سورة غافر - Sûrah 40: Ghâfir - Al-mu’min - ikholwa

1. حم


Ha Meem

2. تَنْزِيلُ الْكِتَابِ مِنَ اللَّهِ الْعَزِيزِ الْعَلِيمِ


Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla oyisazi.

3. غَافِرِ الذَّنْبِ وَقَابِلِ التَّوْبِ شَدِيدِ الْعِقَابِ ذِي الطَّوْلِ لَا إِلَهَ إِلَّا هُوَ إِلَيْهِ الْمَصِيرُ


Umthetheleli wesono nomamukeli wokuzisola, onzima ekujeziseni, umnikazi womusa, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe kukuyena ukubuyela.

4. مَا يُجَادِلُ فِي آيَاتِ اللَّهِ إِلَّا الَّذِينَ كَفَرُوا فَلَا يَغْرُرْكَ تَقَلُّبُهُمْ فِي الْبِلَادِ


Abekho abaphikisanayo ngamavesi kaMvelinqangi ngaphandle kwalabo abangakholwanga ngakho-ke akungakukhohlisi ukuzulazula kwabo ezweni.

5. كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ وَالْأَحْزَابُ مِنْ بَعْدِهِمْ وَهَمَّتْ كُلُّ أُمَّةٍ بِرَسُولِهِمْ لِيَأْخُذُوهُ وَجَادَلُوا بِالْبَاطِلِ لِيُدْحِضُوا بِهِ الْحَقَّ فَأَخَذْتُهُمْ فَكَيْفَ كَانَ عِقَابِ


Abantu baNowa baphika ngaphambilini kwabo kanye namaqembu emva kwabo futhi zonke izizwe zahlosa ukuphambana nesithunywa sazo ukuze zisibambe Futhi ziphikise ngamanga ukuze zenze ngawo iqiniso libe yize ngakho-ke ngabathatha sasinjani isijeziso sami.

6. وَكَذَلِكَ حَقَّتْ كَلِمَتُ رَبِّكَ عَلَى الَّذِينَ كَفَرُوا أَنَّهُمْ أَصْحَابُ النَّارِ


Futhi kanjalo laqiniseka izwi leNkosi yakho kulabo abangakholwanga ukuthi bona bangabangane bomlilo.

7. الَّذِينَ يَحْمِلُونَ الْعَرْشَ وَمَنْ حَوْلَهُ يُسَبِّحُونَ بِحَمْدِ رَبِّهِمْ وَيُؤْمِنُونَ بِهِ وَيَسْتَغْفِرُونَ لِلَّذِينَ آمَنُوا رَبَّنَا وَسِعْتَ كُلَّ شَيْءٍ رَحْمَةً وَعِلْمًا فَاغْفِرْ لِلَّذِينَ تَابُوا وَاتَّبَعُوا سَبِيلَكَ وَقِهِمْ عَذَابَ الْجَحِيمِ


Labo abathwele isihlalo sobukhosi kanye nalabo abasizungelezile, bagubha indumiso yeNkosi yakho futhi bakholelwa kuyona futhi bacelela labo abakholwayo intethelelo Nkosi yethu wengamele zonke izinto ngomusa nangolwazi ngakho-ke bathethelele labo abazisolayo futhi abalandela indlela yakho futhi baphephise esijezisweni sesihogo.

8. رَبَّنَا وَأَدْخِلْهُمْ جَنَّاتِ عَدْنٍ الَّتِي وَعَدْتَهُمْ وَمَنْ صَلَحَ مِنْ آبَائِهِمْ وَأَزْوَاجِهِمْ وَذُرِّيَّاتِهِمْ إِنَّكَ أَنْتَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ


Nkosi yethu bangenise ezivandeni zaphakade lezo owabathembisa zona kanye noma ngabe ngubani olungile phakathi kobaba babo namakhosikazi abo kanye nenzalo yabo, ngempela wena ungophakeme ngamandla onobuhlakani.

9. وَقِهِمُ السَّيِّئَاتِ وَمَنْ تَقِ السَّيِّئَاتِ يَوْمَئِذٍ فَقَدْ رَحِمْتَهُ وَذَلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ


Futhi bavikele ebubini futhi noma ngabe ngubani omvikelayo ebubini ngalolusuku ngempela unomusa kuyena futhi lokho kuyimpumelelo enkulu.

10. إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا يُنَادَوْنَ لَمَقْتُ اللَّهِ أَكْبَرُ مِنْ مَقْتِكُمْ أَنْفُسَكُمْ إِذْ تُدْعَوْنَ إِلَى الْإِيمَانِ فَتَكْفُرُونَ


Ngempela labo abangakholwanga bayobizwa “ngempela inzondo kaMvelinqangi yinkulu kakhulu kunenzondo yenu kunina uqobo ngenkathi nibizelwa enkolweni kepha nanenqaba.

11. قَالُوا رَبَّنَا أَمَتَّنَا اثْنَتَيْنِ وَأَحْيَيْتَنَا اثْنَتَيْنِ فَاعْتَرَفْنَا بِذُنُوبِنَا فَهَلْ إِلَى خُرُوجٍ مِنْ سَبِيلٍ


Bathi Nkosi yethu usenze ukuthi sife kabili futhi wasiphilisa kabili ngakho-ke siyazivuma izono zethu, ngakube ikhona yini indlela yokuphuma na?.

12. ذَلِكُمْ بِأَنَّهُ إِذَا دُعِيَ اللَّهُ وَحْدَهُ كَفَرْتُمْ وَإِنْ يُشْرَكْ بِهِ تُؤْمِنُوا فَالْحُكْمُ لِلَّهِ الْعَلِيِّ الْكَبِيرِ


Lokho kungenxa yokuthi ngenkathi uMvelinqangi emenyezwa yedwa anizange nikholwe kepha kwathi uma behlanganiswa naye abahlanganyeli nabe seniyakholwa ngakho-ke ukwehlulela kungokukaMvelinqangi ophakeme omkhulu.

13. هُوَ الَّذِي يُرِيكُمْ آيَاتِهِ وَيُنَزِّلُ لَكُمْ مِنَ السَّمَاءِ رِزْقًا وَمَا يَتَذَكَّرُ إِلَّا مَنْ يُنِيبُ


Nguyena onikhombisa izimpawu zakhe futhi onehlisela phansi isabelo esivela ezulwini futhi akekho okhumbulayo ngaphandle kwalowo ophendukayo.

14. فَادْعُوا اللَّهَ مُخْلِصِينَ لَهُ الدِّينَ وَلَوْ كَرِهَ الْكَافِرُونَ


Ngakho-ke bizani uMvelinqangi nibe qotho kuyena enkolweni yize noma ngabe bengakuthandi loko abangakholwa.

15. رَفِيعُ الدَّرَجَاتِ ذُو الْعَرْشِ يُلْقِي الرُّوحَ مِنْ أَمْرِهِ عَلَى مَنْ يَشَاءُ مِنْ عِبَادِهِ لِيُنْذِرَ يَوْمَ التَّلَاقِ


Uphakeme ngamazinga, umnikazi wesihlalo sobukhosi, wenza ukuthi umoya wehlele kulowo amthandayo ezincekwini zakhe ngempoqo yakhe ukuze axwayise ngosuku lokuhlangana.

16. يَوْمَ هُمْ بَارِزُونَ لَا يَخْفَى عَلَى اللَّهِ مِنْهُمْ شَيْءٌ لِمَنِ الْمُلْكُ الْيَوْمَ لِلَّهِ الْوَاحِدِ الْقَهَّارِ


Ngosuku abayovela ngalo, akukho lutho olwabo oluyofihleka kuMvelinqangi, ungokabani umbuso ngalolusuku na? ungokaMvelinqangi oyedwa umnqobi.

17. الْيَوْمَ تُجْزَى كُلُّ نَفْسٍ بِمَا كَسَبَتْ لَا ظُلْمَ الْيَوْمَ إِنَّ اللَّهَ سَرِيعُ الْحِسَابِ


Ngalolusuku yonke imiphefumulo izonikwa umvuzo ngalokho ekusebenzele angeke kwenziwe okungenabo ubulungiswa ngalolusuku, ngempela uMvelinqangi uyashesha ekubaleni.

18. وَأَنْذِرْهُمْ يَوْمَ الْآزِفَةِ إِذِ الْقُلُوبُ لَدَى الْحَنَاجِرِ كَاظِمِينَ مَا لِلظَّالِمِينَ مِنْ حَمِيمٍ وَلَا شَفِيعٍ يُطَاعُ


Futhi baxwayise ngosuku olusondelayo lapho izinhliziyo ziyobe zisemiphinjeni, abangalungile angeke babe nomngane futhi angeke babenomncengeli oyohlonishwa.

19. يَعْلَمُ خَائِنَةَ الْأَعْيُنِ وَمَا تُخْفِي الصُّدُورُ


Uyakwazi okungumkhohlisi wamehlo kanye naloko okufihlwa yisifuba.

20. وَاللَّهُ يَقْضِي بِالْحَقِّ وَالَّذِينَ يَدْعُونَ مِنْ دُونِهِ لَا يَقْضُونَ بِشَيْءٍ إِنَّ اللَّهَ هُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ


Futhi uMvelinqangi wehlulela ngeqiniso futhi labo abababizayo esikhundleni sakhe abehluleli lutho! Ngempela uMvelinqangi ungozwayo obonayo.