سورة الفتح - Sûrah 48: Al-Fath - ukunqoba

1. إِنَّا فَتَحْنَا لَكَ فَتْحًا مُبِينًا


Ngempela sakunika ukunqoba okucacile.

2. لِيَغْفِرَ لَكَ اللَّهُ مَا تَقَدَّمَ مِنْ ذَنْبِكَ وَمَا تَأَخَّرَ وَيُتِمَّ نِعْمَتَهُ عَلَيْكَ وَيَهْدِيَكَ صِرَاطًا مُسْتَقِيمًا


Ukuze uMvelinqangi akuthethelele lokho okwenzile okuyizono zakho zangaphambilini nezangemumva futhi afeze ububele bakhe kuwena futhi akuholele endleleni elungile.

3. وَيَنْصُرَكَ اللَّهُ نَصْرًا عَزِيزًا


Futhi akusize uMvelinqangi ngosizo olukhulu.

4. هُوَ الَّذِي أَنْزَلَ السَّكِينَةَ فِي قُلُوبِ الْمُؤْمِنِينَ لِيَزْدَادُوا إِيمَانًا مَعَ إِيمَانِهِمْ وَلِلَّهِ جُنُودُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَكَانَ اللَّهُ عَلِيمًا حَكِيمًا


Yena uyilowo owehlisela phansi ukuthula ezinhliziyweni zabakholwayo ukuze kunezeleleke ukholo kanye nokukholwa kwabo futhi angawaMvelinqangi amabutho amazulu nomhlaba futhi ngasosonke isikhathi uyazi unobuhlakani.

5. لِيُدْخِلَ الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا وَيُكَفِّرَ عَنْهُمْ سَيِّئَاتِهِمْ وَكَانَ ذَلِكَ عِنْدَ اللَّهِ فَوْزًا عَظِيمًا


Ukuze afake abesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo amifula, bayohlala lapho phakathi ingunaphakade futhi asuse kubona ububi babo futhi lokho kuMvelinqangi kuyimpumelelo enkulu.

6. وَيُعَذِّبَ الْمُنَافِقِينَ وَالْمُنَافِقَاتِ وَالْمُشْرِكِينَ وَالْمُشْرِكَاتِ الظَّانِّينَ بِاللَّهِ ظَنَّ السَّوْءِ عَلَيْهِمْ دَائِرَةُ السَّوْءِ وَغَضِبَ اللَّهُ عَلَيْهِمْ وَلَعَنَهُمْ وَأَعَدَّ لَهُمْ جَهَنَّمَ وَسَاءَتْ مَصِيرًا


Futhi ajezise abazenzisi besilisa nabazenzisi besifazane kanye nabesilisa abakhonza izithombe nabesifazane abakhonza izithombe, abacabanga ngoMvelinqangi imicabango emibi phezulu kwabo kunokubi (isijeziso esibi) futhi wabathukuthelela uMvelinqangi futhi wabaqalekisa futhi wabalungiselela isihogo futhi kubi lapho kuyiwa khona.

7. وَلِلَّهِ جُنُودُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَكَانَ اللَّهُ عَزِيزًا حَكِيمًا


Futhi ngawaMvelinqangi amabutho amazulu nomhlaba futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uphakeme ngamandla unobuhlakani.

8. إِنَّا أَرْسَلْنَاكَ شَاهِدًا وَمُبَشِّرًا وَنَذِيرًا


Ngempela thina sakuthumela njengofakazi nomlethi wezindaba ezinhle nanjengomxwayisi.

9. لِتُؤْمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَتُعَزِّرُوهُ وَتُوَقِّرُوهُ وَتُسَبِّحُوهُ بُكْرَةً وَأَصِيلًا


Ukuze nikholwe kuMvelinqangi nesithunywa sakhe nisilekelele futhi nisihloniphe futhi nimdumise (uMvelinqangi) ekuseni nantambama.

10. إِنَّ الَّذِينَ يُبَايِعُونَكَ إِنَّمَا يُبَايِعُونَ اللَّهَ يَدُ اللَّهِ فَوْقَ أَيْدِيهِمْ فَمَنْ نَكَثَ فَإِنَّمَا يَنْكُثُ عَلَى نَفْسِهِ وَمَنْ أَوْفَى بِمَا عَاهَدَ عَلَيْهُ اللَّهَ فَسَيُؤْتِيهِ أَجْرًا عَظِيمًا


Ngempela labo abakuthembisayo kuphela bathembisa uMvelinqangi, isandla sikaMvelinqangi singaphezulu kwezandla zabo, ngakho-ke noma ngabe ngubani owephula (isethembiso) kuphela usephulela ukulimala komphefumulo wakhe futhi noma ngabe ngubani ogcwalisekisa lokho akuthembisa uMvelinqangi ngakho-ke uyomnika umvuzo omkhulu.

11. سَيَقُولُ لَكَ الْمُخَلَّفُونَ مِنَ الْأَعْرَابِ شَغَلَتْنَا أَمْوَالُنَا وَأَهْلُونَا فَاسْتَغْفِرْ لَنَا يَقُولُونَ بِأَلْسِنَتِهِمْ مَا لَيْسَ فِي قُلُوبِهِمْ قُلْ فَمَنْ يَمْلِكُ لَكُمْ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا إِنْ أَرَادَ بِكُمْ ضَرًّا أَوْ أَرَادَ بِكُمْ نَفْعًا بَلْ كَانَ اللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرًا


Bayothi kuwena labo abasalela ngemumva abayizihlali zasogwadule “ingcebo yethu kanye nemindeni yethu eyasilibazisa ngakho-ke sicelele intethelelo” basho ngezilimi zabo lokho okungekho ezinhliziyweni zabo ithi, “ngakho-ke ngubani onganizuzela kuMvelinqangi okuthize uma ehlose ukunilimaza noma uma ehlose ngani inzuzo kepha ngasosonke isikhathi uMvelinqangi lokho enikwenzayo ukunakile.

12. بَلْ ظَنَنْتُمْ أَنْ لَنْ يَنْقَلِبَ الرَّسُولُ وَالْمُؤْمِنُونَ إِلَى أَهْلِيهِمْ أَبَدًا وَزُيِّنَ ذَلِكَ فِي قُلُوبِكُمْ وَظَنَنْتُمْ ظَنَّ السَّوْءِ وَكُنْتُمْ قَوْمًا بُورًا


Kepha nanicabanga ukuthi isithunywa kanye nabakholwayo abasoze baphindele emindenini yabo futhi kwenziwa kwabukeka kukuhle lokho ezinhliziyweni zenu futhi nacabanga umcabango omubi nabe seniba ngabantu abakhohlakele.

13. وَمَنْ لَمْ يُؤْمِنْ بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ فَإِنَّا أَعْتَدْنَا لِلْكَافِرِينَ سَعِيرًا


Futhi noma ngabe ngubani ongakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho-ke ngempela thina sabalungiselela abangakholwa (umlilo) ovuthayo.

14. وَلِلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ يَغْفِرُ لِمَنْ يَشَاءُ وَيُعَذِّبُ مَنْ يَشَاءُ وَكَانَ اللَّهُ غَفُورًا رَحِيمًا


Futhi bungobukaMvelinqangi ubukhosi bamazulu nomhlaba, uthethelela lowo amthandayo futhi ajezise lowo amthandayo, futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu.

15. سَيَقُولُ الْمُخَلَّفُونَ إِذَا انْطَلَقْتُمْ إِلَى مَغَانِمَ لِتَأْخُذُوهَا ذَرُونَا نَتَّبِعْكُمْ يُرِيدُونَ أَنْ يُبَدِّلُوا كَلَامَ اللَّهِ قُلْ لَنْ تَتَّبِعُونَا كَذَلِكُمْ قَالَ اللَّهُ مِنْ قَبْلُ فَسَيَقُولُونَ بَلْ تَحْسُدُونَنَا بَلْ كَانُوا لَا يَفْقَهُونَ إِلَّا قَلِيلًا


Bayothi labo abasalela ngemumva uma seniphuma niya ezimpangweni zempi ukuyozithatha, “sivumeleni sinilandele” bafuna ukuguqula inkulumo kaMvelinqangi ithi, “anisoze nasilandela kanjalo uMvelinqangi washo ngaphambilini” ngakho-ke bayothi, “qhabobo ninomona ngathi” kepha babengaqondi ngaphandle kokuncane.

16. قُلْ لِلْمُخَلَّفِينَ مِنَ الْأَعْرَابِ سَتُدْعَوْنَ إِلَى قَوْمٍ أُولِي بَأْسٍ شَدِيدٍ تُقَاتِلُونَهُمْ أَوْ يُسْلِمُونَ فَإِنْ تُطِيعُوا يُؤْتِكُمُ اللَّهُ أَجْرًا حَسَنًا وَإِنْ تَتَوَلَّوْا كَمَا تَوَلَّيْتُمْ مِنْ قَبْلُ يُعَذِّبْكُمْ عَذَابًا أَلِيمًا


Ithi kwabasalela ngemumva abayizihlali zasogwadule “niyobizelwa abantu abanamandla amakhulu ukuyolwa nabo noma bazinikele ngakho-ke uma nihlonipha uMvelinqangi uyoninika umvuzo omuhle kepha uma nifulathela njengoba nanifulathela ngaphambilini uyonijezisa ngesijeziso esibuhlungu.

17. لَيْسَ عَلَى الْأَعْمَى حَرَجٌ وَلَا عَلَى الْأَعْرَجِ حَرَجٌ وَلَا عَلَى الْمَرِيضِ حَرَجٌ وَمَنْ يُطِعِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ يُدْخِلْهُ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِنْ تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ وَمَنْ يَتَوَلَّ يُعَذِّبْهُ عَذَابًا أَلِيمًا


Akukho ukusolwa noma (icala) empumputheni futhi alikho koxhugayo futhi alikho icala nakogulayo, futhi noma ngabe ngubani ohlonipha uMvelinqangi kanye nesithunywa sakhe uyomfaka ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula futhi noma ngabe ngubani ophendukela emumva uyomjezisa ngesijeziso esibuhlungu.

18. لَقَدْ رَضِيَ اللَّهُ عَنِ الْمُؤْمِنِينَ إِذْ يُبَايِعُونَكَ تَحْتَ الشَّجَرَةِ فَعَلِمَ مَا فِي قُلُوبِهِمْ فَأَنْزَلَ السَّكِينَةَ عَلَيْهِمْ وَأَثَابَهُمْ فَتْحًا قَرِيبًا


Ngempela uMvelinqangi wawathokozela amakholwa ngenkathi ekuqinisekisa (ekuthembisa) ngaphansi kwesihlahla futhi wayekwazi lokho okusezinhliziyweni zawo ngakho-ke wayesehlisela phansi ukuthula phezulu kwawo futhi wawanika umvuzo wokunqoba okuseduze.

19. وَمَغَانِمَ كَثِيرَةً يَأْخُذُونَهَا وَكَانَ اللَّهُ عَزِيزًا حَكِيمًا


Futhi izimpango zempi abayozithatha ziningi futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani.

20. وَعَدَكُمُ اللَّهُ مَغَانِمَ كَثِيرَةً تَأْخُذُونَهَا فَعَجَّلَ لَكُمْ هَذِهِ وَكَفَّ أَيْدِيَ النَّاسِ عَنْكُمْ وَلِتَكُونَ آيَةً لِلْمُؤْمِنِينَ وَيَهْدِيَكُمْ صِرَاطًا مُسْتَقِيمًا


WanethembisauMvelinqangiizimpangoeziningieniyozithatha wabe esenisheshisela lokhu, futhi wazibamba izandla zabantu kunina futhi ukuze kube wuphawu kwabakholwayo futhi iniholele endleleni eqondile.