سورة سبأ - Sûrah 34: Saba - Sheba (isizwe sama Sheba)

1. الْحَمْدُ لِلَّهِ الَّذِي لَهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ وَلَهُ الْحَمْدُ فِي الْآخِرَةِ وَهُوَ الْحَكِيمُ الْخَبِيرُ


Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena okungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini nanoma ngabe yini esemhlabeni futhi udumo kuyobe kungolwakhe empilweni ezayo futhi yena ungonobuhlakani ungowaziwayo.

2. يَعْلَمُ مَا يَلِجُ فِي الْأَرْضِ وَمَا يَخْرُجُ مِنْهَا وَمَا يَنْزِلُ مِنَ السَّمَاءِ وَمَا يَعْرُجُ فِيهَا وَهُوَ الرَّحِيمُ الْغَفُورُ


Wazi noma ngabe yini engena emhlabathini nanoma ngabe yini ephuma kuwona kanye nanoma ngabe yini eyehlayo ivela ezulwini nanoma ngabe yini engena kulona futhi yena ungonomusa, othethelelayo.

3. وَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا لَا تَأْتِينَا السَّاعَةُ قُلْ بَلَى وَرَبِّي لَتَأْتِيَنَّكُمْ عَالِمِ الْغَيْبِ لَا يَعْزُبُ عَنْهُ مِثْقَالُ ذَرَّةٍ فِي السَّمَاوَاتِ وَلَا فِي الْأَرْضِ وَلَا أَصْغَرُ مِنْ ذَلِكَ وَلَا أَكْبَرُ إِلَّا فِي كِتَابٍ مُبِينٍ


Futhi labo abangakholwangwa bathi, “angeke lifike kuthina ihora” ithi “yebo ngeNkosi yami ngempela liyofika kunina, isazi sokungabonwayo asigejwa ngisho noma ngabe yinto encane kangakanani emazulwini ngisho nasemhlabeni ngisho noma kukuncane kakhuku kunalokho ngisho noma ngabe kukukhulu kakhulu kepha kusencwadini ecacile”.

4. لِيَجْزِيَ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ أُولَئِكَ لَهُمْ مَغْفِرَةٌ وَرِزْقٌ كَرِيمٌ


Ukuze abanike umvuzo labo abakholwayo futhi abenza imisebenzi elungileyo labo-ke, okwabo yintethelelo nesabelo esisezingeni eliphezulu.

5. وَالَّذِينَ سَعَوْا فِي آيَاتِنَا مُعَاجِزِينَ أُولَئِكَ لَهُمْ عَذَابٌ مِنْ رِجْزٍ أَلِيمٌ


Futhi labo abazabalazayo ukuphikisana namavesi ethu ukuwadikibalisa labo-ke okwabo yisijeziso esinzima esibuhlungu.

6. وَيَرَى الَّذِينَ أُوتُوا الْعِلْمَ الَّذِي أُنْزِلَ إِلَيْكَ مِنْ رَبِّكَ هُوَ الْحَقَّ وَيَهْدِي إِلَى صِرَاطِ الْعَزِيزِ الْحَمِيدِ


Futhi labo ababenikezwe ulwazi bayakubona lokho okwembulwa kuwena okuvela eNkosini yakho ukuthi kona kuyiqiniso futhi kuholela endleleni yophakeme ngamandla, ofanelwe ukudunyiswa.

7. وَقَالَ الَّذِينَ كَفَرُوا هَلْ نَدُلُّكُمْ عَلَى رَجُلٍ يُنَبِّئُكُمْ إِذَا مُزِّقْتُمْ كُلَّ مُمَزَّقٍ إِنَّكُمْ لَفِي خَلْقٍ جَدِيدٍ


Futhi labo abangakholwanga bathi, “ngakube singanikhombisa yini indoda ezonitshela ukuthi uma senihlukanisiwe ukuhlukaniswa okuphelele (seningeyilutho) ngempela nina nizoba sendalweni entsha?”

8. أَفْتَرَى عَلَى اللَّهِ كَذِبًا أَمْ بِهِ جِنَّةٌ بَلِ الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِالْآخِرَةِ فِي الْعَذَابِ وَالضَّلَالِ الْبَعِيدِ


Ngakube uqambela uMvelinqangi amanga noma unokuhlanya na?, kepha labo abangakholelwa empilweni ezayo basesonweni nasekudukeni okukude le.

9. أَفَلَمْ يَرَوْا إِلَى مَا بَيْنَ أَيْدِيهِمْ وَمَا خَلْفَهُمْ مِنَ السَّمَاءِ وَالْأَرْضِ إِنْ نَشَأْ نَخْسِفْ بِهِمُ الْأَرْضَ أَوْ نُسْقِطْ عَلَيْهِمْ كِسَفًا مِنَ السَّمَاءِ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَةً لِكُلِّ عَبْدٍ مُنِيبٍ


Ngakube abakuboni yini lokho okungaphambilini kwabo kanye nalokho okungemumva kwabo okwezulu nomhlaba, uma sithanda singenza ukuthi umhlaba ubagwinye noma sehlisele phezu kwabo izicucu zezulu ngempela kulokho kunophawu kuleyo naleyo nceku eyiphendukele (kuMvelinqangi) ngentethelelo.

10. وَلَقَدْ آتَيْنَا دَاوُودَ مِنَّا فَضْلًا يَا جِبَالُ أَوِّبِي مَعَهُ وَالطَّيْرَ وَأَلَنَّا لَهُ الْحَدِيدَ


Futhi ngempela samnikeza uDavide umusa ovela kithina (sathi), “Oh zintaba! mdumiseni uMvelinqangi kanye naye kanye nezinyoni” futhi samthambisela insimbi.

11. أَنِ اعْمَلْ سَابِغَاتٍ وَقَدِّرْ فِي السَّرْدِ وَاعْمَلُوا صَالِحًا إِنِّي بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ


(Sathi) “Yenza izivatho zensimbi ngokuphelele futhi ulinganise iziyingi zamaketango futhi nenze imisebenzi elungileyo, ngempela mina ngiyakubona loko enikwenzayo”

12. وَلِسُلَيْمَانَ الرِّيحَ غُدُوُّهَا شَهْرٌ وَرَوَاحُهَا شَهْرٌ وَأَسَلْنَا لَهُ عَيْنَ الْقِطْرِ وَمِنَ الْجِنِّ مَنْ يَعْمَلُ بَيْنَ يَدَيْهِ بِإِذْنِ رَبِّهِ وَمَنْ يَزِغْ مِنْهُمْ عَنْ أَمْرِنَا نُذِقْهُ مِنْ عَذَابِ السَّعِيرِ


Futhi sawenza umoya wamthobela uSolomoni ikuseni yawo (yayiwuhambo) olungangenyanga futhi intambama yawo (yayiwuhambo) olungangenyanga futhi sawenza umthombo wethusi ukuthi umgobhozele futhi kwakunamaJinn ayesebenza ngaphambili kwakhe ngemvume yeNkosi yakhe futhi noma ngabe ngubani wabo ochezukayo empoqweni yethu siyokwenza ukuthi ezwe isijeziso sokusha.

13. يَعْمَلُونَ لَهُ مَا يَشَاءُ مِنْ مَحَارِيبَ وَتَمَاثِيلَ وَجِفَانٍ كَالْجَوَابِ وَقُدُورٍ رَاسِيَاتٍ اعْمَلُوا آلَ دَاوُودَ شُكْرًا وَقَلِيلٌ مِنْ عِبَادِيَ الشَّكُورُ


(Abantu) babemenzela loko akufisayo okuyizakhiwo eziphakeme, izithombe, izitsha ezinkulu ezingangamathange amanzi nezimbiza zensimbi zokupheka ezinkulu ezizinzisiwe (ezinganyakazi) “Sebenzani Oh mndeni kaDavide ngokubonga! kepha bambalwa ezincekwini zami ababongayo.

14. فَلَمَّا قَضَيْنَا عَلَيْهِ الْمَوْتَ مَا دَلَّهُمْ عَلَى مَوْتِهِ إِلَّا دَابَّةُ الْأَرْضِ تَأْكُلُ مِنْسَأَتَهُ فَلَمَّا خَرَّ تَبَيَّنَتِ الْجِنُّ أَنْ لَوْ كَانُوا يَعْلَمُونَ الْغَيْبَ مَا لَبِثُوا فِي الْعَذَابِ الْمُهِينِ


Kepha kwathi lapho sesimnqumela ukufa (uSolomoni) akukho okwabatshela ngokufa kwakhe ngaphandle kwesidalwa (isilwane) somhlaba esadla induku yakhe, ngakho-ke kwathi lapho esewela phansi kwawacacela amaJinn ukuthi ukube ayekwazi okungabonwayo ayengeke ahlale esijezisweni esiyihlazo.

15. لَقَدْ كَانَ لِسَبَإٍ فِي مَسْكَنِهِمْ آيَةٌ جَنَّتَانِ عَنْ يَمِينٍ وَشِمَالٍ كُلُوا مِنْ رِزْقِ رَبِّكُمْ وَاشْكُرُوا لَهُ بَلْدَةٌ طَيِّبَةٌ وَرَبٌّ غَفُورٌ


NgempelakwakunophawukuShebaezindawenizabozokuhlala, izivande ezimbili ngakwesokudla nangakwesokunxele yidlani esabelweni seNkosi yenu futhi niyibonge, yizwe elihle neNkosi ethethelelayo.

16. فَأَعْرَضُوا فَأَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ سَيْلَ الْعَرِمِ وَبَدَّلْنَاهُمْ بِجَنَّتَيْهِمْ جَنَّتَيْنِ ذَوَاتَيْ أُكُلٍ خَمْطٍ وَأَثْلٍ وَشَيْءٍ مِنْ سِدْرٍ قَلِيلٍ


Kepha bafulathela (benqaba) ngakho-ke sathumela kubona izikhukhula (amanzi) aphuma edamini futhi sabashintshela izivande zabo ezimbili zaba yizivande zabo ezimbili ezithela izithelo ezibabayo namatamariski (uhlobo lwesihlahla) kanye nezomlothi ezimbalwa.

17. ذَلِكَ جَزَيْنَاهُمْ بِمَا كَفَرُوا وَهَلْ نُجَازِي إِلَّا الْكَفُورَ


Ngalokho sabanika umvuzo ngenxa yokuthi babengabongi bengakholwa futhi asijezisi ngalendlela ngaphandle kwabangakholwa.

18. وَجَعَلْنَا بَيْنَهُمْ وَبَيْنَ الْقُرَى الَّتِي بَارَكْنَا فِيهَا قُرًى ظَاهِرَةً وَقَدَّرْنَا فِيهَا السَّيْرَ سِيرُوا فِيهَا لَيَالِيَ وَأَيَّامًا آمِنِينَ


Futhi senza phakathi kwabo kanye namadolobha esasiwabusisile ukuthi kube amadolobha abonakalayo kalula futhi sahlukanisa phakathi kwawo uhambo, sathi “hambani phakathi kwawo ebusuku nasemini niphephile”.

19. فَقَالُوا رَبَّنَا بَاعِدْ بَيْنَ أَسْفَارِنَا وَظَلَمُوا أَنْفُسَهُمْ فَجَعَلْنَاهُمْ أَحَادِيثَ وَمَزَّقْنَاهُمْ كُلَّ مُمَزَّقٍ إِنَّ فِي ذَلِكَ لَآيَاتٍ لِكُلِّ صَبَّارٍ شَكُورٍ


Kepha bathi, “Nkosi yethu yenza amabanga amade ohambweni lethu futhi bayona bona imiphefumulo yabo sabe sesibenza ondabuzekwayo futhi sabadabula ukudabulwa okuphelele, ngempela kunezimpawu kulokho kubona bonke ababekezelayo ababongayo.

20. وَلَقَدْ صَدَّقَ عَلَيْهِمْ إِبْلِيسُ ظَنَّهُ فَاتَّبَعُوهُ إِلَّا فَرِيقًا مِنَ الْمُؤْمِنِينَ


Futhi u-Iblis (uSathane) wawuqinisekisa ngabo umcabango wakhe, ngakho-ke bamlandela ngaphandle kweqembu labakholwayo.