سورة الروم - Sûrah 30: Ar-Rûm - AbaseRoma

1. الم


ALIF LAM MEEM.

2. غُلِبَتِ الرُّومُ


AbaseRoma banqontshwa.

3. فِي أَدْنَى الْأَرْضِ وَهُمْ مِنْ بَعْدِ غَلَبِهِمْ سَيَغْلِبُونَ


Ezweni eliseduzane futhi bona emva kokuhlulwa kwabo bayonqoba.

4. فِي بِضْعِ سِنِينَ لِلَّهِ الْأَمْرُ مِنْ قَبْلُ وَمِنْ بَعْدُ وَيَوْمَئِذٍ يَفْرَحُ الْمُؤْمِنُونَ


Eminyakeni emibalwa, isinqumo singesikaMvelingangi ngemuva nangaphambili futhi ngalolosuku amakholwa ayojabula.

5. بِنَصْرِ اللَّهِ يَنْصُرُ مَنْ يَشَاءُ وَهُوَ الْعَزِيزُ الرَّحِيمُ


Ngenxa yosizo lukaMvelinqangi usiza noma ngabe ngubani amthandayo futhi yena uphakeme ngamandla unesihawu.

6. وَعْدَ اللَّهِ لَا يُخْلِفُ اللَّهُ وَعْدَهُ وَلَكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يَعْلَمُونَ


Isethembiso sika Mvelinqangi, uMvelinqangi akasephuli isethembiso sakhe kepha iningi labantu alazi.

7. يَعْلَمُونَ ظَاهِرًا مِنَ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَهُمْ عَنِ الْآخِرَةِ هُمْ غَافِلُونَ


Bazi okubonakalayo kwempilo yalomhlaba, futhi bona abayinakile impilo ezayo.

8. أَوَلَمْ يَتَفَكَّرُوا فِي أَنْفُسِهِمْ مَا خَلَقَ اللَّهُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا إِلَّا بِالْحَقِّ وَأَجَلٍ مُسَمًّى وَإِنَّ كَثِيرًا مِنَ النَّاسِ بِلِقَاءِ رَبِّهِمْ لَكَافِرُونَ


Abacabangi yini uqobo lwabo ukuthi uMvelinqangi akawadalanga amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili. Ngaphandle kweqiniso nangokwesikhathi esimisiweyo na? futhi ngempela iningi labantu liyiziphiki ngokuhlangana neNkosi yabo.

9. أَوَلَمْ يَسِيرُوا فِي الْأَرْضِ فَيَنْظُرُوا كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ كَانُوا أَشَدَّ مِنْهُمْ قُوَّةً وَأَثَارُوا الْأَرْضَ وَعَمَرُوهَا أَكْثَرَ مِمَّا عَمَرُوهَا وَجَاءَتْهُمْ رُسُلُهُمْ بِالْبَيِّنَاتِ فَمَا كَانَ اللَّهُ لِيَظْلِمَهُمْ وَلَكِنْ كَانُوا أَنْفُسَهُمْ يَظْلِمُونَ


Abahambanga yini emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphethosalaboababengaphambilinikwabona? Babenamandla ngaphezu kwabo futhi babewulima umhlabathi futhi bahlala kuwona isikhathi eside ngokwedlulele kunokuhlala kwalaba, futhi zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile, ngakho-ke kwangungesiyena uMvelinqangi owenza okungalungile kubona kepha yimiphefumulo yabo eyenza okungalungile.

10. ثُمَّ كَانَ عَاقِبَةَ الَّذِينَ أَسَاءُوا السُّوأَى أَنْ كَذَّبُوا بِآيَاتِ اللَّهِ وَكَانُوا بِهَا يَسْتَهْزِئُونَ


Khona manjalo isiphetho salabo ababenza okubi sasisibi ngokuba babewaphika amavesi kaMvelinqangi futhi babewenza inhlekisa.

11. اللَّهُ يَبْدَأُ الْخَلْقَ ثُمَّ يُعِيدُهُ ثُمَّ إِلَيْهِ تُرْجَعُونَ


UMvelinqangi usungula indalo bese eyiphinda bese nibuyiselwa kuyena.

12. وَيَوْمَ تَقُومُ السَّاعَةُ يُبْلِسُ الْمُجْرِمُونَ


Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora izoni ziyopheleliswa ngethemba.

13. وَلَمْ يَكُنْ لَهُمْ مِنْ شُرَكَائِهِمْ شُفَعَاءُ وَكَانُوا بِشُرَكَائِهِمْ كَافِرِينَ


Futhi angeke babenabo abakhulumeli phakathi kwezithixo zabo futhi bayoziphika izithixo zabo.

14. وَيَوْمَ تَقُومُ السَّاعَةُ يَوْمَئِذٍ يَتَفَرَّقُونَ


Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora, ngalolosuku bayohlukaniswa.

15. فَأَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ فَهُمْ فِي رَوْضَةٍ يُحْبَرُونَ


Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo bayokuba sengadini yentokozo.

16. وَأَمَّا الَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا وَلِقَاءِ الْآخِرَةِ فَأُولَئِكَ فِي الْعَذَابِ مُحْضَرُونَ


Futhi labo abangakholwanga abaphika amavesi ethu kanye nokuhlangana kwempilo ezayo labo bayolethwa esijezisweni.

17. فَسُبْحَانَ اللَّهِ حِينَ تُمْسُونَ وَحِينَ تُصْبِحُونَ


Ngakho-ke udumo malube kuMvelinqangi ngenkathi ningena kusihlwa nangenkathi ningena ekuseni.

18. وَلَهُ الْحَمْدُ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَعَشِيًّا وَحِينَ تُظْهِرُونَ


Futhi udumo lungolwakho emazulwini nasemhlabeni nasebusuku nasemini.

19. يُخْرِجُ الْحَيَّ مِنَ الْمَيِّتِ وَيُخْرِجُ الْمَيِّتَ مِنَ الْحَيِّ وَيُحْيِي الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا وَكَذَلِكَ تُخْرَجُونَ


Uveza ophilayo kofileyo futhi uveza ofile kophilayo futhi uphilisa umhlaba emva kokufa kwawo futhi niyovezwa kanjalo.

20. وَمِنْ آيَاتِهِ أَنْ خَلَقَكُمْ مِنْ تُرَابٍ ثُمَّ إِذَا أَنْتُمْ بَشَرٌ تَنْتَشِرُونَ


Futhi olunye lwezimpawu zakhe (uMvelinqangi) ukuthi wanidala ngothuli kwase kuthi uma nina seningabantu nahlakazeka.