi baziphika (lezo zimpawu) ngokungemthetho nangokuqhosha kulapho imiphefumulo yabo yenelisekile, ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni.

15. وَلَقَدْ آتَيْنَا دَاوُودَ وَسُلَيْمَانَ عِلْمًا وَقَالَا الْحَمْدُ لِلَّهِ الَّذِي فَضَّلَنَا عَلَى كَثِيرٍ مِنْ عِبَادِهِ الْمُؤْمِنِينَ


Futhi ngempela samnikeza ulwazi uDavide noSolomoni bobabili base bathi, “Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owasikhetha ngaphezu kwezinceku zakhe eziningi ezingamakholwa”.

16. وَوَرِثَ سُلَيْمَانُ دَاوُودَ وَقَالَ يَا أَيُّهَا النَّاسُ عُلِّمْنَا مَنْطِقَ الطَّيْرِ وَأُوتِينَا مِنْ كُلِّ شَيْءٍ إِنَّ هَذَا لَهُوَ الْفَضْلُ الْمُبِينُ


USolomoni wadla ifa (ubuphrofethi) kuDavide wayesethi, “Oh Bantu! Sifundiswe ulimi lwezinyoni futhi siphiwe kuzona zonke izinto, ngempela lobu ngububele obugqamile”.

17. وَحُشِرَ لِسُلَيْمَانَ جُنُودُهُ مِنَ الْجِنِّ وَالْإِنْسِ وَالطَّيْرِ فَهُمْ يُوزَعُونَ


Futhi kwaqoqelwa ndawonye kuSolomoni amabutho akhe angamaJinn nabantu kanye nezinyoni wonke ayemiswe ngendlela yempi (belungele ukuhamba).

18. حَتَّى إِذَا أَتَوْا عَلَى وَادِ النَّمْلِ قَالَتْ نَمْلَةٌ يَا أَيُّهَا النَّمْلُ ادْخُلُوا مَسَاكِنَكُمْ لَا يَحْطِمَنَّكُمْ سُلَيْمَانُ وَجُنُودُهُ وَهُمْ لَا يَشْعُرُونَ


Kwaze kwaba yilapho befinyelela khona esigodini sezintuthwane enye yezintuthwane yathi, “Oh Zintuthwane! ngenani ezindlini zenu hleze uSolomoni namabutho akhe anifihlize kulapho bona bengaboni”.

19. فَتَبَسَّمَ ضَاحِكًا مِنْ قَوْلِهَا وَقَالَ رَبِّ أَوْزِعْنِي أَنْ أَشْكُرَ نِعْمَتَكَ الَّتِي أَنْعَمْتَ عَلَيَّ وَعَلَى وَالِدَيَّ وَأَنْ أَعْمَلَ صَالِحًا تَرْضَاهُ وَأَدْخِلْنِي بِرَحْمَتِكَ فِي عِبَادِكَ الصَّالِحِينَ


Ngakho-ke (uSolomoni) wamomotheka ehleka inkulumo yayo wayesethi, “Nkosi yami ngenze ukuthi ngibonge ububele bakho owangenzela bona kanye nabazali bami futhi ngenze umsebenzi olungileyo owuthokozelayo futhi ngingenise ngomusa wakho phakathi kwezinceku zakho ezilungileyo”.

20. وَتَفَقَّدَ الطَّيْرَ فَقَالَ مَا لِيَ لَا أَرَى الْهُدْهُدَ أَمْ كَانَ مِنَ الْغَائِبِينَ


Futhi wazihlola izinyoni wayesethi, “kwenziwa yini ukuthi ngingamboni uHud Hud noma ungomunye walabo abangekho na?”