سورة القصص - Sûrah 28: Al-Kasas - Isambulo

1. طسم


Twa Seen Meem.

2. تِلْكَ آيَاتُ الْكِتَابِ الْمُبِينِ


Lawa ngamavesi encwadi ecacile

3. نَتْلُو عَلَيْكَ مِنْ نَبَإِ مُوسَى وَفِرْعَوْنَ بِالْحَقِّ لِقَوْمٍ يُؤْمِنُونَ


Siwafundela wena ngeqinso ezindabeni zikaMose kanye noFaro, ebantwini abakholwayo.

4. إِنَّ فِرْعَوْنَ عَلَا فِي الْأَرْضِ وَجَعَلَ أَهْلَهَا شِيَعًا يَسْتَضْعِفُ طَائِفَةً مِنْهُمْ يُذَبِّحُ أَبْنَاءَهُمْ وَيَسْتَحْيِي نِسَاءَهُمْ إِنَّهُ كَانَ مِنَ الْمُفْسِدِينَ


Ngempela uFaro waziphakamisa emhlabeni wenza abantu bawo amaqembu ecindezela iqembu (labantwana baka-Israel) phakathi kwabo ebulala amadodana abo eshiya abesifazane babo bephila, ngempela yena wayengomunye wabacindezeli.

5. وَنُرِيدُ أَنْ نَمُنَّ عَلَى الَّذِينَ اسْتُضْعِفُوا فِي الْأَرْضِ وَنَجْعَلَهُمْ أَئِمَّةً وَنَجْعَلَهُمُ الْوَارِثِينَ


Futhi sasifuna ukubeka umusa phezu kwalabo ababenziwe baba buthakathaka emhlabeni, futhi sibenze babengabaholi futhi sibenze izindlalifa.

6. وَنُمَكِّنَ لَهُمْ فِي الْأَرْضِ وَنُرِيَ فِرْعَوْنَ وَهَامَانَ وَجُنُودَهُمَا مِنْهُمْ مَا كَانُوا يَحْذَرُونَ


Futhi sibazinzise emhlabeni futhi sikhombize ufaro, Haman kanye namabuthoabo bobabili avela phakathi kwabo lokho abakwesabayo.

7. وَأَوْحَيْنَا إِلَى أُمِّ مُوسَى أَنْ أَرْضِعِيهِ فَإِذَا خِفْتِ عَلَيْهِ فَأَلْقِيهِ فِي الْيَمِّ وَلَا تَخَافِي وَلَا تَحْزَنِي إِنَّا رَادُّوهُ إِلَيْكِ وَجَاعِلُوهُ مِنَ الْمُرْسَلِينَ


Futhi sakwembula kunina kaMose ukuthi amncelise uma unokwesaba ngaye ngakho-ke mphonse emfuleni, ungesabi futhi ungaphatheki kabi ngempela thina sizomphindise la kuwena futhi sizomenza omunye wezithunywa.

8. فَالْتَقَطَهُ آلُ فِرْعَوْنَ لِيَكُونَ لَهُمْ عَدُوًّا وَحَزَنًا إِنَّ فِرْعَوْنَ وَهَامَانَ وَجُنُودَهُمَا كَانُوا خَاطِئِينَ


Ngakho-ke abantu baFaro bamthatha ukuze abeyisitha nosizi kubona, ngempela uFaro noHaman kanye namabutho abo bobabili babeyizoni.

9. وَقَالَتِ امْرَأَتُ فِرْعَوْنَ قُرَّتُ عَيْنٍ لِي وَلَكَ لَا تَقْتُلُوهُ عَسَى أَنْ يَنْفَعَنَا أَوْ نَتَّخِذَهُ وَلَدًا وَهُمْ لَا يَشْعُرُونَ


Futhi unkosikazi kaFaro wathi, “ungumduduzi wehlo lami nehlo lakho ungambulali angase abewusizo kuthina noma simthathe njengendodana” lapho bengazi.

10. وَأَصْبَحَ فُؤَادُ أُمِّ مُوسَى فَارِغًا إِنْ كَادَتْ لَتُبْدِي بِهِ لَوْلَا أَنْ رَبَطْنَا عَلَى قَلْبِهَا لِتَكُونَ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ


Futhi inhliziyo kanina kaMose yaba igobongo, wacishe wamveza ukube sasingayiqinisanga inhliziyo yakhe ukuze ahlale engomunye wabakholwayo.

11. وَقَالَتْ لِأُخْتِهِ قُصِّيهِ فَبَصُرَتْ بِهِ عَنْ جُنُبٍ وَهُمْ لَا يَشْعُرُونَ


Futhi owesifazane (unina ka-Mose) wathi kudadewabo wesilisa “mlandele owesilisa” owesifazane (udade wabo) wayesembheka owesilisa ebuqamama kulapho bona bengaboni.

12. وَحَرَّمْنَا عَلَيْهِ الْمَرَاضِعَ مِنْ قَبْلُ فَقَالَتْ هَلْ أَدُلُّكُمْ عَلَى أَهْلِ بَيْتٍ يَكْفُلُونَهُ لَكُمْ وَهُمْ لَهُ نَاصِحُونَ


Futhi ngaphambilini samuqabela ukuthi angancela kwabanye abancelisi bese udade wabo wayesithi, “nginganikhombisa yini abantu bomndeni abazonikhulisela yena futhi abazomeluleka na?”

13. فَرَدَدْنَاهُ إِلَى أُمِّهِ كَيْ تَقَرَّ عَيْنُهَا وَلَا تَحْزَنَ وَلِتَعْلَمَ أَنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ وَلَكِنَّ أَكْثَرَهُمْ لَا يَعْلَمُونَ


Ngakho-ke samphindisela kunina ukuze amehlo akhe aduduzeke futhi angabi lusizi nokuthi azi ukuthi isethembiso sika Mvelinqangi siyiqiniso kepha iningi labo alazi.

14. وَلَمَّا بَلَغَ أَشُدَّهُ وَاسْتَوَى آتَيْنَاهُ حُكْمًا وَعِلْمًا وَكَذَلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ


Futhi kwathi lapho esekhulile ngokuphelele samupha ubuhlakani nolwazi, sibapha kanjalo umvuzo abenza okuhle.

15. وَدَخَلَ الْمَدِينَةَ عَلَى حِينِ غَفْلَةٍ مِنْ أَهْلِهَا فَوَجَدَ فِيهَا رَجُلَيْنِ يَقْتَتِلَانِ هَذَا مِنْ شِيعَتِهِ وَهَذَا مِنْ عَدُوِّهِ فَاسْتَغَاثَهُ الَّذِي مِنْ شِيعَتِهِ عَلَى الَّذِي مِنْ عَدُوِّهِ فَوَكَزَهُ مُوسَى فَقَضَى عَلَيْهِ قَالَ هَذَا مِنْ عَمَلِ الشَّيْطَانِ إِنَّهُ عَدُوٌّ مُضِلٌّ مُبِينٌ


Futhi (uMose) wangena edolobheni ngenkathi abantu balo benganakile wafica khona amadoda amaibili elwa omunye engoweqembu lakhe futhi omunye (engoweqembu) lezitha zakhe, ngakho-ke lowo ongoweqembu lakhe wacela usizo kuyena ukuze abhekane nesitha sakhe, ngakho-ke uMose wamshaya ngesibhakela wambulala wathi “lokhu kungomunye womsebenzi kasathane, ngempela yena uyisitha esicacile esidukisayo.

16. قَالَ رَبِّ إِنِّي ظَلَمْتُ نَفْسِي فَاغْفِرْ لِي فَغَفَرَ لَهُ إِنَّهُ هُوَ الْغَفُورُ الرَّحِيمُ


Wathi, “Nkosi yami ngempela mina ngiwonile umphefumulo wami ngakho-ke ngithethelele” yamthethelela ngempela yona iyathethelela inesihawu.

17. قَالَ رَبِّ بِمَا أَنْعَمْتَ عَلَيَّ فَلَنْ أَكُونَ ظَهِيرًا لِلْمُجْرِمِينَ


Wathi, “Nkosi yami, ngenxa yobubele ongenzele bona ngakho-ke angisoze ngaba ngumsizi wezoni”.

18. فَأَصْبَحَ فِي الْمَدِينَةِ خَائِفًا يَتَرَقَّبُ فَإِذَا الَّذِي اسْتَنْصَرَهُ بِالْأَمْسِ يَسْتَصْرِخُهُ قَالَ لَهُ مُوسَى إِنَّكَ لَغَوِيٌّ مُبِينٌ


Ngakho-ke waphenduka owesabayo edolobheni ebheka emaceleni, kulapho lowo owayecele kuyena usizo ngayizolo ecela usizo kuyena uMose wathi kuyena “ngempela wena uhlale unochuku olugqamile”.

19. فَلَمَّا أَنْ أَرَادَ أَنْ يَبْطِشَ بِالَّذِي هُوَ عَدُوٌّ لَهُمَا قَالَ يَا مُوسَى أَتُرِيدُ أَنْ تَقْتُلَنِي كَمَا قَتَلْتَ نَفْسًا بِالْأَمْسِ إِنْ تُرِيدُ إِلَّا أَنْ تَكُونَ جَبَّارًا فِي الْأَرْضِ وَمَا تُرِيدُ أَنْ تَكُونَ مِنَ الْمُصْلِحِينَ


Ngakho-ke kwathi lapho efuna ukumbamba lowo oyisitha sabo bobabili wathi, “Oh Mose! Ngakube ufuna ukungibulala njengoba ubulale umuntu izolo na? awufuni lutho ngaphandle kokuba yisidlova ezweni futhi awufuni ukuba ngomunye wabalungileyo”.

20. وَجَاءَ رَجُلٌ مِنْ أَقْصَى الْمَدِينَةِ يَسْعَى قَالَ يَا مُوسَى إِنَّ الْمَلَأَ يَأْتَمِرُونَ بِكَ لِيَقْتُلُوكَ فَاخْرُجْ إِنِّي لَكَ مِنَ النَّاصِحِينَ


Futhi kweza umuntu egijima eqhamuka endaweni eqhelelene kakhulu nedolobha wathi, “Oh Mose! Ngempela abaholi babopha uzungu ngawe ukuthi bakubulale ngakho-ke hamba ngempela mina ngingomunye wabeluleki.