سورة الدخان - Sûrah 44: Ad-Durhân - Intuthu
21. وَإِنْ لَمْ تُؤْمِنُوا لِي فَاعْتَزِلُونِ
Kepha uma ningangikholwa, ngakho-ke qhelelanani nami.
22. فَدَعَا رَبَّهُ أَنَّ هَؤُلَاءِ قَوْمٌ مُجْرِمُونَ
(UMose) wabe esebiza iNkosi yakhe ukuthi laba bangabantu abayizoni.
23. فَأَسْرِ بِعِبَادِي لَيْلًا إِنَّكُمْ مُتَّبَعُونَ
Ngakho-ke hamba nezinceku zami ebusuku ngempela nina nizolandelwa.
24. وَاتْرُكِ الْبَحْرَ رَهْوًا إِنَّهُمْ جُنْدٌ مُغْرَقُونَ
Futhi ushiye ulwandle lucwebile ngempela bona bayimpi ezominza.
25. كَمْ تَرَكُوا مِنْ جَنَّاتٍ وَعُيُونٍ
Zingaki izivande nemithombo abayishiya ngemumva.
26. وَزُرُوعٍ وَمَقَامٍ كَرِيمٍ
Kanye namasimu nezindawo ezinhle.
27. وَنَعْمَةٍ كَانُوا فِيهَا فَاكِهِينَ
Nobuntofontofo (bempilo) ababethokoza kubona.
28. كَذَلِكَ وَأَوْرَثْنَاهَا قَوْمًا آخَرِينَ
Kanjalo sabenza abanye abantu babayizindlalifa zawo (umhlaba).
29. فَمَا بَكَتْ عَلَيْهِمُ السَّمَاءُ وَالْأَرْضُ وَمَا كَانُوا مُنْظَرِينَ
Ngakho-ke izulu nomhlaba akuzange kubakhalele futhi abazange baphunyuzwe (abantu baFaro).
30. وَلَقَدْ نَجَّيْنَا بَنِي إِسْرَائِيلَ مِنَ الْعَذَابِ الْمُهِينِ
Futhi ngempela sabasindisa abantwana bakwa-Israyeli esijezisweni esidumazayo.
31. مِنْ فِرْعَوْنَ إِنَّهُ كَانَ عَالِيًا مِنَ الْمُسْرِفِينَ
KuFaro, ngempela yena wayephakeme phakathi kwabakhonza izithombe.
32. وَلَقَدِ اخْتَرْنَاهُمْ عَلَى عِلْمٍ عَلَى الْعَالَمِينَ
Futhi ngempela sabakhetha ngolwazi ngaphezulu kwemihlaba.
33. وَآتَيْنَاهُمْ مِنَ الْآيَاتِ مَا فِيهِ بَلَاءٌ مُبِينٌ
Futhi sabanika ezimpawini okunokulingwa okucacile kuzona.
34. إِنَّ هَؤُلَاءِ لَيَقُولُونَ
Ngempela laba bathi.
35. إِنْ هِيَ إِلَّا مَوْتَتُنَا الْأُولَى وَمَا نَحْنُ بِمُنْشَرِينَ
Akuyilutho lokho ngaphandle kokufa kwethu kokuqala futhi thina angeke sivuswe kwabafileyo.
36. فَأْتُوا بِآبَائِنَا إِنْ كُنْتُمْ صَادِقِينَ
Ngakho-ke lethani obaba bethu uma kungukuthi nina ningabaqinisileyo.
37. أَهُمْ خَيْرٌ أَمْ قَوْمُ تُبَّعٍ وَالَّذِينَ مِنْ قَبْلِهِمْ أَهْلَكْنَاهُمْ إِنَّهُمْ كَانُوا مُجْرِمِينَ
Ngakube bona bangcono noma abantu baseTubba kanye nalabo ababengaphambilini kwabo na? Sababhubhisa ngempela bona babeyizoni.
38. وَمَا خَلَقْنَا السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا لَاعِبِينَ
Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngokudlala.
39. مَا خَلَقْنَاهُمَا إِلَّا بِالْحَقِّ وَلَكِنَّ أَكْثَرَهُمْ لَا يَعْلَمُونَ
Asizange sikudale kokubili (amazulu nomhlaba) ngaphandle kweqiniso kepha iningi labo alazi.
40. إِنَّ يَوْمَ الْفَصْلِ مِيقَاتُهُمْ أَجْمَعِينَ
Ngempela usuku lokwahlulela yisikhathi esinqunyelwe bona bonke.