سورة الزخرف - Sûrah 43: Al-Zukhruf - ukuhlobisa

21. أَمْ آتَيْنَاهُمْ كِتَابًا مِنْ قَبْلِهِ فَهُمْ بِهِ مُسْتَمْسِكُونَ


Noma sabanikeza incwadi ngaphambilini kwayo bona ababambelele kuyona.

22. بَلْ قَالُوا إِنَّا وَجَدْنَا آبَاءَنَا عَلَى أُمَّةٍ وَإِنَّا عَلَى آثَارِهِمْ مُهْتَدُونَ


Kepha bathi, “ngempela thina safumana obaba bethu besendleleni futhi ngempela thina siholeleka ezinyathelweni zabo”.

23. وَكَذَلِكَ مَا أَرْسَلْنَا مِنْ قَبْلِكَ فِي قَرْيَةٍ مِنْ نَذِيرٍ إِلَّا قَالَ مُتْرَفُوهَا إِنَّا وَجَدْنَا آبَاءَنَا عَلَى أُمَّةٍ وَإِنَّا عَلَى آثَارِهِمْ مُقْتَدُونَ


Futhi kanjalo asizange ngaphambilini kwakho sithumele edolobheni (ebantwini) umxwayisi ngaphandle kokuthi abanothile balo bathi, “ngempela thina safumana obaba bethu besendleleni futhi ngempela nathi silandela ezinyathelweni zabo”.

24. قَالَ أَوَلَوْ جِئْتُكُمْ بِأَهْدَى مِمَّا وَجَدْتُمْ عَلَيْهِ آبَاءَكُمْ قَالُوا إِنَّا بِمَا أُرْسِلْتُمْ بِهِ كَافِرُونَ


Wathi “yize noma nginilethele ukuholwa okungcono kunalokho enabafumana kukona obaba benu? Bathi, “ngempela thina asikholelwa kulokho othunywe nako”.

25. فَانْتَقَمْنَا مِنْهُمْ فَانْظُرْ كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الْمُكَذِّبِينَ


Ngakho-ke saziphindisela kubona, bheka ukuthi sasinjani isiphetho sabaphikayo.

26. وَإِذْ قَالَ إِبْرَاهِيمُ لِأَبِيهِ وَقَوْمِهِ إِنَّنِي بَرَاءٌ مِمَّا تَعْبُدُونَ


Futhi khumbula ngenkathi u-Abrahamu ethi kuyise nakubantu bakubo, “Angihlangene nalokho enikukhonzayo,

27. إِلَّا الَّذِي فَطَرَنِي فَإِنَّهُ سَيَهْدِينِ


Ngaphandle kwalowo owangidala futhi ngempela uzongihola

28. وَجَعَلَهَا كَلِمَةً بَاقِيَةً فِي عَقِبِهِ لَعَلَّهُمْ يَرْجِعُونَ


Futhi wakwenza kwaba yigama eliseleyo ezizukulwaneni ukuze ziphenduke.

29. بَلْ مَتَّعْتُ هَؤُلَاءِ وَآبَاءَهُمْ حَتَّى جَاءَهُمُ الْحَقُّ وَرَسُولٌ مُبِينٌ


Kepha, ngabanika injabulo laba kanye naboyise kwaze kwaba yilapho befikelwa yiqiniso kanye nesithunywa esicacile.

30. وَلَمَّا جَاءَهُمُ الْحَقُّ قَالُوا هَذَا سِحْرٌ وَإِنَّا بِهِ كَافِرُونَ


Futhi kwathi lapho sebefikelwa yiqiniso bathi, “leli yilumbo futhi ngempela thina asikholelwa kulona”.

31. وَقَالُوا لَوْلَا نُزِّلَ هَذَا الْقُرْآنُ عَلَى رَجُلٍ مِنَ الْقَرْيَتَيْنِ عَظِيمٍ


Futhi bathi, “kungani ingembulwanga leQur’an emadodeni amakhulu amadolobha amakhulu.

32. أَهُمْ يَقْسِمُونَ رَحْمَتَ رَبِّكَ نَحْنُ قَسَمْنَا بَيْنَهُمْ مَعِيشَتَهُمْ فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَرَفَعْنَا بَعْضَهُمْ فَوْقَ بَعْضٍ دَرَجَاتٍ لِيَتَّخِذَ بَعْضُهُمْ بَعْضًا سُخْرِيًّا وَرَحْمَتُ رَبِّكَ خَيْرٌ مِمَّا يَجْمَعُونَ


Ngakube bona bayawuhlukanisa umusa weNkosi yakho, yithina esehlukanisayo phakathi kwabo ekuphileni kwabo empilweni yakulomhlaba futhi sabaphakamisa abanye babo ngaphezulu kwabanye ngamazinga ukuze abanye babo basebenzele abanye futhi umusa weNkosi yakho ungcono kunalokho abakuqoqela ndawonye.

33. وَلَوْلَا أَنْ يَكُونَ النَّاسُ أُمَّةً وَاحِدَةً لَجَعَلْنَا لِمَنْ يَكْفُرُ بِالرَّحْمَنِ لِبُيُوتِهِمْ سُقُفًا مِنْ فِضَّةٍ وَمَعَارِجَ عَلَيْهَا يَظْهَرُونَ


Futhi ukube abantu babengesisona isizwe esisodwa, ngempela sasizobenzela labo abangakholwa konomusa uphahla lwesiliva ezindlini zabo kanye nezitebhisi abanyuka ngazo.

34. وَلِبُيُوتِهِمْ أَبْوَابًا وَسُرُرًا عَلَيْهَا يَتَّكِئُونَ


Futhi okwezindlu zabo yiminyango kanye nemibhede abaphumula phezulu kwayo.

35. وَزُخْرُفًا وَإِنْ كُلُّ ذَلِكَ لَمَّا مَتَاعُ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَالْآخِرَةُ عِنْدَ رَبِّكَ لِلْمُتَّقِينَ


Nomhlobiso wegolide, futhi konke lokho kuyinjabulo yempilo yalomhlaba futhi impilo ezayo eNkosini yakho ngeyabagwema okubi.

36. وَمَنْ يَعْشُ عَنْ ذِكْرِ الرَّحْمَنِ نُقَيِّضْ لَهُ شَيْطَانًا فَهُوَ لَهُ قَرِينٌ


Futhi noma ngabe ngubani ofulathela isikhumbuzo sonomusa simvulela usathane ukuthi abe ngumngane wakhe.

37. وَإِنَّهُمْ لَيَصُدُّونَهُمْ عَنِ السَّبِيلِ وَيَحْسَبُونَ أَنَّهُمْ مُهْتَدُونَ


Futhi ngempela bona (osathane) bayabavimbela endleleni futhi bacabanga ukuthi bona bangabaholiwe.

38. حَتَّى إِذَا جَاءَنَا قَالَ يَا لَيْتَ بَيْنِي وَبَيْنَكَ بُعْدَ الْمَشْرِقَيْنِ فَبِئْسَ الْقَرِينُ


Kuze kube yilapho efika kuthina athi, “ukube nje phakathi kwami nawe bekunebanga lezimpumalanga ezimbili, ububi umngane omubi.

39. وَلَنْ يَنْفَعَكُمُ الْيَوْمَ إِذْ ظَلَمْتُمْ أَنَّكُمْ فِي الْعَذَابِ مُشْتَرِكُونَ


Futhi angeke kunisize namhlanje njengoba nenza okungenabo ubulungiswa ukuthi nina niyahlukaniselana esijezisweni.

40. أَفَأَنْتَ تُسْمِعُ الصُّمَّ أَوْ تَهْدِي الْعُمْيَ وَمَنْ كَانَ فِي ضَلَالٍ مُبِينٍ


Ngakube wena ungazenza yini izithuli ukuthi zizwe noma uhole izimpumputhe kanye noma ngabe ngubani osekudukeni okucacile.